Lungiselelani ISikhumbuzo
Ingabe wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, usetsheliwe isikhathi esiqondile nendawo umkhosi ozoba kuyo? Ingabe isikhulumi siyaqaphela ukuthi isimiso akufanele seqe imizuzu engu-45?
Usekhona yini owabelwe ukuba athole izifanekiselo? (Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1990, amakhasi 16-18.) Ingabe asenziwe amalungiselelo okuba itafula lembozwe ngendwangu yetafula ehlanzekile futhi kube nezingilazi kanye namapuleti okwanele?
Ingabe asenziwe amalungiselelo okuhlanza iHholo LoMbuso ngaphambi nangemva komkhosi? Ingabe abalindi nabazohambisa izifanekiselo sebabiwe? Usube khona yini umhlangano wokuxoxa nabo ngemisebenzi yabo? Iyiphi inqubo ezolandelwa ukuze kuqikelelwe ukuthi bonke bayahanjiselwa?
Asenziwe yini amalungiselelo okusiza abazalwane nodade abakhulile ukuba babe khona? Uma bekhona abagcotshiwe okungenzeka bavalelekile futhi ngeke bakwazi ukubakhona, ingabe enziwe amalungiselelo okuba bahanjiselwe?