Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/01 kk. 5-6
  • Ukufakaza Ngocingo Okuphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufakaza Ngocingo Okuphumelelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufakaza Ngocingo Kungaphumelela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Simi Emnyango Noma Ngocingo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 2/01 kk. 5-6

Ukufakaza Ngocingo Okuphumelelayo

1 Umgomo wethu njengoFakazi BakaJehova awukona nje ukuhlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle kodwa futhi uwukufinyelela wonke umuntu esingamfinyelela ngesigijimi soMbuso. (IzE. 10:42; 20:24) Nakuba umsebenzi wendlu ngendlu ulokhu uyindlela eyinhloko yokufinyelela abantu, siyaqaphela ukuthi asibatholi bonke abantu ngisho nangale ndlela ehlelekile. Ngakho ukuze ‘siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu,’ sisebenzisa ezinye izindlela—ezihlanganisa ukufakaza ngocingo—ukuze sithole abantu abanjengezimvu.—2 Thim. 4:5.

2 Ezindaweni eziningi, abantu bahlala ezindlini ezivikeleke kangangokuthi akungeneki kuzo, bahlala ezindaweni ezihlala imikhaya eminingi, noma ezindaweni ezinamasango okungangeneki kuwo, lapho kunzima khona ukuhlanganyela endleleni yethu evamile yokufinyelela abantu endlini ngendlu. Ngisho nasemasimini lapho singasebenza khona endlini ngendlu, inani elikhulu labantu alikho emakhaya. Nokho, abamemezeli abaningi bayaphumelela ekufinyeleleni laba bantu ngocingo.

3 Ingabe uyangabaza ukuhlanganisa ukufakaza ngocingo enkonzweni yakho? Omunye umzalwane uyavuma: “Angikuthandi ukushayelwa umuntu ucingo engidayisela, ngakho nami angizwani nalolu hlobo lokufakaza.” Nokho, ngemva kokushaya ucingo kabili, wathi: “Ngikuthanda kabi! Angikaze ngicabange nanini ukuthi kungenzeka, kodwa ngiyakuthanda! Abantu bakhululekile ocingweni, futhi yonke into oyidingayo isuke iphambi kwakho. Lokhu kuphumelela kakhulu!” Udade othile wasabela ngendlela efanayo: “Kwakungangithakazelisi ngempela ukufakaza ngocingo. Uma ngikhuluma iqiniso, ngangingafuni ukukwenza. Kodwa ngakuzama ngakuthola kuphumelela kakhulu. Nginezimpindelo ezingu-37 engizithole ngokufakaza ngocingo nezifundo eziningi esezingehlula!” Uma uzimisele ukuzama ukufakaza ngocingo, nawe ungaphumelela.

4 Ukuhlelela Ukufakaza Ngocingo: Umsebenzi wokushumayela webandla uqondiswa umbonisi wenkonzo. Indikimba yabadala ingase ikhethe ukumisa omunye umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo ukuba isebenze naye eduze ekuhleleni ukufakaza ngocingo, kuye ngokwesidingo. Umzalwane onakekela amasimu naye kufanele ahileleke, ngoba nguye oyokwaba amasimu futhi awagcine enemininingwane yamuva. Ngokufanayo, umbonisi wesifunda uyoba nesithakazelo ekuthuthukeni kwalolu hlelo.

5 Uma kunezindawo ensimini yenu okungangeneki kuzo ngokufakaza endlini ngendlu, kufanele kulungiselelwe amasimu ocingo. Umzalwane owabelwe kufanele ngokucophelela enze uhlu lwamakheli okufanele ashintshelwe emasimini anjalo, futhi kufanele agcinwe emancane ukuze asetshenzwe njalo. Wonke amabalazwe ensimu analezo zingxenye kufanele abekwe uphawu olubonisa ukuthi leyo ngxenye ekhethiwe ihlelelwe ukufakaza ngocingo.

6 Ungazithola kuphi izinombolo zocingo? Lokhu kungase kube inselele. Amanye amabandla enza uhlu lwezinombolo zocingo ngokusebenzisa i-telephone directory evamile. Uma isakhiwo okungangeneki kuso sinohlu lwaso lwezingcingo, mhlawumbe ungase uzithole khona izinombolo. Ngaphandle kwalokho, kungase kwenzeke ukwazi ukukopisha amagama abantu abahlala khona encwadini etholakala endaweni yokwamukela izivakashi bese ubheka izinombolo encwadini yocingo evamile. Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa yiphi indlela yokuthola izinombolo zocingo, qiniseka ukuthi ingokomthetho. Uma inombolo uyithole kumakhelwane noma komunye umuntu, ungase ufune ukusebenzisa ukuqapha ekuvezeni ukuthi uyitholephi.

7 Abadala bangase babonise isithakazelo esiqotho kulo msebenzi ngokuba bahlele ukuba labo abanokuhlangenwe nakho ekufakazeni ngocingo baqeqeshe abanye, mhlawumbe ngohlelo lwaMaphayona Asiza Abanye. Ngezikhathi ezithile, kungase kusetshenziswe inkulumo yezidingo zebandla eMhlanganweni Wenkonzo ukuze kuboniswe ukuphumelela kwalesi sici sokufakaza.

8 Lapho abadala benza ukuhambela kokwalusa kwabagogekile noma ababuthakathaka, bangase bakuphaphamele ukubakhuthaza laba ukuba bahlanganyele ekufakazeni ngocingo. Mhlawumbe umdala angase ashaye ucingo izikhathi ezimbalwa ummemezeli ebukele. Ngemva kwalokho-ke ummemezeli angase anikwe ithuba lokushaya ucingo. Abaningi abaye baqala ngale ndlela bachitha imizuzu embalwa usuku ngalunye kulo msebenzi, futhi bawuthanda ngempela.

9 Amaphuzu Asikiselwe Ukuze Uphumelele: Lapho uJesu ethuma abaphostoli bakhe ukuba bashumayele, ‘wabathuma ngababili.’ (Luka 10:1) Ngani? Wayazi ukuthi uma besebenza ndawonye bayofunda komunye nomunye futhi bakhuthazane. Kungokufanayo ngokufakaza ngocingo. Ngokusebenza ngababili, ningafunda komunye nomunye, nixoxe ngemiphumela futhi nisikisele okuthile ngengxoxo elandelayo. Ngisho naphakathi nokushaya ucingo, ningasizana ekutholeni ukwaziswa okuqondile. Kutuswa ukuba abamemezeli basebenze ngababili lapho befakaza ngocingo njengoba nje kwenzeka lapho sifakaza ngendlela evamile yendlu ngendlu.

10 Ukuze ukwazi ukucabanga ngokuhleleka futhi ugxilise ingqondo, hlala lapho ongase uzibeke khona phambi kwakho izincwadi zakho zokushumayela—iBhayibheli, incwadi Ukubonisana, incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, omagazini nezinye. Bhala phansi izintshumayelo ezithile, uzibeke lapho ungakwazi ukuzibona khona. Kulungele ukugcina umbhalo onembile nophelele, ohlanganisa usuku nesikhathi ukuze wazi ukuthi kufanele usilandelele nini isithakazelo esitholakele.

11 Abantu bayethuka lapho bezwa izwi abangalazi ocingweni. Ngakho yiba nomusa, ube nobungane futhi usebenzise ukuhlakanipha. Umninikhaya usizwa yizwi lakho kuphela ukuze aqonde ubuntu nobuqotho bakho. Khululeka futhi ukhulume ngokusuka enhliziyweni. Khuluma ngokunensa nangokucacile futhi uphakamise izwi ukuze akuzwe. Mnike ithuba lokukhuluma umninikhaya. Sebenzisa igama lakho eligcwele, futhi usho ukuthi uhlala kuyo le ndawo. Asifuni abantu bacabange ukuthi singabantu abathengisa ngocingo. Kunokuba uthi ushayela bonke abahlala esakhiweni esithile, yenza ukushaya kwakho ucingo kuqondane naye.

12 Izintshumayelo Zocingo: Izingeniso eziningi ezisemakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana zingafanelaniswa nokufakaza ngocingo. Ungase uthi: “Ngikushayela ucingo ngoba anginandlela yokuza ngikubone mathupha. Injongo yokukushayela iwukuba ngithole umbono wakho embuzweni othakazelisa kakhulu.” Bese usho umbuzo.

13 Intshumayelo yokuqala ngaphansi kwesihloko esithi “Ubugebengu/Ukuphepha” ingasetshenziswa ngale ndlela: “Sawubona. Igama lami ngingu _____. Ngingumuntu wakule ndawo. Ngifuna ukukuqinisekisa ukuthi angidayisi futhi angiyona inhloli. Ngikushayela ngoba ngikhathazekile ngendaba yokuphepha komuntu ngamunye. Kunobugebengu obuningi obusizungezile, futhi buthinta ukuphila kwethu. Ucabanga ukuthi siyofika isikhathi lapho abantu abanjengawe nami beyokwazi ukuhamba emgwaqweni ebusuku futhi bazizwe bephephile? [Mvumele aphawule.] Ake ngikufundele lokho uNkulunkulu athembisa ukukwenza.”

14 Ukusebenzisa indlela eqondile yokusikisela izifundo zeBhayibheli ocingweni iye yaba nemiphumela emihle. Ngemizuzu embalwa ungase umbonise indlela yokuqhuba isifundo. Sikisela ukumvakashela ekhaya umninikhaya ukuze niqhubeke nesifundo, noma uma engabaza, sikisela ukuqhubeka nesifundo ngocingo ngolunye usuku.

15 Lapho uphetha ingxoxo, yiba nokuthile engqondweni okungaholela ekuvakasheleni lowo muntu emzini wakhe noma ekumthumeleleni incwadi ngeposi. Uma umuntu engabaza ukukunika ikheli lakhe, sikisela ukuphinde umshayele ucingo. Kungase kusho ukumshayela ucingo kaningana ngaphambi kokuba azizwe ekhululeke ngokwanele ukuba akumemele ekhaya.

16 Ukuthatha Isinyathelo Kuqala: Udade oneminyaka engu-15 ubudala waqala inkonzo yakhe yasekuseni ngokushaya ucingo. Wakhuluma nowesifazane owavuma ukwamukela incwadi Ulwazi. Lapho lo dade eletha incwadi kulo muzi, lona wesifazane wabuza ukuthi wayeyitholephi inombolo yakhe yocingo, njengoba yayingekho encwadini yezinombolo zocingo. Udade wayeyishaye ngephutha! Lona wesifazane wasamukela isifundo futhi manje usengummemezeli ongabhapathiziwe.

17 Udade othile wanikezwa insimu yocingo kodwa akazange ayisebenze amasonto amathathu ngoba enovalo. Yini eyamnika isibindi sokuyiqala? Wakhumbula isihloko se-Phaphama! ka-January 22, 1997, esithi “Lapho Ngibuthakathaka, Kulapho-ke Nginamandla.” Yayikhuluma ngoFakazi owayeshumayela ngocingo naphezu kobuthaka emzimbeni. Lo dade wathi: “Ngathandaza kuJehova ngacela amandla. Ngacela ukuba anginike amazwi afanelekayo okwethula intshumayelo yami.” Yaba yini imiphumela ngosuku lwakhe lokuqala lokufakaza ngocingo? Uyabika: “UJehova wawuphendula umthandazo wami. Abantu bangilalela, futhi ngahlela impindelo.” Kamuva ukushumayela kwakhe ngocingo kwaphumela esifundweni seBhayibheli. Uyaphetha: “UJehova usephinde wangifundisa ukuba ngingazethembi mina kodwa ngithembele kuye.”—IzAga 3:5.

18 Ukwethula iqiniso ngocingo kuye kwaba indlela ephumelelayo yokushumayela izindaba ezinhle. Lungiselela kahle, futhi uhlanganyele ngenhliziyo yonke. Ungadumali uma ungakutholi ukusabela okuhle emizamweni embalwa yokuqala. Thandazela isiqondiso sikaJehova, futhi uqhathanise amaphuzu nabanye abashumayela ngale ndlela ethakazelisayo. Kwangathi singayifeza ngokungashwampuluzi inkonzo yethu sinomuzwa wokuphuthuma nangesifiso sokungashiyi muntu ensimini yethu.—Roma 10:13, 14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela