Imfundo Yezwe Nemigomo Yakho Engokomoya
1 Ukuthola imfundo enhle eyisisekelo lapho usemncane kungakwenza ufunde amakhono athile adingekayo ukuze ukwazi ukufunda nokubhala kahle futhi uthole ulwazi oluhle ngomumo wezwe, umlando, izibalo kanye nesayensi. Phakathi nalesi sikhathi, ungafunda indlela yokucabangisisa kahle, yokuhlaziya amaphuzu, yokuxazulula izinkinga nokusungula imiqondo ekhaliphile. Ulwazi olunjalo luyoba yinzuzo kukho konke ukuphila kwakho. Imfundo yakho yezwe ingahlobana kanjani nemigomo yakho engokomoya ekuphileni bese ikusiza ukuba uzuze “ukuhlakanipha namasu”?—IzAga 3:21, 22.
2 Sebenziseka Enkonzweni KaNkulunkulu: Lapho usesesikoleni, lalelisisa ekilasini futhi uzenze kahle izabelo zakho zesikole ezenzelwa ekhaya. Uma uchwephesha ekufundeni kahle nasekutadisheni, uyolicwaninga kalula kakhulu iZwi likaNkulunkulu futhi uzigcine uqinile ngokomoya. (IzE. 17:11) Ulwazi olubanzi luyokusiza ukuba ukwazi ukusebenzelana nabantu bezizinda, izithakazelo kanye nezinkolelo ezihlukahlukene lapho uhlangana nabo enkonzweni. Imfundo oyizuza esikoleni iyoba usizo njengoba ufeza imithwalo yakho yemfanelo yobuKristu enhlanganweni kaNkulunkulu.—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 2:21; 4:11.
3 Funda Ukuzondla: Uma uzikhandla, ungafunda namakhono adingekayo ukuze ukwazi ukuziphilisa ngemva kokuphothula esikoleni. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:8.) Zikhethe ngokucophelela izifundo. Esikhundleni sokugxila emkhakheni onamathuba omsebenzi alinganiselwe, cabangela umsebenzi wezandla noma ikhono elizokusiza uthole umsebenzi ofanele noma kuphi. (IzAga 22:29) Ukuqeqeshwa okunjalo kuyokusiza ukuba ukwazi ukuzondla uma kungenzeka unqume ukuyokhonza lapho indingeko inkulu khona.—Qhathanisa nezEnzo 18:1-4.
4 Ukuthola imfundo enhle eyisisekelo lapho usesesikoleni kungakusiza ukuba wandise inkonzo yakho. Sebenza kanzima ukuba uzuze amakhono adingekayo ukuze uzondle kuyilapho uthuthuka enkonzweni kaJehova. Ngaleyo ndlela imfundo yakho yasesikoleni iyokusiza ukuba ufinyelele imigomo yakho engokomoya.