Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/99 k. 4
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ingabe Ufuna Ukwenza Okwengeziwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 5/99 k. 4

Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho

1 Eminyakeni engu-40 edlule, kuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-January 15, 1955, kwakunesihloko esithi “Ingabe Wenza Okungcono Kakhulu?” Ngendlela enothando, sabonisa ukuthi abantu bakaJehova bangawuthuthukisa kanjani umzamo wabo ngabanye enkonzweni ukuze bandise umsebenzi wabo woMbuso. Leso seluleko esihle sisasebenza nanamuhla, njengoba siqhubeka sithuthuka kwesikwenzayo.

2 Inkonzo yethu yonke kufanele ishukunyiswe umyalo omkhulu kunayo yonke: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke nangezikhwepha zakho zonke.” (Marku 12:30) Sibonisa uthando lwethu oluphelele ngoJehova ngokuwasebenzisa ngokugcwele amathuba esiwatholayo ukuze sithuthukise umsebenzi wakhe woMbuso. Cabangela izindlela ezilandelayo ongayandisa ngazo inkonzo yakho.

3 Thwala Umthwalo Wakho: Abazalwane abazinikezele bangalwela ukufaneleka njengezinceku ezikhonzayo bese bethuthukela ekukhonzeni njengabadala. Isihloko esithi “Ingabe Uyakulwela Ukufaneleka?” nesithi “Ingabe Uyakufanelekela Ukukhonza?” ezikuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 1990, ziye zashukumisa abazalwane abaningi ukuba bazenze batholakalele ukusingatha imithwalo yemfanelo yebandla. Cela abadala bebandla lakini ukuba bakunikeze ukusikisela okuqondile kokuthi ungakulwela kanjani ukufaneleka.

4 Abadala nezinceku ezikhonzayo abangakashadi bacelwa ukuba bakucabangele ngokungathi sína ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Ungathola ukwaziswa okwengeziwe ngalesi sikole ngokufunda izikhombo ezingaphansi kwesithi “Ministerial Training School” kuyi-Watch Tower Publications Index ka-1986-1995, ka-1996 neka-1997. Uyabona yini ukuthi ‘uvulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini’? (1 Kor. 16:9a) Abazalwane abaningi abangena kuwo babengawazi neze wonke amalungelo enkonzo abalindele. Manje bajabulela ukukhonza eBethel noma ensimini njengamaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli noma njengababonisi besifunda.

5 Lwela Ukungenela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele: Intsha ephothula imfundo esikoleni esiphakeme, amakhosikazi emizi, nanoma ubani osethathe umhlalaphansi kufanele akucabangele ngokungathi sína ukuphayona. Bukeza isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1998, bese uxoxa namaphayona ayenezimo zokuphila ezifana nezakho. Mhlawumbe lokho kungakushukumisela ukuba wandise inkonzo yakho ngokuphayona, njengoba enza nawo. (1 Kor. 11:1) Ungakwazi yini ukwandisa umsebenzi wakho ube amahora angu-70 ngenyanga, ngaleyo ndlela ukhonze njengephayona elivamile?

6 Abafowethu nodadewethu abangaphezu kuka-17 000 manje bakhonza emahhovisi egatsha nasemakhaya aseBethel emhlabeni wonke. INkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1995 ichaza ukuthi yini edingekayo ukuze ufake isicelo saleyo nkonzo. Kungani ungasifundi leso senezelo futhi ubone ukuthi awunakulifanelekela yini ilungelo eliyingqayizivele lenkonzo yaseBethel?

7 Khonza Lapho Kunendingeko Enkulu Khona: Ingabe uhlala endaweni enensimu ehlanganiswa njalo noma lapho kunabazalwane abaningi khona abaphathiswe imithwalo yemfanelo? Ingabe uke wacabanga ngokwandisa inkonzo yakho ngokuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona? Mhlawumbe ungathuthela endaweni yasemaphandleni eseduze okudingeka kuyo izisebenzi ezengeziwe. (Math. 9:37, 38) Lokhu akufanele kwenziwe ngokuxhamazela. Kufanele kucatshangelwe ngomthandazo. (Luka 14:28-30) Xoxa ngesimo sakho nabadala kanye nombonisi wesifunda. Bayobonisana nawe ukuthi kuwukuhlakanipha yini ukuthutha manje noma ukulungiselela ukuthutha esikhathini esizayo. Uma uthanda ukubhalela iNhlangano ucele ukusikisela kokuthi ungathuthela kuphi, ungathumela incwadi yakho ehambisana nencwadi esayinwe yiKomiti Yenkonzo Yebandla.

8 Thuthukisa Izinga Lenkonzo Yakho: Cishe sonke singahlanganyela ngokugcwele enkonzweni ngokuthuthukisa izinga lenkonzo yethu yasensimini. Ingabe uhlanganyela kuzo zonke izici zomsebenzi, kuhlanganise nokufakaza endlini ngendlu nangokwethukela, nasemsebenzini wokwenza izimpindelo nowezifundo zeBhayibheli? Uma uqhuba isifundo, ingabe ungalithuthukisa ikhono lakho lokufundisa? Kungaba kuhle ukubukeza isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996 ukuze uthole ukusikisela ongase ukusebenzise ukuze ushukumise abantu ofunda nabo ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe.

9 Ingxoxo ebanzi mayelana nezindlela zokwandisa nokuthuthukisa inkonzo yethu itholakala esahlukweni 9 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu. Ngempela kufanele kube isifiso sethu sonke ukwenza okuningi ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu. Kungani ungacabangisisi ngemigomo yakho engokomoya? Yenza njengoba eyoku-1 Thimothewu 4:15 ikhuthaza: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela