Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/00 k. 1
  • Unawo Yini Umoya Wokuzidela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unawo Yini Umoya Wokuzidela?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Nomoya Wokuzidela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indlela Yokulondoloza Umoya Wokuzidela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Kungani Kufanele Uzidele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 4/00 k. 1

Unawo Yini Umoya Wokuzidela?

1 Ukwazisa lokho uJesu Kristu akwenzela isintu ngokungenabugovu kufanele sonke kusishukumisele ukuba ngokuzidela sisebenzise amakhono ethu, amandla kanye nezikhwepha zethu. ImiBhalo iyanxusa: “Nethule imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, uyinkonzo engcwele.” (Roma 12:1) Ukuzihlola njalo kuzokusiza ukuba ubone ukuthi lowo moya uwubonisa ngokugcwele yini ngezinga elivunyelwa izimo zakho.

2 Ekuphishekeleni Ulwazi LweBhayibheli: Uye wasibekela yini eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli nokulitadisha njalo? Uyanamathela yini kuleso simiso? Ingabe kuwumkhuba wakho ukuyilungiselela kahle imihlangano yebandla? Uma uyinhloko yomkhaya, ninaso yini isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nomkhaya wakho? Ukwenza lezi zinto kungase kudinge ukuba udele isikhathi osichitha ubukela ithelevishini noma kuyi-computer noma kweminye iminako. Kodwa, yeka ukuthi kuwukuzidela okuncane kangakanani, ngokwazi ukuthi isikhathi osichitha ngeZwi likaNkulunkulu sizokusiza sikuholele ekuphileni okumi phakade!—Joh. 17:3.

3 Ekuqeqesheni Izingane Zakho: Isikhathi esingcono kakhulu sokuqala ukufunda inkambo yokuzidela silapho umuntu esemncane. Fundisa izingane zakho ukuthi nakuba sikhona isikhathi sokudlala, kufanele sibe khona nesokusebenza nesemisebenzi engokwasezulwini. (Efe. 6:4) Zinikeze umsebenzi onenjongo ekhaya. Yenza isimiso sasikhathi sonke sokuhlanganyela nazo enkonzweni. Gcizelela imfundiso yakho ngesibonelo sakho esihle.

4 Emisebenzini Yebandla: Ibandla liyazuza uma wonke umuntu okulo ezidela ngokuzithandela ukuze enze izinto ezizuzisa wonke umuntu. (Heb. 13:16) Ungakwazi yini ukuchitha isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi? Ungazinikela yini ngokuzithandela ukuba usize abagulayo noma abagugile, mhlawumbe ubasize ngento yokuhamba baye emihlanganweni?

5 Ngaphambi kokuba enze ukuzidela okukhulu ngokunikela ngokuphila kwakhe kobuntu, uJesu weluleka abafundi bakhe ukuba bagxilise amehlo abo ezithakazelweni zoMbuso, benze konke okunye ekuphileni kuze kamuva. (Math. 6:33) Ukuphishekela umoya onjalo wokuzidela kuyosilethela injabulo enkulu njengoba siqhubeka sikhonza uJehova ngenjabulo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela