Zuza Ngokugcwele Esikoleni
1 Njengoba unyaka uqhubeka, intsha kuzodingeka yenze izinqumo ezihilela lokho ezifuna ukukufundela esikoleni. Nakuba kungase kube khona izinselele ezithile nobunzima obuhambisana nokufunda esikoleni, kunezinzuzo eziningi futhi ezitholwa yintsha ezikhandlayo ukuze izuze ngokugcwele emfundweni yayo.
2 Imfundo enhle eyisisekelo ingaba nesandla entuthukweni yakho engokomoya. Lokho umuntu akwenza ebusheni bakhe kuneqhaza elikhulu kulokho ayokufeza esemdala. Ngisho nasendabeni yesikole, “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Gal. 6:7) Intsha etadisha izifundo zayo zesikole ngenkuthalo ingazuza amakhono ayoyenza isebenziseke kakhudlwana enkonzweni kaJehova.
3 Ukukhetha izifundo ezifanele esikoleni kudinga ukucabangisisa. Abazali kufanele basize izingane zabo ukuba zikhethe lezo ezinikeza ukuqeqesha okuyinzuzo kakhulu ukuze zifinyelele imigomo engokomoya ekuphileni. Ngokuthuthukisa amakhono ayo, intsha iyoba nethuba lokukwazi ukuzisekela emsebenzini wobuphayona. Imfundo yayo eyisisekelo kufanele iyisize ukuba idumise uJehova kungakhathaliseki ukuthi ikhonzaphi.
4 Basha, zamani ukuzuza ngokugcwele eminyakeni eniyichitha esikoleni. Njengoba nenza kanjalo, gxilani ekuphileni ukuphila okunenjongo enkonzweni engcwele, kunokuphishekela ukufundela umsebenzi wezwe. Zimiseleni ukusebenzisa ukuphila kwenu ekwenzeni intando kaJehova. Ngaleyo ndlela, niyokwenza indlela yenu iphumelele, kube udumo kuJehova.—IHu. 1:3.