UMhlangano Wesigodi—‘Wokholo EZwini LikaNkulunkulu’ Ka-1997
1 Umphostoli uPawulu wakhumbuza uThimothewu ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.“ (2 Thim. 3:16) Njengoba iZwi likaNkulunkulu liphefumulelwe, sinazo zonke izizathu zokuba nokholo kulo. Isihloko somhlangano wesigodi walonyaka sithi “Ukholo EZwini LikaNkulunkulu.” Lesi simiso sizoqinisa ukholo lwethu eBhayibhelini, kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi eside silazi iqiniso noma sisanda kuhlanganyela nje nenhlangano kaJehova. Sonke kufanele sihlele ukuba sibe khona kuso sonke isimiso. Yeka indlela okuyokwakha ngayo ukuba abantu abasanda kuhlanganyela, ikakhulukazi labo esifunda nabo iBhayibheli, babe khona kanye nathi!
2 Umhlangano Wezinsuku Ezintathu: Kulonyaka kuhlelwe isimiso somhlangano wesigodi esizothatha izinsuku ezintathu ukuze sizuze. Njengamanje senazisiwe ngomhlangano ibandla lenu elabelwe kuwo, futhi kufanele ukuba seniwenzile amalungiselelo aqondile okuba khona kuso sonke isimiso sezinsuku ezintathu. Usuxoxile yini nomqashi wakho ucela izinsuku zokungayi emsebenzini? Uma unezingane ezisafunda esikoleni futhi umhlangano wenu uzokuba ngesikhathi sesikole, usubazisile yini othisha ngomusa ukuthi izingane zakho zizophutha esikoleni ngoLwesihlanu ngenxa yalengxenye ebalulekile yokuqeqeshwa kwazo okungokwenkolo?—Dut. 31:12.
3 Ekhasini 9 lalesi senezelo kunezinsuku nezindawo zemihlangano esizoba nayo. Ngaphandle kwesiNgisi, kuzokuba khona imihlangano ngesiBhunu, isiKwanyama, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu kanye noLimi Lwabakhuluma Ngezandla ezindaweni ezintathu. Isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni usuku ngalunye bese siphetha cishe ngo-3:20 ntambama ngeSonto.
4 Yenza Kahle Ngokulalelisisa: Umphostoli uPetru wakhumbuza amaKristu ekhulu lokuqala ukuthi ayeyobe enza kahle ngokunaka izwi lesiprofetho njengokungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama. (2 Pet. 1:19) Kungokufanayo nangathi. Ukuphila kuleli lizwe elidala elilawulwa uSathane kunjengokuba sendaweni emnyama. Siyajabula ngokuthi siye sabizwa ukuba siphume ebumnyameni obungokomoya. (Kol. 1:13; 1 Pet. 2:9; 1 Joh. 5:19) Ukuze sihlale ekukhanyeni, kudingeka sigcine ukholo lwethu luqinile ngokulalelisisa iZwi likaJehova eliphefumulelwe. Umhlangano wethu wesigodi kuleli hlobo uzosikhuthaza ukuba senze lokho kanye.
5 Kungase kudingeke ukuba senze umzamo ukuze sigxilise izingqondo esimisweni, kodwa ngokuqinisekile siyobusiswa ngokwenza kanjalo. Kufanele sizame ukuphumula kahle ngaphambi komhlangano ukuze siphaphame phakathi nezingxenye zesimiso. Fika ngaphambi kwesikhathi emhlanganweni usuku ngalunye ukuze ukwazi ukuhlala phansi ngaphambi kokuba isimiso siqale. Khona-ke hlanganyela engomeni nasemthandazweni lapho kuqala isimiso sosuku ngalunye. Abantu abadala kufanele babeke isibonelo, futhi abazali baqeqeshe izingane zabo.—Efe. 6:4.
6 Uma sibheka izihloko zezinkulumo ngaphambi kokuba isimiso sosuku siqale, singazama ukucabanga kusengaphambili ukuthi imaphi amaphuzu azovezwa phakathi naleyo ngxenye yesimiso. Lokhu kuyokhulisa isithakazelo sethu ekwazisweni lapho kunikezwa. Singase sifune amaphuzu ayosisiza ukuba sikwazi ukutshela abanye ukuthi kungani sikholelwa kuNkulunkulu nasesithembisweni sakhe esiqinisekile sokuvuza labo abamfuna ngobuqotho. (Heb. 11:1, 6) Kuye kwatuswa ukuba sibhale amaphuzu kafushane ukuze asisize sikhumbule amaphuzu ayinhloko esimiso. Uma sibhala amaphuzu amaningi kakhulu, singase silahlekelwe amanye amaphuzu ayisihluthulelo ngenxa yokuthi simatasa kakhulu ngokubhala.
7 Ngonyaka odlule kuye kwaphinda kwabonakala abantu abadala abaningi nentsha bezula nje ngokungenanjongo emaphasishi, bethilileka, futhi bexoxa nabanye isimiso sisaqhubeka, kunokuba balalele lokho ‘isigqila esikholekile nesiqondayo’ esisilungiselele khona ngenjongo yokuzuzisa thina. UJesu wathembisa ukusinikeza ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Math. 24:45-47) Khona-ke, kufanele sibe khona ukuze sizuze kulokho kudla futhi singabi ababonisa ukungabi nakwazisa. (2 Kor. 6:1) Futhi kubonakala sengathi lapho abanye abantwana beqala ukungahlaliseki, ngokuvamile bacela ukuya endlini yangasese njengezaba zokusukuma nokuhambahamba. Ukuqeqesha okuhle ekhaya ngokuvamile kuyokwenza ukuba ukuya njalo endlini yangasese kungadingeki. Ngezinye izikhathi, intsha endadlana ihlala ndawonye ezindaweni ezithe qekelele, ikhulume, ihlebelane, futhi ibhalelane izicucu zamapheshana. Intsha yethu, ebhekana nokucindezela okuningi namuhla, kudingeka igxilise izingqondo ezinkulumweni ezinikezwayo, ingalokhu yenza ezinye izinto phakathi nesimiso. Izifiso zobusha ezingavumelani nezimiso zeBhayibheli kufanele zigwenywe. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 2:22.) Ukulalelisisa kwabo bonke, abadala nabasha, kuyodumisa uJehova futhi kumjabulise.
8 Uma kudingeka ukuba omunye wabalindi anikeze noma ubani iseluleko kulokhu, kufanele samukelwe njengesiyilungiselelo lothando elivela kuJehova. (Gal. 6:1) Sonke kudingeka sikhumbule ukuthi senza umzamo wokuba khona emhlanganweni ukuze ‘sizwe futhi sifunde.’ (Dut. 31:12) Futhi, ‘ohlakaniphileyo uyokuzwa, aqhubeke ekufundeni.’ (IzAga 1:5) Esikhathini esisele ngaphambi kokuba niye emhlanganweni, xoxani njengomkhaya ngesidingo sokuhlala ndawonye nezinye izilaleli, sokuhlala phansi phakathi nesimiso, nesokulalelisisa, ukuze nizuze ngokugcwele esimisweni.
9 Ukuzilungisa Okujabulisa UJehova: Abantu bakaJehova babukwa umhlaba wonke. (1 Kor. 4:9) Ngokuvamile siyaphawuleka ngendinganiso yethu enhle yokugqoka nokuzilungisa. Ukusebenzisa izimiso ezingokomBhalo ezitholakala kweyoku-1 Thimothewu 2: 9, 10 neyoku-1 Petru 3:3, 4 kuye kwabangela izinguquko ezinkulu ekubukekeni kwabaningi uma kuqhathaniswa nendlela ababebukeka ngayo lapho beqala ukuhlanganyela nebandla lobuKristu. Lokhu kuhluke kakhulu ezindinganisweni eziya ziwohloka zokugqoka nokuzilungisa esikubonayo ezweni. Sifuna ukuqaphela ukuba singafani nezwe ngokubukeka kwethu—sigqoka izingubo eziyinqaba, sisekela izimfashini zezwe ngezitayela zezinwele, noma ngokugqoka ngokungabi nasizotha. Ukugqoka kwethu nokuzilungisa okuyisibonelo kufanele kusize abasanda kuhlanganyela abakhona emhlanganweni ukuba babone indlela amaKristu okufanele azihlobise ngayo.
10 Nakuba imihlangano yangonyaka odlule yashiya abaningi behlabeke umxhwele, ukugqoka nokuzilungisa kwezwe kuyaqhubeka kuyinkinga kwabanye abafowethu nodadewethu, ikakhulukazi phakathi nesikhathi sokuphumula. Lapho senza amalungiselelo okuba khona emhlanganweni, kufanele sizihlole ngokuphathelene nokugqoka kanye nokuzilungisa kwethu. Bazali, qondisani ngokuhlakanipha izingane zenu ezisencane kanye nezisanda kweva eshumini nambili ngezizokugqoka. Qikelelani ukuba ningavumeli izitayela zezwe kanye nezimfashini zithunaze ukubukeka kwethu kobuKristu.
11 Londolozani Ukuziphatha Okuhle: Ukuziphatha okuhle kuwuphawu lwamaKristu eqiniso. (1 Pet. 2: 12) Ukuziphatha kwethu kungakhathaliseki ukuthi sikuphi—emhlanganweni, ezindaweni zokudla, nasemahhotela ngisho nalapho sisendleleni—kunganikeza ubufakazi obuhle futhi kusize abanye babone ukuthi ukuba nokholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe kungabenzelani abantu. Abanye kungase kubashukumisele ekwazini uJehova. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 3:1, 2.) Sinelungelo lokukhazimulisa uNkulunkulu ngokuziphatha kwethu. Abaphathi belinye ihhotela e-Alabama, e-U.S.A., bathi izihambeli zethu “zingabantu abakahle nabaziphatha kahle kunabo bonke abake bafika kuleli hhotela.” Banezela: “Kuyoba ilungelo ukuba niphinde nibuye esikhathini esizayo.” Ihhovisi elinakekela imihlangano nezivakashi enyakatho ntshonalanga ne-United States labhala: “Unyaka ngamunye, siwulindela ngokukhulu ukulangazelela umhlangano we-Watchtower Society.
Amalungu enu ayajabulisa ngempela; aziphatha ngenhlonipho ejulile nesizotha. Osomabhizinisi bakuqaphela lokhu futhi bayakujabulela ukubuya kwezivakashi ‘ezingabahlobo’ bazo unyaka ngamunye.” Kuyajabulisa ukufunda imibiko enjengalena, akunjalo? Nokho, kunesizathu sokuhlala siqaphile ukuze sililondoloze leli dumela elihle labantu bakaJehova.
12 Khumbula ukuthi kuyafaneleka ukunikeza ithiphu lapho wenzelwe inkonzo ethile, ikakhulukazi njengoba abaningi abakhonza umphakathi, njengoweta, abahlanzi bendawo, nabasithwalisa impahla uma sifika, ngokwengxenye enkulu bathembele ekunikezweni amathiphu ukuze bakwazi ukuziphilisa. Njengoba singoFakazi BakaJehova, nalapha sifuna ukubonisa imikhuba emihle.—Bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-June 22, 1986, amakhasi 24-7.
13 Ukuhlangabezana Nezindleko Zomhlangano: Sonke siyoba nezindleko ezimayelana nokuya emihlanganweni. Kunezinye izindleko esenza kahle ukuzicabangela. Izinkundla ezisetshenziselwa imihlangano ziyabiza. Kunezinye futhi izindleko okufanele zinakekelwe. Iminikelo yethu yokupha emihlanganweni yaziswa kakhulu.—IzE. 20:35; 2 Kor. 9:7, 11, 13.
14 Indawo Yokuhlala: Iziqondiso osekuyiminyaka eminingana zinikezwa zisazoqhubeka zisebenza, okungukuthi, IZIHLALO ZINGASE ZIGCINELWE KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Kuye kwajabulisa ukubona ukuthi abaningi bayazilandela lezi ziqondiso eminyakeni yamuva, futhi lokhu kuye kwakhulisa umoya wothando obonakaliswa emihlanganweni. Ezinkundleni eziningi ezinye izihlalo zisendaweni ekahle kunezinye. Siza ubonise ukucabangela, ngokushiyela labo izimo zabo ezingezinhle lezo zihlalo ezisendaweni ekahle.
15 Amakhamera, Ama-camcorder, Nemishini Yokuqopha: Amakhamera nemishini yokuqopha kungase kusetshenziswe emihlanganweni. Nokho, ukukusebenzisa kwethu akufanele kuphazamise abanye abakhona. Akufanele sizulazule phakathi nesimiso sithatha izithombe, ngoba lokhu kuyobaphazamisa abanye abazama ukulalela isimiso. Akukho mishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo okufanele ixhunywe ezimisweni zikagesi noma ze-sound, futhi akufanele kube khona imishini evimbe emaphasishi, noma esitha abanye.
16 Usizo Lokuqala: UMnyango Wosizo Lokuqala owezimo eziphuthumayo kuphela. Awukulungele ukunakekela izifo ezingamahlala-khona. Yingakho kufanele ucabangele kusengaphambili izidingo zempilo yakho neyomkhaya wakho. Siza uziphathele amaphilisi akho e-aspirin, izinto zokusiza lapho uqunjelwe, amabhandeji, izipeleti, nezinye izinto ezinjalo, ngoba lezo zinto ngeke zitholakale emhlanganweni. Noma ubani owaziwayo ukuthi unesifo sokuwa, uyezwela kuyi-insulin, unesifo senhliziyo, nokunye, kufanele akucabangele kusengaphambili lokho angase akudinge. Kufanele abe nemithi edingekayo, futhi ilungu lomkhaya noma lebandla elisiqondayo isimo sakhe kufanele libe seduze naye ngazo zonke izikhathi ukuze limnikeze usizo oludingekayo. Kuye kwaphakama izinkinga emihlanganweni lapho abantu abanezifo ezingamahlala-khona beye bashiywa bodwa base begula. Kuye kwadingeka ukuba abaqondisi bomhlangano bafune usizo lwabezokwelapha ukuze baphuthunyiswe esibhedlela. Uma abanye abanezidingo ezikhethekile zempilo bengenawo amalungu omkhaya angase abasize, abadala bamabandla abakuwo kudingeka bahlaziye isimo bese benza amalungiselelo adingekayo okubasiza. Emihlanganweni ngeke abe khona amalungiselelo ezindawo ezikhethekile zokuhlalisa labo umzimba wabo ongezwani nezinto ezithile (allergies).
17 Ukudla Emhlanganweni: Ukungabi bikho kwenkonzo yezokudla emihlanganweni kuye kwabangela ukuba abaningi bakhululeke phakathi nesimiso ukuze bagxile ekudleni okungokomoya. Siye samukela amazwi amaningi okwazisa ngalenqubo eyenziwe lula kusukela lamiswa leli lungiselelo. Sonke kufanele sihlele ukuziphathela ukudla kwethu okulula nokunomsoco kwekhefu lasemini, njengoba kwasikiselwa kuyisenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1995, isigaba 26. Akufanele kuziwe nezitsha ezifayo noma iziphuzo ezidakayo endaweni yomhlangano. Ama-cooler bag kufanele abe mancane ukuze akwazi ukwanela ngaphansi kwesihlalo sakho. Abanye abasemhlanganweni baye babonwa bedla futhi bephuza phakathi nesimiso. Ukwenza lokhu kuwukungahloniphi. Lapho kunezitolo zokudla endaweni yomhlangano noma kunabantu abadayisayo ngaphandle, abanye abafowethu baye babonakala bethenga kubo phakathi nesimiso. Isenzo esinjalo asilungile.
18 Silijabulela ngempela idili lethu elingokomoya kanye nomoya oqabulayo onokuthula wobudlelwane phakathi namakhefu amafushane asemini. Ukuze senze ngokuvumelana nenjongo yaleli lungiselelo, sicela uphathe okuthile esikhundleni sokuphuma enkundleni ngekhefu lasemini ukuze uyothenga ukudla. Ngaleyo ndlela, uyoba nesikhathi esengeziwe sokujabulela ubudlelwane nabafowenu nodadewenu.
19 Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi iMihlangano Yesigodi ‘Yokholo EZwini LikaNkulunkulu’ isizoqala kungekudala. Sonke sifuna ukuqikelela ukuba senze amalungiselelo okuba khona kuso sonke isimiso, ukuze silijabulele ngokugcwele idili elihle elingokomoya uJehova asilungiselele lona ngenhlangano yakhe. Ngaleyo ndlela ‘siyoyihlomela ngokuphelele yonke imisebenzi emihle’ ezinsukwini ezizayo.—2 Thim. 3:17.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
Ubhapathizo: Abayobhapathizwa kufanele babe sezihlalweni zabo engxenyeni ebonisiwe ngaphambi kokuqala kwesimiso ngoMgqibelo ekuseni. Ngamunye ohlela ukubhapathizwa kufanele eze nengubo yokungena emanzini enesizotha nethawula. Esikhathini esidlule abanye baye bagqoka izingubo ezingafanele futhi ezingasifanelekeli lesi senzakalo. Abadala ababukeza nalabo abazobhapathizwa imibuzo esencwadini ethi Ukuhlelelwa kufanele baqikelele ukuthi bonke bayawaqonda lamaphuzu. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo nomthandazo wesikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kwabazobhapathizwa abese esho ingoma. Ngemva kwevesi lokugcina, abalindi bayoqondisa abayobhapathizwa endaweni yokucwiliswa. Ubhapathizo oluyisibonakaliso sokuzinikezela komuntu luyindaba engathi sína neyomuntu siqu phakathi kwakhe noJehova. Ngakho akufanele ukuba abayobhapathizwa bagaxane noma babambane ngezandla lapho bebhapathizwa.
Amabheji: Siza ufake ibheji lika-1997 ngazo zonke izikhathi lapho usedolobheni lomhlangano nalapho ulibangise endaweni yomhlangano noma ubuya. Lokhu ngokuvamile kusivulela amathuba okunikeza ubufakazi obuhle. Amabheji nezembozo kufanele kutholwe ngebandla lakini, njengoba kungeke kutholakale emhlanganweni. Ungalindi kuze kube yilapho sekusele izinsuku ezimbalwa umhlangano uqale ungakaziceleli wena nomkhaya wakho amabheji. Khumbula ukuphatha ikhadi lakho lamuva le-Advance Medical Directive/Release.
Izindawo Zokulala: Sicela ukuba wonke umuntu abambisane noMnyango Wezindawo Zokulala. Onobhala bamabandla kufanele baqikelele ukuthi amafomu eSicelo Sendawo Yokulala athunyelwa ngokushesha ekhelini lomhlangano elifanele. Uma ungasayidingi indawo yokulala elungiselelwe uMnyango Wezindawo Zokulala, kufanele umazise ngokushesha umnikazi wendawo noma ihhotela noMnyango Wezindawo Zokulala womhlangano ukuze leyo ndawo inikezwe abanye.
Izingoma: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu, sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize lezi zingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 155, 46, 138, 183, 43, 180, 156, 130, 13, 98, 164, 160, 195, 144, 77, 4, 191, no-10.
Izinqola Zabantwana (Ama-pram): UMnyango Wezomlilo utusa ukuba lezi zingalethwa ehholweni bese zimiswa emaphasishi naphakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana zingaba yingozi hhayi kumntwana kuphela kodwa nakunoma ubani ezingase zimkhube. Ngakho sizani ningezi nazo ehholo. Izihlalo zabantwana noma zasemotweni zivunyelwe, njengoba lezi zingabekwa ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kwenu nathi kulendaba kuyokwaziswa.
Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Ingabe ungakwazi ukubekela eceleni isikhathi esithile emhlanganweni sokuba usize komunye weminyango? Ukukhonza abafowethu, noma ngabe amahora ambalwa nje, kungaba usizo olukhulu futhi kukulethele ukwaneliseka okukhulu. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 nazo zingenza umnikelo omuhle ngokusebenza ngaphansi kokuqondisa komzali noma omunye umuntu omdala othembekile.
Izixwayiso: Hlala uphaphamele izinkinga ezingavela ukuze ugweme izinkinga ezingadingekile. Ngokuvamile amasela nabanye abantu abayimidlwembe bagebenga abantu abakude namakhaya abo. Qikelela ukuthi imoto yakho ikhiyiwe ngazo zonke izikhathi, futhi ungalokothi ushiye noma yini isobala ngaphakathi engayenga othile ukuba ayigqekeze. Amasela nabakhuthuzi bagxila emibuthanweni emikhulu. Ngeke kube ukuhlakanipha ukushiya izinto ezibalulekile esihlalweni. Ngeke uqiniseke ngokuthi wonke umuntu okhona ungumKristu. Kungani-ke ubafaka esilingweni? Kuye kwatholwa imibiko yabantu bangaphandle abazama ukuyengela kude izingane. NGAZO ZONKE IZIKHATHI ZAZI IZINGANE ZAKHO UKUTHI ZIKUPHI.