Ingxenye 2—Bonisa Ukubacabangela Abanye
1 Ngangokusemandleni ethu, sifuna ukulondoloza ubuhlobo obuhle nabantu abahlala emphakathini wethu. Lokhu kudinga ukuba sibonise ukucabangela kanye nokuhlonipha amalungelo kanye nemizwa yabo.
2 OFakazi BakaJehova bayaziwa ngemikhuba emihle. Kuye kwakhulunywa kahle kakhulu ngezindinganiso zethu zokuziphatha endaweni esihlala kuyo, esikoleni, endaweni yomsebenzi, nasemihlanganweni yethu.—Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 1989, ikhasi 20.
3 Yiqiniso, ukuziphatha okuhle kuhlanganisa izinto eziningi, ezinjengokwethembeka, inkuthalo, nokuba nesimilo. Kuhlanganisa nokuhlonipha izakhamuzi ezihlala endaweni eseduze kweHholo LoMbuso. Ukuziphatha kwethu kokwesaba uNkulunkulu kwezinye izici kungase kunganakwa uma sehluleka ukucabangela omakhelwane bethu. UPawulu wasikhuthaza ukuba ‘sihambe ngokufanele ivangeli.’—Fil. 1:27.
4 Ngezikhathi ezithile, izakhamuzi ezihlala eduze namaHholo OMbuso athile ziye zakhononda ngenxa yalokho ezinomuzwa wokuthi kuwukungacabangeli kwalabo abeza emihlanganweni. Abazalwane nodade kufanele bagweme ukuma izixukwana eceleni komgwaqo phambi kweHholo LoMbuso futhi bekhulumela phezulu kuze kuzwakale nasemizini eseduzane. Izingane akufanele zivunyelwe zigijime ziphuma zingena eHholo LoMbuso. Ukubhaklaza iminyango yezimoto noma ukushaya amahutha ngokungacabangeli kungabaphazamisa omakhelwane. Ukuziphatha ngalendlela akulimeleli kahle ibandla. Kubalulekile nokuba sigcine imithetho yomgwaqo lapho sishayela.—Roma 13:1, 2, 5.
5 Izimoto akufanele zipakwe ezindaweni ezinabaninizo noma lapho ziphazamisa khona ezinye izimoto noma zivimbe izindlela zokuhamba. Izindawo zokupaka zosomabhizinisi abazilungiselele amakhasimende abo akufanele zisetshenziswe ngaphandle kwemvume. Lapho kunamabandla amathathu noma amane asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, cishe imihlangano iba khona nsuku zonke, futhi lokhu kudinga ukubambisana okuseduze kwezindikimba zabadala.—Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1988, ikhasi 17, isigaba 13.
6 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘konke sikwenzele udumo lukaNkulunkulu,’ futhi lokho kuhlanganisa nokubonisa ukucabangela abantu bangaphandle. (1 Kor. 10:31-33) Uma ‘sibheka nokwabanye,’ ngeke ngokungacabangeli singene ezindaweni zabo. (Fil. 2:4) Siyogwema nokuphazamisa imisebenzi yebhizinisi labadayisi bendawo.
7 Ukubonisa ukubacabangela abanye—ngaphakathi nangaphandle kwebandla—kuyisibonakaliso sangaphandle salokho esikuzwayo ezinhliziyweni zethu. Lokho esikwenzayo nesikushoyo kufanele kubonise ukuthi ‘omakhelwane bethu sibathanda njengalokhu sizithanda thina.’—Math. 7:12; 22:39.