Bonisa Ukubonga
1 Nakuba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ sinezizathu eziningi zokubonga uJehova. (2 Thim. 3:1) Esihamba phambili, isipho esiyigugu seNdodana yakhe. (Joh. 3:16) Ngaphezu kwalokho, nakuba labo abasenkolweni yamanga belamba ngokomoya, thina sijabulela insada yokudla okungokomoya. (Isaya 65:13) Siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke futhi sinelungelo eliyingqayizivele lokuhlanganyela ekunabisweni okujabulisayo kokukhulekela kweqiniso. (Isaya 2:3, 4; 60:4-10, 22) Singabonisa kanjani ukuthi siyambonga uJehova ngezibusiso asithululela zona?—Kol. 3:15, 17.
2 Inkonzo Eyinjabulo Neyomphefumulo Wonke: Lapho ekhuluma ngokupha ngezinto ezibonakalayo, umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Kor. 9:7) Lesi simiso siyasebenza nasenkonzweni yethu kuNkulunkulu. Ukubonga kubonakala ngomdlandla esinawo ngeqiniso, ngenjabulo yethu emihlanganweni yobuKristu, ngentshiseko enkonzweni yasensimini, nangokujabulela kwethu ukwenza intando kaNkulunkulu.—IHu. 107:21, 22; 119:14; 122:1; Roma 12:8, 11.
3 Kwa-Israyeli wasendulo, uMthetho wawunganqumi ukuba umuntu enze umnikelo ongakanani eminikelweni ethile. Umkhulekeli ngamunye wayengabonisa ukubonga kwakhe ngokuthi lokho akunikelayo ‘kulingane nesibusiso sikaJehova’ ayesitholile. (Dut. 16:16, 17) Ngokufanayo nanamuhla, inhliziyo egcwele ukubonga iyosishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ekushumayeleni ngoMbuso nasemsebenzini wokwenza abafundi, kuye ngezimo zethu. Abanye basebenzisa isikhathi samaholide lapho bevalile emsebenzini noma esikoleni ukuze bandise isikhathi abasichitha enkonzweni yasensimini, baze bathathe ubuphayona obusizayo.
4 Ukuchichima Ukubonga: Umthandazo indlela ebaluleke kakhulu esibonisa ngayo ukubonga uJehova. (1 Thes. 5:17, 18) IZwi likaNkulunkulu lisinxusa ukuba ‘sichichime ukholo ekubongeni.’ (Kol. 2:7) Ngisho nalapho simatasa kakhulu noma sicindezeleke kakhulu, kufanele njalo sihlanganise nokubonga emithandazweni yethu yansuku zonke. (Fil. 4:6) Yebo, ngenkonzo nangemithandazo yethu, kwangathi ‘singaceba ngezenzo eziningi zokubonisa ukubonga kuNkulunkulu.’—2 Kor. 9:12.