Ingabe Sihlala Siphapheme—Sigwema Iziphazamiso?
1 UJesu waxwayisa: “Hlalani niphapheme, . . . ukuba niphumelele ekuphunyukeni” ezinhlekeleleni ezazizofika nakanjani. (Luka 21:36) Siphila esikhathini esinzima kakhulu emlandweni wesintu. Inhlekelele iyokwehlela labo abavumela ukozela ngokomoya. Lokhu kuyingozi kithi ngabanye. UJesu wabala ukudla, ukuphuza, nezinkathazo zokuphila kwansuku zonke. Ngani? Ngoba ngisho nazo lezi zinto zingasigcina simatasa, zibe iziphazamiso, futhi zibangele ukozela ngokomoya okuyingozi.
2 Iziphazamiso Ezivamile: Abanye baye baba matasa ngokuzijabulisa okweqile noma okungabazekayo, baze ngisho baba imilutha ye-TV. Yiqiniso, ukufuna uMbuso kuqala akusho ukuthi kufanele sigweme zonke izinhlobo zokuzijabulisa. Uma sisebenzisa ukulinganisela, ukuzijabulisa kungazuzisa. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:8.) Kodwa kuba isiphazamiso uma kuba into enkulu ekuphileni kwethu, kudle isikhathi sethu esiningi, amandla ethu, noma kuphazamise ukuhlanganyela kwethu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.
3 Esinye isiphazamiso esivamile esibangela ukozela ngokomoya isifiso sezinto ezibonakalayo ezingadingekile. Lokhu kudinga ukuba umuntu achithe isikhathi esengeziwe emsebenzini wokuziphilisa futhi kuminyanisa imigomo engokomoya. Abanye baye balahlekelwa umbono wemigomo engokomoya ngokugxila kakhulu ekuqongeleleni izinto ezibonakalayo ukuze bafinyelele indlela yokuphila ethokomele kakhudlwana. Nakuba sikudinga “okokuzisekela nokokuzimboza,” kumelwe siqaphele ukwakha uthando lwemali, olungasidukisa okholweni. (1 Thim. 6:8-10) Ngokuhluleka ukugcina amehlo ethu egxile ezithakazelweni zoMbuso, singadebeselela ukunakekela izidingo ezingokomoya zomkhaya wethu futhi sihluleke ukufeza inkonzo yethu.—1 Thim. 5:8; 2 Thim. 4:5.
4 Kanti abanye bavumela ‘izinhliziyo zabo zisindwe izinkathazo zokuphila’ kuze kube sezingeni lokulala ngokomoya. (Luka 21:34) Ngezinye izikhathi, inkathazo ibangelwa izinkinga zempilo noma izimo zomkhaya ezicindezelayo. Kodwa izinto ezinjalo ezikhathazayo zomuntu siqu akumelwe zivunyelwe ukuba zisenze singasiqapheli ngokugcwele isiphelo esisondela ngokushesha salesi simiso sezinto.—Marku 13:33.
5 Akukho okungajabulisa uDeveli ngaphezu kokuba aphumelele ukusenza sibe sesimweni sokuphupha, siphishekela amanye amaphupho alelizwe. Kumelwe silwe ukuze sizigcine siphapheme ngokomoya. Siyazi ukuthi ‘usuku lukaJehova luza njengesela,’ futhi kubalulekile ukuba “sihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.” (1 Thes. 5:2, 6) Uma sibona izimpawu zokozela kithi, kuyaphuthuma ukuba ‘silahle imisebenzi yobumnyama.’—Roma 13:11-13.
6 Usizo Lokusenza Sihlale Siphapheme: Yiluphi lolo sizo? Umthandazo ubalulekile. Kufanele sithandaze singaphezi. (1 Thes. 5:17) Ukusondelana nebandla lobuKristu ‘kuyovuselela uthando nemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24) Ukuzihlola njalo, nangokwethembeka kungasisiza kusigcine siphaphamele isidingo sethu sokunqoba ubuthakathaka. (2 Kor. 13:5) Imikhuba emihle yesifundo somuntu siqu iyosigcina ‘sondliwa ngamazwi okholo.’ (1 Thim. 4:6) Uma sikhuthele, singaqiniseka ukuthi siyokwazi ukugwema iziphazamiso, ‘sihlale siphapheme, sime siqinile okholweni.’—1 Kor. 16:13.