Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/89 kk. 1-4
  • Ukugujwa KweSikhumbuzo Sika-1989

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugujwa KweSikhumbuzo Sika-1989
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • SEBENZISA AMAPHEPHA ESIMEMO AKHETHEKILE
  • AMALUNGISELELO ADINGEKAYO
  • Ekulungiseleleni Isikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • “Yenzani Lokhu Ukuba Ningikhumbule”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Lungiselelani ISikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Silungiselele Kahle ISikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 3/89 kk. 1-4

Ukugujwa KweSikhumbuzo Sika-1989

1 ULwesithathu, ngoMarch 22, 1989, luyophawula umkhosi we-1,956 weSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Lapho senza amalungiselelo ethu okuba khona, sidinga ukucabanga ngabanye abangase badinge ukumenywa noma usizo lwethu siqu ngandlela-thile. Manje isikhathi sokuqala ukwenza amalungiselelo eSikhumbuzo nokucabanga ngokumema abanye.​—Siza ubheke isihloko esithi “Izinto Zokulungiselelwa ISikhumbuzo” ekhasini 4.

2 Sikubheka kanjani ukuba khona eSikhumbuzweni? Kufanele sikubheke njengelungelo nanjengethuba lokubonisa ukwazisa ngomnikelo kaKristu. Uma wazi ukuthi uyobe ungekho ebandleni lakini, qiniseka ngokuthi unalo ikheli leHholo LoMbuso lendawo oyobe uyivakashele ukuze ukwazi ukuba khona eSikhumbuzweni lapho.

SEBENZISA AMAPHEPHA ESIMEMO AKHETHEKILE

3 Ungase uqale ukusebenzisa amaphepha esimemo seSikhumbuzo akhethekile ekuqaleni kukaMarch. Khumbula, akumelwe asetshenziswe njengamapheshana kodwa kufanele anikezwe abantu abathakazelayo ngokuqondile. Ngenxa yokuthi abantu ngokuvamile bayazikhohlwa izinsuku nesikhathi, kusikiselwa ukuba sibhale ngokuhlanzekile noma sibhale ngomshini ikheli leHholo LoMbuso nesikhathi sokuqala komkhosi weSikhumbuzo ngezansi noma ngemva kwephepha lesimemo. Uma kunokwenzeka, chitha isikhashana nomuntu ommemayo ukuze umsize aqonde ngokucacile ukubaluleka kweSikhumbuzo. Abantu abasanda kuthakazela bangase babe manqikanqika ukuya eHholo LoMbuso behamba bodwa. Ingabe ungazenza utholakalele ukubalungiselela into yokuhamba noma uhlele ukubahlangabeza ngaphandle kweHholo? Lokhu kuyodinga isikhathi esengeziwe nomzamo, kodwa usizo lwakho luyokwaziswa. Futhi, kufanele kwenziwe umzamo okhethekile ukuze kusizwe labo asebeneminyaka belazi iqiniso kodwa abaye baba madolo-nzima ukuya emihlanganweni njalo.​—Luka 11:23; Joh. 18:37b.

AMALUNGISELELO ADINGEKAYO

4 Abadala bebandla bayofuna ukuqiniseka ngokuthi wonke amalungiselelo eSikhumbuzo enziwe ngokucophelela kusengaphambili. Qinisekani ngokukhetha abazalwane abafaneleka kahle ukuba badlulise izifanekiselo. Labazalwane kumelwe kube abadala noma izinceku ezikhonzayo, uma zikhona. Yibani nenani elanele labazalwane abalungiselele ukwenza lokhu ukuze ukudluliswa kwezifanekiselo kungathathi isikhathi ngokungadingekile. Ngemva kokuba abadlulisa izifanekiselo sebenikeze bonke labo abakhona, abadlulisa izifanekiselo bayohlala phansi ezihlalweni ezisemgqeni ongaphambili bese isikhulumi sibadlulisela izifanekiselo. Ekuphetheni, omunye wabo uyodlulisela isikhulumi.

5 Ngokudlula konyaka ngamunye, sisondela eduze kakhulu nosuku lapho iSidlo SeNkosi sakusihlwa singasayikugujwa khona. Abambalwa kakhulu kuphela uma kuqhathaniswa babafowabo bakaKristu abagcotshiwe abasasele. UJesu wayala ukuthi ukufa kwakhe kukhunjulwe kuze kube yilapho bonke abafowabo sebenaye eMbusweni. (Luka 22:19; 1 Kor. 11:25) Kuze kube yilesikhathi, siyohlangana ngokulalela nangokuthembeka unyaka ngamunye ukuze sigubhe iSikhumbuzo ngenjabulo enkulu kakhulu nokwazisa.

[Box on page 4]

Izinto Zokulungiselelwa Isikhumbuzo

(Bheka INqabayokulinda, kaFebruary 15, 1985 ikhasi 19.)

1. Ingabe bonke, kuhlanganise nesikhulumi, bazisiwe ngesikhathi esiqondile nendawo yomkhosi? Ingabe isikhulumi sinayo into yokusiyisa eHholo?

2. Ingabe enziwe amalungiselelo aqondile ukuze kutholakale izifanekiselo?

3. Ingabe enziwe amalungiselelo okuba othile aphathe indwangu yetafula ehlanzekile nenani lezingilazi ezidingekayo namapuleti?

4. Yimaphi amalungiselelo enziwe okuhlanza ihholo?

5. Ingabe abalindi nabokuhambisa izifanekiselo babelwe? Ingabe umhlangano ongaphambi kweSikhumbuzo usuhleliwe ukuze babukeze imisebenzi abazoyenza? Nini? Iyiphi inqubo eyolandelwa ukuze kuqinisekwe ukuthi bonke badluliselwe izifanekiselo ngokufanelekile?

6. Ingabe aseqediwe amalungiselelo okusiza abazalwane nodade abakhulile nabakhubazekile? Ingabe enziwe amalungiselelo okukhonza noma yibaphi abagcotshiwe okungenzeka ukuthi bakhubazekile futhi abakwazi ukuba khona eHholo LoMbuso?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela