Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile
Ilungiselelo lezinsuku zomhlangano okhethekile laqala ngo-1987. Le mihlangano yosuku olulodwa iye yabonakala izakha izinceku zikaJehova nalabo abathakazelayo ababa khona. Kusukela ngo-September 1998, kuzosetshenziswa isimiso esisha sosuku lomhlangano okhethekile. Izinkulumo ezingu-9 kanye nezingxoxo eziningi nokuhlangenwe nakho niyokuthola kuzuzisa ngokomoya.
Isihloko sesimiso esisha sithi, “Bonisa Ukwazisa Ngetafula LikaJehova.” (Isaya 65:14; 1 Kor. 10:21) Siyoqinisa ukuzimisela kwethu kokuthi ukukhulekela kwethu uJehova kumelwe kuthathe indawo yokuqala ekuphileni kwethu. (IHu. 27:4) Inkulumo yombonisi wesifunda enesihloko esithi “Ukuhlola Ukuthambekela Kwezinhliziyo Zethu” iyobe iphathelene nesimo sengqondo esisibonisayo ngokuba khona emihlanganweni. Isikhulumi esihambele siyosibonisa ukuthi singakwenza kanjani “Ukulondoloza Ingokomoya Ngokudla Etafuleni LikaJehova.” Intsha esenhlanganweni kaJehova nayo iyonikezwa isikhuthazo esiwusizo sokulondoloza ubuqotho ekukhonzeni uNkulunkulu. Inkulumo eyinhloko yesikhulumi esihambele, enesihloko esithi “Ukuqiniswa Ngokomoya Ukuze Sinikeze Ubufakazi Ngesibindi,” iyobonisa indlela amalungiselelo enziwa ngebandla asihlomisela ngayo ukufakaza ngoMbuso ngesibindi. Ubani ongenakuthanda ukuzuza kulesi simiso?
Abasanda kuzinikezela abafuna ukubhapathizwa kufanele bazise umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Siyaqiniseka ukuthi njengoba siqala unyaka we-12 welungiselelo losuku lomhlangano okhethekile, wonke umuntu oyobe ekhona uyoqiniswa ngokomoya ukuze alungele umsebenzi ongaphambili.