IBhokisi Lemibuzo
◼ Kufanele kubhalwe kanjani ukwaziswa okuphathelene noFakazi BakaJehova ebhukwini lezingcingo lomphakathi?
Kuphawuleké ukuthi kunezindlela ezihlukene kakhulu okubhalwa ngazo ukwaziswa okuphathelene noFakazi BakaJehova emabhukwini ezingcingo. Ezinye zazo ziyadida ngempela, kanti ezinye azinikezi ukwaziswa okwanele. Kubalulekile ukuba kubhalwe ngendlela ecacile ebhukwini lezingcingo, kwenze kube lula ngabathakazelayo nabafowethu ukuthintana nebandla lendawo.
Nakhu ukuhlelwa okutuswayo: Jehovah’s Witnesses, (iDolobha elikhulu noma elincane), kulandele ikheli leHholo LoMbuso kanye nenombolo yocingo.
Emadolobheni anamabandla angaphezu kwelilodwa, situsa okulandelayo: Jehovah’s Witnesses, (iDolobha), bese kubhalwa ngokulandelana kwama-alfabhethi igama, ikheli leHholo LoMbuso, kanye nenombolo yocingo yebandla ngalinye lendawo.