Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/95 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 2
  • Isonto Eliqala Ngo-October 9
  • Isonto Eliqala Ngo-October 16
  • Isonto Eliqala Ngo-October 23
  • Isonto Eliqala Ngo-October 30
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 10/95 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Isonto Eliqala Ngo-October 2

INgoma 149

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni.

15 imiz: “Mdumise Ngaso Sonke Isikhathi UJehova.” Imibuzo nezimpendulo. Gcizelela ukusetshenziswa kwemiBhalo ekhonjiwe necashuniwe.

20 imiz: “Hambisa Izikhokhelo Ngazo Zonke Izikhathi.” Xoxa ngamaphuzu ayinhloko, bese ubukeza izihloko ezingase zisetshenziselwe ukwenza abantu babe nesithakazelo esikhokhelweni. Makube nemiboniso emibili noma emithathu yezintshumayelo. Hambisa omagazini ababili lapho isikhokhelo singamukelwa. Qikelela ukuba wazise ibandla ngoSuku Lukamagazini lwalenyanga bese ubamema bonke ukuba bahlanganyele kulo.

INgoma 153 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 9

INgoma 131

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

20 imiz: “Umhlangano Wesigodi ‘Wabadumisi Abajabulayo’ Ka-1995.” Kuhlanganiswe izigaba 1-16 ngemibuzo nezimpendulo.

15 imiz: “Ingabe Sihlala Siphapheme—Sigwema Iziphazamiso?” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, nikeza ukukhulumela okwengeziwe okusekelwe ku-Nqabayokulinda ka-May 1, 1992, amakhasi 20-2.

INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 16

INgoma 120

10 imiz: Izaziso zebandla. Donsela ukunakekela encwajaneni ethi Good News for All Nations, enikeza izintshumayelo zasendlini ngendlu ngezilimi ezihlukahlukene ezingu-59. Khuthaza ukuba isetshenziswe lencwajana lapho ensimini sihlangana nabantu abakhuluma olunye ulimi.

20 imiz: “Umhlangano Wesigodi ‘Wabadumisi Abajabulayo’ Ka-1995.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 17-28 ngemibuzo nezimpendulo. Bukeza esithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi.” Uma isikhathi sivuma, bukeza imininingwane efanele kwesithi “Ukwenziwa Lula KoMhlangano Wesigodi Ka-1995,” esiku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995.

15 imiz: “Ukwenza Izimpindelo Sinenjongo.” Xoxani ngemigomo yethu yokwenza izimpindelo. Hlela ukuba abamemezeli abanekhono benze imiboniso emibili ehlukahlukene.

INgoma 130 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 23

INgoma 100

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.

15 imiz: “Siyalidinga Ibandla.” Imibuzo nezimpendulo.

20 imiz: Qondisa Abanesithakazelo Enhlanganweni. Umbonisi wenkonzo uba nengxoxo nabamemezeli ababili noma abathathu, esebenzisa incwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke. Chaza ukuthi kungani kuzuzisa ukwenza abantu abathakazelayo bazi indlela inhlangano esebenza ngayo, indlela imisebenzi ehlukahlukene ehlelwa ngayo, nokuthi bona bangahileleka kanjani. Bukeza amaphuzu aqala ekhasini 14 no-15 kwesithi “Imihlangano Yokuvusa Uthando Nemisebenzi Emihle.” Kafushane iqembu libonisa indlela lokhu kwaziswa okungahlanganiswa ngayo engxoxweni empindelweni noma esifundweni seBhayibheli ukuze kusizwe umuntu othakazelayo aqaphele isidingo sokuba khona kuyo.

INgoma 126 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 30

INgoma 159

10 imiz: Izaziso zebandla. Njengoba kuzoba namaholide ezwe ngo-December, khuthaza bonke ukuba bacabangele ukubhalisa njengamaphayona asizayo. Gcizelela isidingo sokuba bonke bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ngokushesha ukuze unobhala ayithumele ngesikhathi eNhlanganweni.

15 imiz: Wake Wazama Ukuya Kubantu Obatshelwe Abanye? Inkulumo. Abanye abamemezeli baye bakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezintsha ngalendlela: Ngemva kokufunda isikhathi esithile nomuntu othakazelayo, bayambuza lowo muntu ukuthi ukhona yini amaziyo kubangane bakhe, izihlobo, noma abantu ajwayelene nabo ongase abe nesithakazelo esifundweni seBhayibheli. Ngokuvamile banikezwa amagama amaningana. Buza ukuthi ungalisebenzisa yini igama lakhe lapho uhambela laba bantu. Lapho ubahambela ungase uthi: “US’banibani ukujabulele kakhulu ukufunda iBhayibheli kangangokuba ucabange ukuthi nawe ungakuthanda ukuzuza esimisweni sethu sesifundo seBhayibheli samahhala.” Lokhu kungakwenza ube nohlu oluhle lwezimpindelo ezingase zithuthukele ekubeni izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo. Hlanganisa okuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili kwabamemezeli abaye bathola abantu abathakazelayo noma baqala izifundo ngalendlela.

20 imiz: Ukuhambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki Nencwadi Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu Ngo-November. Bukeza izici ze-Nguqulo Yezwe Elisha ezisencwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 91-5. Funda “Incazelo,” echaza ukuthi kungani yanyatheliswa. Phendula lemibuzo: Lenguqulo yayisekelwephi? Obani ababengabahumushi? Ingabe ngempela iyinguqulo eya ngobufundiswa? Kungani igama elithi Jehova lisetshenziswa emiBhalweni YamaKristu YesiGreki? Yibe usuchaza ukuthi kungani singabonga ngokuba nalenguqulo. (Bheka incwadi ethi “Yonke ImiBhalo,” ikhasi 331, izigaba 22 no-23.) Ummemezeli onekhono makenze umboniso omfushane esebenzisa iphuzu elilodwa noma amabili asezigabeni 2-4 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, ikhasi 367. Bakhumbuze bonke ukuba bazitholele ezabo ukuze bazisebenzise enkonzweni kuleli sonto.

INgoma 138 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela