Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/95 k. 1
  • Ukubonga Ngalokho Esinakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonga Ngalokho Esinakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yibani Ngababongayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Ziboniseni Ningababongayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Bonisa Ukubonga
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 4/95 k. 1

Ukubonga Ngalokho Esinakho

1 “UNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi‚ siseyizoni‚ uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Yeka indlela okufanele sonke sikubonge ngayo ukuzidela okukhulu okwenziwa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe ngenxa yethu! Ngegazi likaKristu elachitheka, sinikezwa ithuba lokuphila okuphakade, okungekho muntu ongasinikeza khona.

2 Singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu? Kunabantu abaningi abomele ulwazi lweqiniso, olungatholakala eZwini likaNkulunkulu Elingcwele kuphela. Kuyintando kaJehova ukuba bafinyelele ulwazi lweqiniso. (1 Thim. 2:4) Sibonisa ukwazisa kwethu iqiniso ‘ngokushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu.’ (Luka 4:43) Ukuhlanganyela ngenhliziyo yonke kulomsebenzi kubonisa ukuthi siyakuqaphela ukuthi uKristu wasifela nokuthi sifuna ukumlingisa ngokulalela ngokwethembeka umthetho wakhe wokwenza abanye abafundi.—Math. 28:19, 20.

3 Yiziphi ezinye izindlela zokushumayela ezisivulekele? Ingabe kungenzeka ukuba njalo ngezikhathi ezithile sibhalise njengamaphayona asizayo? Ngemva kokubala izindleko, abanye bangase bakwazi ukungenela inkonzo yamaphayona avamile. Ngokusebenzisa ngokunenzuzo lamathuba amahle, singandisa isikhathi esisisebenzisa ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso. Esikhathini esidlule kungenzeka wake wakucabanga ukubhalisa, kodwa kwaba khona iziphazamiso. Mhlawumbe izimo zakho sezishintshile. Uma kunjalo, ingabe uke wacabanga ngokungathi sína ngokungenela inkonzo yamaphayona noma ukukhonza njengephayona elisizayo?

4 Ukubonga kwethu kujula ngokwengeziwe lapho sibheka lokho okwenzekayo endaweni esizungezile. Kunobudlova, inzondo, nokulwa okwandayo emhlabeni wonke. UPawulu wazichaza kahle izikhathi zethu ngokuthi ‘zibucayi’ futhi ‘kunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Sibhekene nalezizimo ezicindezelayo, sinezindaba ezinhle eziyintilibathwa zokuzihlanganyela nabanye. Sinomagazini ababili abahle, INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-April sizohambisa izikhokhelo zomagazini INqabayokulinda. Lapho abantu besenqaba lesisipho, singabashiyela omagazini ababili. Sinanezincwajana ezingangomagazini ezikhuluma ngezihloko eziningi. Lezizincwadi zingaletha ukuqabuleka kwangempela kulabo abazifundayo. Ukubonga ngenxa yalokho esinakho kufanele kusishukumisele ukuba singakugodli ekukuhlanganyeleni nabanye.—Heb. 13:16.

5 Kungenzeka ukuthi endaweni ohlala kuyo, abantu babonisa isithakazelo esincane ezintweni ezingokomoya. Ngokungafani nayo, akhona amasimu athelayo. Ensimini yabomdabu kunesithakazelo esikhulu. Uma ukwazi ukukhuluma olunye ulimi lwabomdabu, ingabe kungenzeka ukuba ukhonze endaweni ekulelizwe eludinga ngempela usizo lwakho? Umbonisi wenu wesifunda angase akunikeze ukusikisela okuthile ngokuphathelene nalokhu, noma ungase ubhalele ihhovisi legatsha.

6 Sinezizathu eziningi zokubonga ngalokho esinakho, insada yangempela yezinto ezinhle. Ukubonga kwethu uJehova kungabonakaliswa kangcono ngokwenza abanye bazi igama lakhe nezinjongo zakhe.—Isaya 12:4, 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela