Ukuhanjelwa Okungaba Isibusiso
1 UZakewu wasamukela ngokujabula isivakashi esinguJesu kwakhe. Futhi yeka isibusiso lokho kuhanjelwa okwaba yiso!—Luka 19:2-9.
2 Namuhla, njengeNhloko yebandla, uJesu Kristu uqondisa abadala ukuba ‘beluse umhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Pet. 5:2, 3; Joh. 21:15-17) Ngaphezu kokufundisa emihlanganweni nokuhola enkonzweni yasensimini, ababonisi bebandla banikeza usizo lothando ngokomuntu siqu kumalungu ngamanye ebandla. Ngakho-ke, ngezikhathi ezithile ungase ulindele ngokulangazela ukunakwa abadala ngokomuntu siqu, kungaba sekhaya, eHholo LoMbuso, lapho nindawonye enkonzweni yasensimini, noma ngezinye izikhathi. Ingabe kufanele uzizwe ukwesaba ukuhanjelwa abadala? Lutho neze. Ukukuhambela kwabo akusho ukuthi uyashiyeka ngandlela-thile. Pho, iyini injongo yokuhambela kokwalusa?
3 UPawulu wathi wayefuna ukuhambela abazalwane ukuze ‘abone ukuthi banjani.’ (IzE. 15:36) Yebo, njengabelusi abanothando, abadala banesithakazelo kakhulu ekutheni unjani. Bafuna ukunikeza usizo olungokomoya olungase lukusize futhi lukwakhe. UMalusi wethu onothando uJehova ufuna ngamunye wethu athole ukunakekelwa okunjalo komuntu ngamunye.—Hez. 34:11.
4 Kujabulele Ukuhanjelwa Abadala: Umgomo kaPawulu lapho ehambela abafowabo kwakuwukuba ‘adlulisele kubo isipho esithile esingokomoya ukuze baqiniswe, nokuba kube khona ukukhuthazana.’ (Roma 1:11, 12) Sonke siyakudinga ukukhuthazwa ngokomoya kulezi zinsuku zokugcina ezinzima, futhi sidinga usizo ukuze siqhubeke siqinile okholweni. Ukusabela kwakho kahle ekuhanjelweni kokwalusa nakanjani kuyophumela ekukhuthazaneni okuhle.
5 Zazise izinzuzo eziningi ezingatholakala emsebenzini wabadala wokwalusa. Uma kunendaba ethile noma umbuzo okukhathazayo, khumbula ukuthi abadala bakhona ebandleni ngenjongo yokusiza. Unganqikazi ukuxoxa nabo nganoma yini okungenzeka ithinta inhlalakahle yakho engokomoya. Lazise leli lungiselelo lothando likaJehova, futhi ujabulele izibusiso ezingalethwa ukuhanjelwa okunjalo.