Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile
1 Isimiso sosuku lomhlangano okhethekile esizoqala ngo-September sizoba nesihloko esithi “Yibani Abantu Abafundiswa UJehova.” (Joh. 6:45) Ukufundisa kwaphezulu okuvela kuJehova kusisiza ukuba siphile ukuphila okwanelisayo ngempela. Kwakha ngaphakathi kithi ukwazisa okujulile ngefa lethu elingokomoya. Imizamo yethu yokusiza abanye bezwe izindaba ezinhle isenza sibe amalungu awusizo omphakathi. Lolu suku lomhlangano okhethekile luzoqokomisa izibusiso ezijatshulelwa abantu abafundiswa uJehova.
2 Lesi simiso sizoqhathanisa izinzuzo zokufundisa kwaphezulu nezingozi zemfundo yezwe. Sizobona ngokucace bhá indlela uJehova alungiselela ngayo imfundo yezinga eliphezulu—imfundo esekelwe eZwini lakhe, iBhayibheli. Kuzogcizelelwa izici ezintathu zokukhulekela esithola kuzo injabulo ekufundisweni uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, intsha izokhuthazwa ukuba ilingise izibonelo ezivelele zeBhayibheli ezinjengoDavide noThimothewu futhi igxilise ukuphila kwayo emisebenzini engokomoya. Ukholo lwethu luyoqiniswa njengoba ukuthembeka kwasebekhulile nakho kuqokonyiswa. Abasanda kuzinikezela abafanelekayo bayobhapathizwa. Kufanele bazise umbonisi owengamele ngaleso sifiso kusasele isikhathi esiningi ngaphambi kosuku lomhlangano.
3 Inkulumo eyinhloko yosuku lomhlangano okhethekile inesihloko esithi “Ukufundiswa UJehova Ukwenza Intando Yakhe.” Iyogcizelela izizathu zokuthi kungani sonke sidinga ukuqhubeka sifunda, sizinze okholweni, futhi siqhubeke sithuthuka. Siyokhuthazwa ukuba silingise uJehova ngokufundisa abanye iqiniso eliholela ekuphileni okumi phakade. Kuyohlanganiswa nokuhlanganwe nakho okwakhayo okubonisa indlela izincwadi zeNhlangano eziye zasiza ngayo abaningi ukuba bafundiswe uJehova. Kuyoqokonyiswa imiphumela eyinzuzo yesimiso sikaJehova sokufundisa somhlaba wonke.
4 Yenza amalungiselelo aqondile okuba khona. Khuthaza bonke abathakazelayo ukuba babe khona. Bheka phambili ekufundisweni izinto eziningi ezinhle uMfundisi wethu Omuhle.—Isaya 30:20.