IMihlangano Yenkonzo Ka-December
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngo-December. Amabandla angenza ushintsho oludingekile ukuze kube nesikhathi sokuya eMhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso okuthatha imizuzu engu-30 okuyokwenziwa ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kwesimiso somhlangano wesigodi sosuku ngalunye kufanele kwabelwe kusengaphambili abazalwane abafanelekayo ababili noma abathathu abayokwazi ukugxila emaphuzwini avelele. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza ibandla ukuba likhumbule amaphuzu ayisihluthulelo angase asetshenziswe ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokuhlangenwe nakho kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala Ngo-December 5
INgoma 68
12 imiz: Izaziso zebandla neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni. Phawula isihloko esisodwa noma ezimbili ezikhangayo ezingaqokonyiswa lapho kuhanjiswa omagazini bamuva. Ummemezeli onekhono makenze umboniso, esebenzisa esinye sezihloko. Khumbuza bonke ebandleni ngesidingo sokuhlanganyela enkonzweni ekuqaleni kuka-December nokuqikelela ukuthi bafaka imibiko yabo ngaphambi kokuba baye eholidini noma emhlanganweni wesigodi. Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele babakhumbuze bonke abaseqenjini labo ngalokhu.
15 imiz: “Isibonelo Okufanele Sisilandele Ngokuseduze.” Imibuzo nezimpendulo.
18 imiz: “Mema Abanye Balandele Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke.” Xoxa nezilaleli. Hlela ukuba kube nemiboniso emibili emifushane. Gcizelela isidingo sokugcina imibhalo eqondile yendlu ngendlu; ubukeze kafushane ukuthi yikuphi ukwaziswa okufanele kubhalwe.
INgoma 153 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 12
INgoma 86
13 imiz: Izaziso zebandla nesithi IZindaba Ezingokwasezulwini. Umbiko wezimali, kuhlanganise nokubonga noma imiphi iminikelo. Nikeza ukusikisela okuthile kokuthi bangasabela kanjani lapho bebingelelwa ngendlela ehambisana namaholide ezwe.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso, ka-December 1990, ikhasi 6.
14 imiz: “Qaphelisisa Njalo Ukufundisa Kwakho.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Bukeza iziyalezo ‘zeSimiso Sesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini Sika-1995,’ uphawule noma iziphi izikhumbuzo ikakhulukazi ezidingwa ibandla.
18 imiz: “Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu.” Imibuzo nezimpendulo. Yenaba ngesidingo sokufika ngesikhathi emihlanganweni.—Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 1990, amakhasi 26-9.
INgoma 99 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 19
INgoma 78
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini phakathi nenkathi ezayo yamaholide. Sikisela izindlela zokuhambisa omagazini bamuva ensimini yebandla.
20 imiz: “Qaphelisisa Izwi Lesiprofetho.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo ngezigaba 1-8, kufanele sisingathwe umdala. Xoxani ngendlela engasetshenziswa ngayo imibhalo ekhonjiwe.
15 imiz: “Bakhuthaze Babe Abalandeli Bakhe.” Xoxa nezilaleli. Yiba nemiboniso emibili emifushane. Tusa ukuba bonke isonto ngalinye basebenzise isikhathi esithile senkonzo yasensimini ekwenzeni izimpindelo.
INgoma 22 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 26
INgoma 74
5 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngesithi “Ingabe Izikhathi Zemihlangano Yenu Zizoshintsha?” uma sifaneleka ebandleni lenu.
20 imiz: “Qaphelisisa Izwi Lesiprofetho.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo ngezigaba 9-13, kufanele sisingathwe umdala. Gcizelela ukubaluleka kokulungiselela, ukuba khona njalo, nokuhlanganyela eSifundweni Sencwadi Sebandla. Bonisa ukwazisa ngemfundo engokomoya, ebaluleke kakhulu ekusiqondiseni kulezizinsuku zokugcina.
10 imiz: Izidingo zebandla. Noma nikeza inkulumo ngesihloko esithi “Uyamsiza Yini Umntanakho Ukuba Akhethe UJehova?” esiku-Nqabayokulinda ka-October 1, 1994, amakhasi 26-30.
10 imiz: Lungiselela isipho sika-January. Isipho sencwadi siyoba ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Lungiselela intshumayelo engasetshenziswa lapho kuhanjiswa lencwadi endlini. Imiqondo yezintshumayelo ezingasetshenziswa ingatholakala encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 9-15. Ummemezeli onekhono makenze umboniso wentshumayelo.
INgoma 94 nomthandazo wokuphetha.