Ibhokisi Lemibuzo
◼ Singazinikeza kanjani izimpendulo ezinhle emihlanganweni?
Sibheka phambili ekuhlanganeni ndawonye emihlanganweni yebandla yamasonto onke. Lapho siba nethuba lokubonisa ukholo lwethu nokukhuthaza abanye ngezimpendulo zethu. (IzAga 20:15; Heb. 10:23, 24) Kufanele sikubheke njengelungelo ukuphendula futhi silwele ukuhlanganyela njalo. Singakwenza kanjani lokhu ngokuphumelelayo?
Isinyathelo sokuqala ukulungiselela. Ukufunda nokuzindla ngendaba kusengaphambili kubalulekile. Zama ukuthola incazelo yalokho okushiwoyo. Nakuba kungenzeka ukuthi indaba kwake kwaxoxwa ngayo ngaphambili, bheka noma imaphi amaphuzu achazwe ngokuningiliziwe noma athuthukisiwe endabeni. Khumbula isihloko esikhulu sendaba. Lapho ulungiselela izimpendulo encwadini ehlaziya ngokujulile incwadi ethile yeBhayibheli, njengencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, zama ukubona ukuthi ivesi elithile lihlobana kanjani namavesi alizungezile. Ukulandela lokhu kusikisela kuyoshukumisa ikhono lakho lokucabanga. Kuyokusiza ukuba ulungiselele izimpendulo ezinhle futhi uthole injabulo ekuhlanganyeleni kwakho.
Izimpendulo ezinhle yilezo ezizwakalayo, ezishiwo ngendlela elula, futhi ezisekelwe encwadini efundwayo. Umuntu onikeza impendulo yokuqala kufanele aphendule umbuzo ngokuqondile, amanye amaphuzu awashiyele abanye abazophendula kamuva. Gwema izimpendulo ezinde, ezijikelezayo ezithatha isikhathi eside futhi zivimbele abanye ukuba nabo bahlanganyele. Phendula ngamazwi akho, kunokuba impendulo yakho uyifunde njengoba injalo encwadini. Izimpendulo ezenezelayo zingahlanganisa amaphuzu avezwa emiBhalweni ekhonjiwe. Lalelisisa kahle lokho okushiwo abanye ukuze ugweme ukuphinda into efanayo ngokungadingekile.
Kuhle ukuphakamisa isandla kaningana kodwa ungasiphakamisi kuzo zonke izigaba. Sikhuthaza intsha ukuba ihlanganyele ekuphenduleni. Uma umadolonzima ukuphendula, ungatshela umqhubi kusengaphambili ukuthi isiphi isigaba ongathanda ukuphendula kuso, ngokunokwenzeka uyokwazi ukukunikeza ithuba lokuba uphendule.
Sonke kufanele senze umzamo oqotho wokuba nokuthile kokukuhlanganyela emihlanganweni enengxenye yokuhlanganyela kwezilaleli. Khumbula, ukuphumelela kwaleyo mihlangano kuxhomeke kakhulu ekuzimiseleni kwethu nasezimpendulweni ezinhle.—IHu. 26:12.