‘Ukuyihlomela Ngokuphelele Yonke Imisebenzi Emihle’
1 Abantu bakaJehova namuhla babusiswa ngensada yokudla okungokomoya okucebile. (Isaya 25:6) Singathola ulwazi oluningi olungokomBhalo esifundweni somuntu siqu nesomkhaya nasemihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Kodwa ingabe sizuza ngokugcwele kukho konke lokhu sinombono ‘wokufaneleka ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle’?—2 Thim. 3:17.
2 Cabanga nje ngokudla okungokomoya konyaka ka-1998, esesimaphakathi nawo kakade! Ngemihlangano yebandla yamasonto onke, sihlanganisa amaphuzu ayinhloko ezincwadi ezingu-23 zemiBhalo YamaKristu YesiGreki, sibukeze ukwaziswa okutholakala kwesithi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo.” Sibukeza nengxenye eyodwa kwezintathu yencwadi ethi Ulwazi kanye nayo yonke incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, sondliwa ngamakhophi angu-12 e-Nkonzo Yethu YoMbuso, izihloko ezifundwayo ezingu-52 ze-Nqabayokulinda, kanye nezinkulumo zeningi ezicishe zibe inani elifanayo ezikhuluma ngezihloko ezihlukahlukene zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokhu kuba nezimiso ezicebile zemihlangano emikhulu. Yeka ingcebo yezinto ezinhle ezingokomoya esiyitholayo!
3 Yazisa Amalungiselelo KaJehova: Ukuze sizuze ngokugcwele, kufanele siqonde ukuthi kungani uJehova esilungiselela insada engaka engokomoya. Ukuzondla ngalezi zinto ezinhle kwakha ukholo lwethu futhi kuqinise ubuhlobo bethu naye. (1 Thim. 4:6) Nokho, ukudla okungokomoya akulungiselelwa ukuze kufundiswe thina kuphela. Kusishukumisela ukuba sihlanganyele iqiniso nabanye futhi kusihlomisele ukuba siphumelele ekwenzeni kanjalo njengezikhonzi zezindaba ezinhle.—2 Thim. 4:5.
4 Masingazidebeseleli izidingo zethu ezingokomoya, kodwa masihlakulele njalo ukulangazelela amalungiselelo acebile nanelisayo angokomoya atholakala etafuleni likaJehova. (Math. 5:3; 1 Pet. 2:2) Ukuze sizuze ngokugcwele kudingeka sibekele eceleni isikhathi sezinto ezibalulekile njengesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke somuntu siqu nesomkhaya kanye nokuba khona emihlanganweni. (Efe. 5:15, 16) Imivuzo ejabulisayo yokwenza kanjalo iyoba njengokwesikhuthazo esiphefumulelwe uPawulu asibhalela amaKristu akholekile angamaHeberu, esilotshwe kumaHeberu 13:20, 21.