Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/98 k. 8
  • Omagazini Bamemezela UMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Omagazini Bamemezela UMbuso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukuqokonyiswa Komagazini Abavelele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 4/98 k. 8

Omagazini Bamemezela UMbuso

1 NjengoFakazi BakaJehova, siyaziwa ngokushumayela kwethu ngentshiseko ngoMbuso kaNkulunkulu. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! esibasakazayo bafeza indima ebalulekile ekusizeni izigidi zabantu ukuba zifunde ngezinjongo zikaNkulunkulu. Isigijimi abasiqukethe siyizindaba ezinhle ngempela, ngoba simemezela uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini njengowukuphela kwethemba lesintu.

2 Labo magazini bakhuluma ngezidingo zangempela zabantu—ezingokomzwelo, ezingokwenhlalo nezingokomoya. Njengoba izindinganiso zokuziphatha nezomkhaya ziwohloka kuyo yonke indawo, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! basiza abantu ukuba bathuthukise izinga lokuphila kwabo ngokubabonisa indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Siyokujabulela ukuhambisa izikhokhelo zalabo magazini ngo-April nango-May. Noma nini uma kungenzeka, hambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiBhunu, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa nangesiZulu, kanye nomagazini ngomnikelo ka-R6,00.

3 Bayakhanga Ngempela: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! batholakala cishe ngezilimi zabo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yalokhu, omagazini bethu bayaziwa. Nazi ezinye izizathu ezenza bakhange abantu:

3◼ Njengoba bengomagazini abaqotho nabaneqiniso, babonisa ngokucacile umehluko phakathi kokuhle nokubi.

3◼ Banikeza ithemba lepharadesi lokulunga elizayo, elisekelwe esithembisweni sikaNkulunkulu sokubusa umhlaba ngoMbuso wakhe.

3◼ Banezihloko ezihlukahlukene ezihambisana nesikhathi, ezikhanga abantu bazo zonke izizinda namasiko.

3◼ Izihloko azizinde, ziyafundisa, zineqiniso futhi azibandlululi noma ziyekelele.

3◼ Izithombe ezikhangayo zenza umuntu abe nesithakazelo ngokushesha, futhi indlela ecacile yokubhala yenza kube lula ukufunda labo magazini.

4 Bahambise Kakhulu: Ukuhambisa omagazini ngokuphumelelayo kuxhomeke kakhulu ekukhuthaleni kwethu ukulungiselela izintshumayelo zethu, ekuhleleni isikhathi sethu nasekuhleleni umsebenzi wethu wokushumayela. INkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995 neka-October 1996 yanikeza ukusikisela okuwusizo okungaba kuhle ukukubukeza nokukusebenzisa.

5 Bajwayele Omagazini: Lapho ufunda umagazini ngamunye, cabanga ngothile ongakujabulela ukuwuthola. Bheka amaphuzu athile noma imibhalo ongayicaphuna entshumayelweni yakho. Cabanga ngombuzo ongawubuza ekuqaleni ingxoxo nasekwenzeni umuntu abe nesithakazelo kuleso sihloko.

6 Yenza Intshumayelo Ifanelane Nomuntu: Lungiselela intshumayelo elula, eguquguqukayo engase ifanelaniswe nendoda, owesifazane, umuntu omdala noma osemusha, kungakhathaliseki ukuthi umuntu omaziyo noma ongamazi.

7 Hlale Ukulungele Ukuhambisa INqabayokulinda Ne-Phaphama!: Njengoba omagazini bengena kalula esikhwameni, noma ephaketheni, singabaphatha nalapho sithatha uhambo noma siya ezitolo. Bahambise lapho uxoxa nezihlobo, omakhelwane, osebenza nabo, ofunda nabo esikoleni noma othisha. Isonto ngalinye bekela eceleni usuku lokuhambisa omagazini.

8 Bonisa Ukwazisa Ngomagazini: Abaphelelwa isikhathi. Ukuhamba kwesikhathi akwenzi isigijimi abasiqukethe singabe sisabaluleka. Yiqiniso, uma senza umzamo okhethekile wokuhambisa bonke omagazini esinabo, ngeke sibe nabo omagazini abadala abanqwabelene emashalofini ethu.

9 Ukufakaza Emgwaqweni Kuyaphumelela: Lena enye yezindlela ezingcono kakhulu zokuhambisa omagazini kubantu abaningi. Abanye abamemezeli basebenza izikhawu ezindaweni okudlula kuzo abantu abaningi ngezinsuku zokuthenga.

10 Insimu Yamabhizinisi Inezithelo: Lapho sifakaza ezitolo, akwenzeki singatholi muntu. Osomabhizinisi abaningi bamnene, futhi abaningi babamukela ngenjabulo omagazini. Qokomisa izihloko ezifanelana nalelo bhizinisi osuke ukulo.

11 Imizila Kamagazini Ingaba Nezithelo: Njengoba omagazini bephuma njalo kabili ngenyanga, kuyafaneleka ukuphindela kubantu ababafundayo siyobanikeza omagazini abalandelayo. Kufanele siphindele njalo, singayeli nje ukuyohambisa omagazini kuphela kodwa futhi senze lowo muntu abe nesithakazelo eBhayibhelini. Imizila kamagazini iwumthombo omuhle wokuthola izifundo zeBhayibheli.

12 Sebenzisa U-April No-May Ngokunenzuzo: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! baye bathenjwa izigidi zabafundi abanokwazisa. Ekumemezeleni uMbuso baphumelela kangangokuba kufanele siqikelele ukuba sibaphathe futhi sibahambise ngawo wonke amathuba. Kwangathi izinyanga zika-April no-May zingaba ezivelele ekuhambiseni izikhokhelo nasekusakazeni omagazini!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela