Ushintsho Emahoreni Afuneka Kumaphayona
1 Sonke siyakwazisa ukuba namaphayona avamile nasizayo azikhandlayo ebandleni. Ngisho nalapho kunensimu elinganiselwe nesetshenzwa njalo, amaphayona aye abeka isibonelo esihle ngenkonzo yawo yokushisekela uMbuso. Aye akhuthaza bonke abamemezeli ukuba baqhubeke bematasa ekufuneni labo ‘abathambekele ngokufanele.’—IzE. 13:48.
2 INhlangano iye yaqaphela izinkinga ezikhulayo amaphayona abhekana nazo, ikakhulukazi ngokuphathelene nokuthola amatoho azowavumela ukuba azinakekele kahle izidingo zawo ukuze aqhubeke esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Isimo samanje sezomnotho emazweni amaningi siye sakwenza kwaba nzima ngokwengeziwe ukuba abanye bangenele umsebenzi wamaphayona, ngisho noma bekufisa lokhu ngenhliziyo yonke. Ezinyangeni zamuva nje, lezi zici kanye nezinye ziye zacatshangelwa kabanzi.
3 Ngakho-ke, ngenxa yezizathu ezingenhla, iNhlangano iye yawanciphisa amahora afuneka kumaphayona avamile nasizayo. Kusukela ngonyaka ka-1999, amahora afuneka kumaphayona avamile azoba ngu-70 inyanga ngayinye, noma ingqikithi yamahora angu-840 ngonyaka. Kumaphayona asizayo kuzolindeleka amahora angu-50 inyanga ngayinye. Amahora alindeleke kumaphayona akhethekile nezithunywa zevangeli awazukushintsha, ngoba iNhlangano inelungiselelo lokubasiza ukuba banakekele izidingo zabo eziyisisekelo zezinto ezibonakalayo. Ngaleyo ndlela, bangagxila ngokugcwele emsebenzini wabo wokushumayela nokwenza abafundi.
4 Kwethenjwa ukuthi lolu shintsho emahoreni afunekayo luzosiza amaphayona engeziwe ukuba abambelele kuleli lungelo lenkonzo eliyigugu. Kufanele futhi luvule indlela yokuba abamemezeli abengeziwe bangenele umsebenzi wamaphayona avamile nasizayo. Yeka isibusiso okufanele lokhu kube yiso kubo bonke abasebandleni!