IMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ Ka-1999
1 Lapho ama-Israyeli esezongena eZweni Lesithembiso, uMose wawanxusa ukuba akwazise ukufundisa kukaNkulunkulu. Wawatshela: “Akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu.” (Dut. 32:45-47) Asimbongi yini uJehova ngokuthi ukuphila kwethu kuyigugu kuyena kangangokuba uyaqhubeka esiqondisa ngeZwi lakhe eliyigugu? Khona-ke, simagange ngoMhlangano Wesigodi ‘Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ nalokho uJehova asigcinele khona.
2 Kulo nyaka, imihlangano yesigodi ihlelelwe ukuba ibe semadolobheni afinyeleleka kalula kulo lonke elaseNingizimu Afrika nasemazweni angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika. Ngaphandle kwesiNgisi, le mihlangano izoqhutshwa ngesiBhunu, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu noLimi Lwezandla ezindaweni ezintathu.
3 Akungabazeki ukuthi usuwenzile amalungiselelo okuba khona nsuku zonke emhlanganweni ngenxa yokuthi ukholelwa ukuthi uJehova ulindele ukuba ube khona. Qiniseka ngokuthi uyayibona imizamo yomuntu ngamunye kanye nokuzidela kwezinceku zakhe ukuze zibe khona, futhi lokhu ukukhumbula ngokwazisa. (Heb. 6:10) Ngokuba khona emhlanganweni usuku ngalunye kusukela uqala ngengoma uze uyophethwa ngomthandazo, sibonisa uJehova ukuthi siyakwazisa lokho akushoyo kithi. (Dut. 4:10) Sibonisa nokwazisa ngokuzikhandla kwabafowethu abaningi abahilelekile ekulungiseleleni umhlangano.
4 Ukulungiselela ukuba izinkulungwane zabantu bakaNkulunkulu zihlangane endaweni ngayinye yomhlangano kudinga ukuhlela okuhle kusengaphambili. Ukwazi ukuthi amalungiselelo omhlangano aye enziwa ngenxa yothando kufanele kusishukumisele ukuba sibambisane, ukuze ‘zonke izinto zenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.’ (1 Kor. 14:40) Unikezwa ukwaziswa nezikhumbuzo ezilandelayo ukuze ufike emhlanganweni ukulungele ngokugcwele ukujabulela ukudla okungokomoya nobudlelwane bobuKristu.
Ngaphambi KoMhlangano
5 Ingabe labo ofunda nabo iBhayibheli kanye nabantu abathakazelayo badinga usizo ekwenzeni amalungiselelo abo okuba khona emhlanganweni? Lokho abakubonayo nabakuzwayo lapho besemhlanganweni kungase kubashukumisele ukuba babe abakhulekeli bakaJehova. (1 Kor. 14:25) Abadala kufanele baqaphele noma ubani odinga usizo lwendawo yokulala noma lwento yokuhamba, ikakhulukazi labo asebekhulile ebandleni, futhi ngothando baqikelele ukuthi izidingo zabo ziyanakekelwa.—Gal. 6:10.
6 Ingabe seniwenzile amalungiselelo ezindawo zokulala? Uma nizohlala ehhotela, ingabe senisiqinisekisile isicelo senu sendawo yokulala? Njengamanje, bekufanele ngabe noma yimaphi amafomu okuCela Izindawo Zokulala asayinwe yiKomiti Yenkonzo Yebandla unobhala usewathumele ekhelini elifanele lehhovisi lomhlangano. Uma usuyitholile indawo yokulala, kungakhathaliseki ukuthi kusehhotela noma emzini wothile kodwa ungeke usayisebenzisa, sicela wazise uMnyango Wezindawo Zokulala ngokushesha ukuze leyo ndawo inikezwe omunye. Ikheli nenombolo yocingo kungatholakala kunobhala webandla.
7 Uma ufuna ukwaziswa okuthile ngokuphathelene nomhlangano, unobhala webandla angakunikeza ikheli lendawo efanele. Sicela ningalushayi ucingo noma nibhalele abaphathi bezinkundla zomhlangano.
8 Njengoba uMnyango Wosizo Lokuqala emhlanganweni wenzelwe izimo eziphuthumayo kuphela, sinxusa ukuba lapho niza emhlanganweni niziphathele amaphilisi enu ezinhlungu, amabhandeshi, izifutho ze-asthma, imithi yokuqunjelwa nezinye izinto ezifana nalezo uma nicabanga ukuthi ningase nizidinge. Uma wena noma othandekayo wakho enenkinga engamahlalakhona, njengesifo senhliziyo, sikashukela noma sokuwa, sicela niphathe imithi efanele emhlanganweni, yokwelapha lezi zifo njengoba nenza nasekhaya noma lapho niya eholideni. Kungaba ukuhlakanipha ukuba ilungu lomkhaya noma umngane oseduze osiqondayo isimo ahlale nalowo muntu, ngoba uyoba sesimweni esihle sokunikeza usizo.
9 Cishe kuyokwenzeka kuvuleke amathuba okufakaza ngokwethukela lapho niya noma nibuya emhlanganweni. Ingabe uyokulungela ukuhlanganyela iqiniso nabanye? Sonke, kuhlanganise nezingane ezincane, singahlanganyela ngokubanikeza amapheshana abantu abasebenza emagalaji, abasebenza kuma-toll-gate kanye nabanye esihlangana nabo lapho sisohambweni. Siyothola amathuba okunikeza abantu abathakazelayo omagazini, izincwajana noma ezinye izincwadi. Kulungele ukufakaza ngokwethukela kubantu okungenzeka siye singabatholi lapho sishumayela ngezindlela ezivamile.
Phakathi Nomhlangano
10 Usuku ngalunye iminyango yamagceke omhlangano iyovulwa ngo-7:30 ekuseni. Izihlalo ungazigcinela kuphela labo abangamalungu aseduze omkhaya wakho noma ohamba nabo ngemoto. Izihlalo ezifanele ziyogcinelwa abafowethu nodadewethu abagugile, futhi kuyoba khona nezindawo zabakhubazekile nalabo abafuna izindawo zezinqola zabakhubazekile. Akunakwenzeka ukulungiselela izindawo ezikhethekile emhlanganweni zalabo abangezwani nezindawo ezithile noma nezinto ezithile (allergies). Usuku ngalunye lapho usuka endaweni obuhleli kuyo, bheka ukuthi uzithathe zonke yini izinto zakho.
11 Ukuze sikwazi ukuhlangana ngobuningi emihlanganweni yethu yesigodi, kudingeka sibambisane nemithetho yendawo, imithetho yezomlilo kanye neminye imithetho yezokuphepha. Khona-ke, izinqola zabantwana nezihlalo zokuhlala-bulala akufanele zingeniswe ngaphakathi ehholo lomhlangano. Zingase zikhube abantu abahamba ngezinyawo noma abadlula emaphaseji aphakathi kwezihlalo. Uma kunokwenzeka, iKomiti Yomhlangano iyogcina indawo yokubeka izinqola zabantwana. Nokho, izihlalo zabantwana ezingase zibekwe ezihlalweni eduze kwezihlalo zabazali futhi ziboshelwe kuzo, zamukelekile. Sicela nilalele iziqondiso zabalindi ngokugcina amaphaseji evulekile.
12 Ingabe uzobhapathizwa emhlanganweni wesigodi? Esimisweni sasekuseni ngoMgqibelo, abazobhapathizwa bayogcinelwa ingxenye ethile yezihlalo, futhi abalindi bayonibonisa leyo ndawo. Uma kungenzeka, sicela nihlale phansi ngaphambi kokuba isimiso siqale. Phatha iBhayibheli lakho, iculo, ithawula kanye nengubo yokungena emanzini enesizotha. Izikhindi ezingobhogadi abanqanyulwe imilenze, izikipa ezibhaliwe kanye nezinye izingubo ezinjalo azifaneleki kulesi senzakalo esihloniphekile. Abadala ababukeza imibuzo yencwadi ethi Ukuhlelelwa nabantu abazobhapathizwa kufanele baqikelele ukuthi ngamunye uyawaqonda la maphuzu. Njengoba ubhapathizo luyisibonakaliso sokuzinikezela komuntu siqu kuJehova uNkulunkulu, ngeke kufaneleke ukuba abazobhapathizwa babambane ngezandla lapho becwiliswa.
13 Ningawasebenzisa amakhamera, ama-camcorder nezidlalimakhasethi zokuqopha emhlanganweni. Nokho, indawo ozibeke kuyo noma lapho uzisebenzisa akufanele zivimbe emaphaseji, zisithe abanye noma ziphazamise ukulalelwa kwesimiso. Akufanele zixhunywe kugesi noma esimisweni se-sound. OFakazi abambalwa baye beze emhlanganweni bephethe amakhamera kanye namafilimu ukuze bazokwenza ibhizinisi lokuthatha izithombe. Akulula ukubona ukuthi ubani osebenzisa ikhamera ukuze agaye imali kanye nongayisebenziseli leyo njongo. Ngenxa yalokho, iNhlangano iyabanxusa labo abaye bakwenza lokhu esikhathini esidlule ukuba bakuyeke. Khumbula, indawo yomhlangano iba yindawo yokukhulekela ngesikhathi okusuke kuqhutshwa ngaso umhlangano futhi akufanele kuxoxwe ngezamabhizinisi kuyo. Ukuze basize kulokhu, abalindi baye bayalwa ukuba babeke imingcele ezungeza isiteji.
14 Njengoba kwanda ukusetshenziswa kwezingcingo ezingomakhalekhukhwini nama-pager, sicela uqaphele ukuba lezi zinto zingakuphazamisi lapho ulalele isimiso noma ziphazamise abahleli eduze kwakho. Lezi zinto akufanele zivunyelwe ukuba zikhale ngokuzwakalayo lapho uhleli nezilaleli. Uma kuphakama isimo esiphuthumayo, yazisa umlindi oseduze ngokushesha. Bafundisiwe ukuthi bazisingathe kanjani izimo eziphuthumayo. Noma iziphi izingcingo eziphuthumayo kufanele zishaywe abaqondisi bomhlangano abafanelekayo, hhayi abantu ngabanye besebenzisa izingcingo ezingomakhalekhukhwini.
15 Ukuze kongiwe isikhathi futhi izinto zenziwe lula, iNhlangano isicele ukuba siziphathele ukudla kwethu emhlanganweni usuku ngalunye. Abazalwane abaningi baye bakwenza lokhu futhi bathola ukuthi lapho sekuyisikhathi sekhefu lasemini, bavele bahlale phansi nemikhaya yabo futhi badle noma yini abayiphethe. Abaningi bathi bayakujabulela ukuthola ithuba lokuphumula phakathi nekhefu lasemini nokuchitha esinye isikhathi benabafowabo nodadewabo. Lokhu kudinga ukuba umuntu athenge ukudla neziphuzo ngaphambi kwesikhathi futhi akufake esitsheni esincane noma i-cooler bag engangena ngaphansi kwesihlalo. Sicela ukuba bonke abakhona balandele lesi siqondiso. Abafowethu baye babonakala bephuma phakathi nesimiso endaweni yomhlangano beyothenga iziphuzo no-ayisikhilimu kubadayisi basemgwaqweni. Kunalokho kufanele kugxilwe emfundweni engokomoya. Kanti futhi ngemva kwesimiso, imigqa emide yokuthenga kubadayisi ngasemasangweni ibangela ukuminyana. Khona-ke, sicela ukuba ngamunye wethu aziphathele ukudla kwakhe kanye neziphuzo usuku ngalunye emhlanganweni kunokuyothenga kubadayisi basemgwaqweni. Abantu abathakazelayo abeze nani emhlanganweni kufanele nabo baziphathele ukudla kwabo. Akufanele kuziwe nezitsha ezifayo neziphuzo ezidakayo endaweni yomhlangano.
16 Ungasiza yini ngokuzithandela ekuhlanzeni indawo yomhlangano ngemva kwesimiso sosuku ngalunye? Noma ungasebenza yini komunye weminyango yomhlangano? Uma ungasiza, sicela uze eMnyango Wezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 zivumelekile ukusebenza nabazali bazo noma omunye umuntu omdala onokwethenjelwa. Yiqiniso, wonke umuntu angasiza ekuhlanzeni indawo yomhlangano ngokuqikelela ukuba acoshe noma yimuphi udoti futhi awulahle endaweni efanele.
17 Siye sanikezwa iziqondiso ezinhle ngokuphathelene nezingubo kanye nokuzilungisa okufanele emihlanganweni yethu. Ngokwesibonelo: Sineziqondiso kule ndaba ezenezelweni ze-Nkonzo Yethu YoMbuso, ezincwadini zethu sinemifanekiso kanye nezithombe, futhi ngaphezu kwakho konke sinalokho uJehova akushoyo eBhayibhelini. (Roma 12:2; 1 Thim. 2:9, 10) Abantu bayasazi ukuthi singobani nokuthi kungani sihlangene edolobheni labo. Ngakho, izingubo zethu nokuzilungisa kuwubufakazi obunamandla kona ngokwako. Abantu bakaJehova abaningi babeka isibonelo esihle kulokhu. Nokho, ngezinye izikhathi sibona umoya wezwe endleleni abagqoka futhi bazilungise ngayo abanye abeza emihlanganweni yethu. Izingubo ezibonisa umzimba, njengezingubo eziveza kakhulu isifuba nomhlane, izingubo neziketi ezimfushane, izingubo zasehlobo eziveza umzimba, nezingubo ezinomqhewu omude, zenza kungabazeke lokho umuntu akushoyo ukuthi ungumuntu ongokomoya. Ukubukeka okunesizotha nokuhlanzekile yikona okukhanga kakhulu. Ngakho-ke, izinhloko zemikhaya kufanele zikuqaphele lokho amalungu emikhaya yazo ahlela ukukugqoka. Lokhu kuyosebenza nalapho singekho endaweni yomhlangano. Labo abanezingxenye esimisweni kufanele baqaphele izinga labo lokugqoka. Ukufaka amabheji ethu ngaphambi komhlangano nangemva kwawo nakho kusibonakalisa njengabantu bakaJehova abahlanzekile.—Qhathanisa noMarku 8:38.
18 Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphefumulelwa ukuba isho ukuthi “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana” nokuthi “umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.” (IzAga 22:15; 29:15) Phakathi nesimiso, izingane zoFakazi ezigcaluzayo ziye zaphazamisa abafowethu nodadewethu abazama ukuzuza esimisweni. Emihlanganweni yangonyaka odlule, kwakudumaza ukubona abantu abaningi—abadala nabancane—bethilileka futhi beya ezindlini ezincane ngokungadingekile lapho isimiso siqhubeka. Kwezinye izimo babecasuka futhi bangabanaki abalindi lapho bebacela ukuba bahlale phansi. Futhi, intsha embalwa yayigcaluza ezinkundleni futhi iphazamisa izinto zokucima umlilo. Omunye umphathi wenkundla eNingizimu Afrika wacela ukuba iNhlangano inikeze iziyalo eziqinile ezihambelini zomhlangano ngoba zazihamba ezindaweni ezazingaqashiwe yiNhlangano. Kuyaqala ngqá ukuba kwenziwe isicelo esinjena futhi kuyisihlamba koFakazi BakaJehova. Kusobala ukuthi le ntsha yayingazuzi esimisweni esingokomoya eyayilungiselelwe sona. Njengoba abazali beyolandisa kuJehova ngokuziphatha kwezingane zabo, umama noma ubaba bangaqiniseka ukuthi izingane zabo ziziphethe kahle futhi zilalele ukufundisa kukaJehova uma behleli nazo kuphela. Khona-ke, abalindi bayokhuluma nanoma ubani ophazamisayo, owenza okungafanele enkundleni, noma ogcaluzayo, futhi bayomcela ukuba akuyeke lokho, bamkhumbuze ngomusa ukuba alalele isimiso.
19 Ngenxa yokuthi wonke umuntu wamukelekile emihlanganweni yethu, kuwukuhlakanipha ukuthatha izinyathelo zokuphepha ngokuphathelene nezingane kanye nempahla yethu. Izingane zethu ziyisipho esiyigugu esivela kuJehova. Kodwa siyazi ukuthi izwe linesimo sikaSathane sokufuna ukuzidwengula. Ngakho, siyanxusa, hlala wazi ukuthi izingane zakho zikuphi. Futhi, amakhamera, izikhwama, nezinye izinto eziyigugu kufanele uhlale ukuphethe futhi ungakushiyi esihlalweni sakho. Qikelela ukuthi imoto yakho ikhiyiwe, futhi ufake izinto zakho ebhuthini noma uhambe nazo. Lokhu kunciphisa isilingo sokuthi othile agqekeze imoto yakho.
20 UMnyango Wezindawo Zokulala wasendaweni yakini uzimisele ukukusiza uma kuphakama inkinga yendawo yokulala ehhotela noma endaweni yokulala oyinikeziwe. Sicela wazise uMnyango Wezindawo Zokulala nganoma yiziphi izinkinga, uwazise usekhona emhlanganweni. Abazalwane bayokujabulela ukukusiza ukuba uxazulule leyo nkinga ukuze uqhubeke ujabulela umhlangano. Futhi ngokuphathelene nendawo yokulala, sicela niphawule okulandelayo:
▪ Sicela nigcine isikhathi sokufika nesokuphuma ehhotela enihlala kulo. Uma kucelwe kusengaphambili, amahhotela angavuma ukuba usheshe ufike noma uphume sekwephuzile.
▪ Amathelevishini nama-video atholakala emahhotela ngokuvamile anezinhlelo zokuziphatha okungcolile kobulili. Uma eceliwe, amahhotela amaningi ayazivala izinhlelo ezinjalo ekamelweni lakho ngesikhathi usahleli khona. Njengasekhaya, sicela niqondise indlela izingane eziyisebenzisa ngayo ithelevishini.
21 Kuyakhuthaza ukubona abafowethu nodadewethu bebhala amaphuzu phakathi nesimiso somhlangano. Amaphuzu abhalwe kafushane ayokusiza ukuba ukwazi ukulalela futhi ukhumbule amaphuzu ayinhloko. Ukubukeza kamuva amaphuzu owabhalile nomkhaya wakho noma nabangane kukunika ithuba lokuzindla ngamaphuzu avelele omhlangano ukuze ungawakhohlwa.
22 Abantu bakaJehova bebelokhu benesandla esivulekile ekunikeleleni izithakazelo ezingokwasezulwini. (Eks. 36:5-7; 2 IziKr. 31:10; Roma 15:26, 27) Iminikelo yenu yokuzithandela isetshenziselwa ukuhlangabezana nezindleko zokuqashwa kwezindawo ezinkulu okuqhutshelwa kuzo imihlangano. Uma unikela ngesheke, bhala ukuthi likhokhelwe i-“Watch Tower Convention.” Indawo eningi yokupaka emhlanganweni itholakala ngomnikelo othile. Abanye abazalwane baye bacabanga ukuthi ithikithi lokupaka lisebenza emhlanganweni ongaphezu kowodwa. Kuyadabukisa ukubona abanye bebonisa lo moya wezwe. Sicela niphawule ukuthi ithikithi lokupaka lisebenza ngempelasonto olithengele yona kuphela futhi ngeke lisebenze komunye umhlangano.
23 Njengoba kulotshiwe ku-Amose 3:7, uJehova wathi ‘akenzi lutho engayambulanga imfihlakalo yakhe ezincekwini zakhe abaprofethi.’ Njengoba ‘engumambuli wezimfihlakalo,’ uJehova uye wenza ukuba kulotshwe eBhayibhelini iziprofetho eziningi eziye zagcwaliseka ngokunembile nangokugcwele. (Dan. 2:28, 47) Kusenezithembiso ezinhle ezisazogcwaliseka. IMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ Ka-1999 iyoqinisa ukholo lwakho ezithembisweni zikaNkulunkulu. Lalelisisa lokho uJehova akushoyo kuwe. Sebenzisa lokho ozokubona nozokuzwa—enkonzweni, ebandleni, nasekuphileni kwakho siqu. Sithandazela ukuba uJehova awabusise ngokucebile wonke amalungiselelo owenzayo ukuze ube khona nsuku zonke kuleli dili elicebile elingokomoya!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Hlela ukuba ube khona usuku lonke ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo nangeSonto!