Yini Oyihlelele Isikhathi Sasehlobo?
1 Akulona yini iqiniso ukuthi siyakwazi ukuyifinyelela imigomo yethu ebalulekile uma sihlela indlela esingasisebenzisa ngayo kangcono kakhulu isikhathi esinaso? Isikhathi sasehlobo sisinika amathuba ahlukahlukene okuthuthukisa izithakazelo ezingokwasezulwini. (IzAga 21:5) Yimaphi amanye ala mathuba?
2 UMhlangano Wesigodi ‘Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ ungesinye isenzakalo okufanele sonke sisihlanganise ezinhlelweni zethu. Hlela isikhathi sokungabibikho emsebenzini ukuze ube khona usuku ngalunye lomhlangano wesigodi. Yenza amalungiselelo kusenesikhathi endawo yokulala nawezinto zokuhamba.
3 Kungani ungahleli ukwandisa umsebenzi wakho wenkonzo yasensimini phakathi nesikhathi sasehlobo? Imini ende nesimo sezulu esifudumele kungenza ukwazi ukusebenza isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela. Amaholide esikole anikeza intsha ithuba lokuba amaphayona asizayo phakathi nenyanga eyodwa noma ezengeziwe zasehlobo. Abanye nabo bangahlela kusengaphambili ukuba amaphayona asizayo ngo-November, lapho kuyobe kunamaSonto ayisihlanu. Sonke masenze umzamo wokubambisana wokuba sihlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni.
4 Uma insimu yebandla lenu isetshenzwa njalo, kungani ungahleli ukusiza ibandla eliseduze elidinga usizo ekuhlanganiseni insimu yalo? Umbonisi wesifunda angabazisa abadala ngezidingo ezikhona endaweni yakini. Uma uzobe ungekho ekhaya useholidini, hlela ukuya emihlanganweni futhi uhlanganyele enkonzweni yasensimini nebandla lakuleyo ndawo. Uma uvakashela izihlobo ezingebona oFakazi BakaJehova, lungiselela kusengaphambili izindlela ongase uhlanganyele nazo iqiniso.
5 Yini oyihlelele isikhathi sasehlobo esizayo? Akungabazeki ukuthi ufuna ukuziqabula ngokwenyama. Kodwa ungawashalazeleli amathuba abaluleke ngokwengeziwe akhona okuzivuselela ngokomoya ngokuqhubeka ubeka uMbuso kuqala ekuphileni kwakho.—Math. 6:33; Efe. 5:15, 16.