Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/98 k. 1
  • Ingabe Uyabafunda Omagazini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyabafunda Omagazini?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso Abafike Ngesikhathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 10/98 k. 1

Ingabe Uyabafunda Omagazini?

1 Umbhangqwana othile oyizithunywa zevangeli e-Afrika washo lokhu ngomagazini bethu: “INqabayokulinda isisiza ukuba sihlale siphapheme ngokomoya ensimini yethu. Kumagazini ngamunye sithola isikhuthazo namandla.” Ingabe nawe unokwazisa okujule ngaleyo ndlela ngomagazini bethu? Futhi ingabe uyakushisekela ukubafunda?

2 Kudinga isikhathi esiningi ukulungiselela izihloko zomagazini ezingase zifundwe nje ngemizuzu embalwa. Wazi lokhu, ingabe ubungamane nje udlulise amehlo, ubheke imifanekiso, noma ngezikhathi ezithile ufunde nje isihloko esithuke sikukhangile? Sihlakaniphile uma senza okungaphezu kwalokho. Kufanele sibe nesikhathi sokufunda nokuhlaziya zonke izihloko ezikubo bonke omagazini bethu. INqabayokulinda iwumagazini wethu oyinhloko wokudla okungokomoya okufika ngesikhathi. I-Phaphama! inezihloko ezithakazelisayo nezifundisayo ezikhuluma ngezindaba ezihlukahlukene. Esikutholayo ngokufunda lab’ omagazini akusiqinisi ngokomoya nje kuphela kodwa futhi kusilungiselela ukuba sihlanganyele ngempumelelo enkonzweni. Uma thina ngokwethu singabafundi abathembekile, siyokushisekela ukubahambisa kwabanye omagazini.

3 Indlela Yokuthuthukisa Imikhuba Yokufunda: Ingabe ungathuthukisa ukuze ubafunde bonke omagazini? Nakhu ukusikisela okubili okusiza abaningi. (1) Yiba nesimiso sokufunda sasikhathi sonke. Ngokubekela eceleni imizuzu eyishumi noma engu-15 usuku ngalunye, uyomangala ukuthi ungafunda okuningi kangakanani ngesonto. (2) Yiba nesimiso sokuphawula osukufundile. Mhlawumbe ungabeka uphawu oluthile ekuqaleni kwesihloko ngasinye osifundayo. Uma ungakwenzi lokhu, ungazeqa ezinye izihloko noma ungawufundi wonke umagazini. Kubalulekile ukuba nesimiso sokufunda esikusebenzelayo wena futhi unamathele kuso.—Qhathanisa neyabaseFilipi 3:16.

4 ‘Isigqila esikholekile nesiqondayo’ siye sasabela ngokuhlakanipha ezikhathini eziguqukayo ngokunyathelisa izihloko ezibhekana nezidingo zangempela zabantu. (Math. 24:45) Ngempela, omagazini baye bakuthinta ukuphila kwethu. Ngokwezinga elikhulu, izinga lentuthuko yethu engokomoya lilawulwa imikhuba yethu yokufunda izinto ezingokwasezulwini. Labo abasenzayo isikhathi sokufunda bonke omagazini bagcinelwe isibusiso esicebile ngokomoya.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela