Ukufeza Isifungo Sethu Imihla Ngemihla
1 Umhubi uDavide washukumiseleka ukuba athi kuJehova: “Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube-phakade, ukuze ngigcwalise [izifungo, NW] zami imihla ngemihla.” (IHu. 61:8) UDavide wayazi ukuthi ukwenza isifungo kuyindaba yokuzithandela ngokuphelele. Nokho, waqaphela nokuthi uma enza isifungo, wayenesibopho sokusifeza. Nakuba kunjalo, wamdumisa uJehova ngethuba lokufeza izifungo zakhe imihla ngemihla.
2 Lapho sizinikezela kuJehova, senza isifungo ngokuzithandela sokuthi sizoyenza intando yakhe. Sazidela futhi senza ukuba ukukhonza uJehova kube yinto eyinhloko esiyiphishekelayo ekuphileni. (Luka 9:23) Ngakho, nathi kufanele sizifeze izifungo zethu imihla ngemihla. (UmSh. 5:4-6) Ukuvuma kwethu kwasobala esakwenza ngesikhathi sobhapathizo lwamanzi kufanele kubonakale kuyo yonke indlela yethu yokuphila, njengoba sazi ukuthi “ngomlomo umuntu uvuma obala kube insindiso.” (Roma 10:10) Lokhu kuhlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle. (Heb. 13:15) Izimo zomuntu siqu ziyehlukahluka, kodwa mihla yonke sonke singahlala sicabanga ngokubaluleka kokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye.
3 Yenza Amathuba Okushumayela Nsuku Zonke: Ukuhlanganyela izindaba ezinhle nothile kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Ukuze sikwenze yonke imihla, kufanele senze amathuba okushumayela noma nini lapho izimo zivuma. Labo abaye bathatha isinyathelo kuqala sokufakaza ngokwethukela kubantu emsebenzini noma esikoleni nakomakhelwane noma kwabanye abantu abahlangana nabo nsuku zonke, baye baba nokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Ngisho nokubhala izincwadi noma ukusebenzisa ucingo kungaba izindlela zokufakaza kwabanye. Ukuzisebenzisa ngokunenzuzo zonke lezi zindlela kanye nokubekela eceleni isikhathi sokufakaza njalo endlini ngendlu nokwenza izimpindelo kungaholela enjabulweni ekhethekile ebangelwa ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya. Yebo, singakwazi ukwakha amathuba okushumayela imihla ngemihla.
4 Udade waqala ukufunda incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke ngesikhathi sakhe sekhefu emsebenzini. Wamema umuntu asebenza naye ukuba afunde naye itekisi losuku, futhi lokho ngokushesha kwaholela esifundweni seBhayibheli nalona wesifazane. Babefunda isigamu sehora usuku ngalunye, izinsuku ezinhlanu zesonto. Omunye ababesebenza naye wasiqaphela isifundo sabo sansuku zonke. Kamuva waziveza ukuthi wayengumzalwane opholile. Eshukunyiswa intshiseko kadade, waxhumana nomdala ukuze aphinde avuselelwe. Lodade waba nethonya ekuphileni kwabantu ababili ngenxa yokuphikelela efeza isifungo sakhe imihla ngemihla.
5 Lapho sishukunyiswa inhliziyo echichima ukwazisa ngazo zonke izinto ezinhle uJehova asenzele zona, usuku ngalunye senza konke okusemandleni ukuba sifeze isifungo sokuzinikezela kwethu, siyothola injabulo nokwaneliseka. Njengomhubi, singasho ukuthi: “Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube-phakade.”—IHu. 86:12.