Yiba Nomoya Wokuzidela!
UROLFa wayeyisisebenzi esithandwayo. Lapho enquma ukuthola umsebenzi oyitoho ukuze akwazi ukwandisa ingxenye yakhe enkonzweni yobuKristu, umqashi wakhe wabambisana naye ngaphandle kokuthandabuza. Ngakho-ke uRolf wakwazi ukujabulela inkonzo yamaphayona iminyaka eminingi. Nokho, ngolunye usuku isimo somsebenzi sashintsha. URolf wayewenze kahle kakhulu umsebenzi wakhe kangangokuba wanikezwa isikhundla sokuba umphathi wezentengiselwano kuleyofemu. Lomsebenzi wawuhlanganisa neholo elikhangayo namathemba amahle entuthuko eyengeziwe. Nokho, wayengeke esakwazi ukwenza umsebenzi wetoho.
URolf wayenenkosikazi nabantwana ababili okwakumelwe abondle, futhi imali eyengeziwe yayizoba usizo. Nokho, wasenqaba lesosikhundla futhi wafaka isicelo somunye umsebenzi, owawuzomvumela ukuba ahlangabezane nakho kokubili izibopho zakhe ezingokomoya nezingokwezimali. Umqashi kaRolf wayemangele ngalesinqumo. Lapho eqaphela ukuthi ngisho nokunikezwa iholo eliphakeme kwakungeke kusebenze, umqashi wakhe waphetha: “Ngiyabona ukuthi ngeke ngincintisane nokholo lwakho.”
Yebo, uRolf wayenalo ukholo. Kodwa futhi wayenenye imfanelo—umoya wokuzidela. Umoya onjalo uyivela-kancane ezweni lethu eligcwele ukuzitika. Kodwa ungaholela endleleni yokuphila ezuzisayo neyanelisayo. Uyini umoya wokuzidela? Uhilelani? Futhi yini okumelwe siyenze ukuze siwulondoloze?
Imfuneko EngokweBhayibheli
Ukunikela kusho ukwehlukana noma nokuthile okuyigugu ukukudela. Ukunikela bekulokhu kuyingxenye yokukhulekela okuhlanzekile kusukela ufakazi wokuqala othembekile, uAbela, anikela ‘ngamazibulo ezimvu zakhe’ njengomhlatshelo kuNkulunkulu. (Genesise 4:4) Amadoda okholo, njengoNowa noJakobe, enza okufanayo. (Genesise 8:20; 31:54) Imihlatshelo yezilwane nayo yayiyisici esibalulekile soMthetho kaMose. (Levitikusi 1:2-4) Nokho, ngaphansi kwalowoMthetho, abakhulekeli banxuswa ukuba banikele ngokungcono kakhulu ababenakho. Babengavunyelwe ukunikela nganoma isiphi isilwane esinesici njengomhlatshelo. (Levitikusi 22:19, 20; Duteronomi 15:21) Lapho amaIsrayeli ahlubukayo ewuphula lomthetho, uNkulunkulu wawasola, ethi: “Lapho niletha isilwane esiqhugayo [ukuze sibe umhlatshelo, nithi] ‘Akukubi.’ Sizani nisisondeze kumbusi wenu. Ingabe uyonithokozela, noma ingabe uyonamukela ngomusa? . . . Ingabe ngingakuthokozela esandleni senu?”—Malaki 1:8, 13, NW.
Isimiso sokunikela sadluliselwa ekukhulekeleni kobuKristu. Nokho, njengoba uKristu eselikhokhile inani eligcwele lesihlengo, imihlatshelo yezilwane ayisamukeleki kuNkulunkulu. Ngakho, yini amaKristu anganikela ngayo ngokwamukelekayo? KweyabaseRoma 12:1 uPawulu uyabhala: “Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda.” Yeka ushintsho olumangalisayo! Kunokuba anikele ngemizimba efile, amaKristu kwakumelwe enze umnikelo ophilayo ngawo siqu—amandla awo, impahla, namakhono. Futhi njengakwaIsrayeli, uJehova ngeke ayamukele imihlatshelo “eqhugayo,” noma eyokuzenzisa. Ufuna ukuba abakhulekeli bakhe bamnikeze okungcono kakhulu abanakho, bamkhonze ngayo yonke inhliziyo yabo, umphefumulo, ingqondo, namandla.—Marku 12:30.
Ngakho umoya wokuzidela uhilela okwengeziwe kunokuzinikela komuntu esimisweni semihlangano nokusebenza enkonzweni yobuKristu. Kusho ukuzimisela ukwenza untando kaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi kudingani. Kusho ukulungela ukubhekana nobunzima nokungaphatheki kahle. “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe [isigxobo sakhe sokuhlushwa aqhubeke engilandela, NW].” (Mathewu 16:24) UmKristu akakhathaleli ngokuyinhloko izifiso zakhe siqu noma imigomo yezinto ezibonakalayo. Ukuphila kwakhe kugxila ekufuneni kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwaKhe. (Mathewu 6:33) Uma kudingekile, uzimisele ukuthabatha ‘isigxobo sakhe sokuhlushwa,’ abhekane noshushiso, ihlazo, noma ngisho nokufa!
Izibusiso Ezibangelwa Ukuzidela
Lapho ebhekene nezinto ezinjalo ezingenzeka, umuntu ngokwemvelo angase azibuze ukuthi ukuzidela kunenzuzo yini. Kulabo abathanda uJehova uNkulunkulu futhi befisa ukubona igama lakhe lidunyiswa, kunenzuzo ngempela. (Mathewu 22:37) Cabangela isibonelo esiphelele esabekwa nguJesu Kristu. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, wayejabulela isikhundla esiphakeme ezulwini njengesidalwa somoya. Nokho, njengoba atshela abafundi bakhe, wayengafuni ‘intando yakhe, kodwa intando kaNkulunkulu, omthumileyo.’ (Johane 5:30) Ngakho ngokuzithandela “wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze-kwaba sekufeni, yebo, ekufeni [kwesigxobo sokuhlushwa, NW].”—Filipi 2:7, 8.
Ukuzidela okunjalo akuzange kungabi nazithelo. Ngenxa yokuthi uJesu wayezimisele ‘ukudela ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe’ wayengalikhokha inani lesihlengo, enza abantu abangaphelele ukuba bazuze ukungafi ezulwini, noma ukuphila okuphakade emhlabeni. (Johane 3:16; 15:13; 1 Johane 2:2) Ngokugcina ubuqotho bakhe ngokuphelele, wenza ukuba igama likaJehova lidunyiswe kakhulu. (IzAga 27:11) Yingakho uJehova ambusisa ngenxa yenkambo yakhe yokuzidela! “UNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke.”—Filipi 2:9.
Yebo, uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Ingabe uNkulunkulu uyabavuza nabanye abazidela ngenxa yakhe? Yebo, futhi lokhu kuboniswa izibonelo eziningi kokubili ezikhathini zasendulo nezanamuhla. Cabangela ukulandisa kweBhayibheli ngoRuthe umMowabikazi. Ngokunokwenzeka wezwa ngoJehova ngomyeni wakhe ongumIsrayeli. Ngemva kokushona komyeni wakhe, kwadingeka enze isinqumo. Ingabe wayezohlala ezweni lobuqaba azalelwa kulo, noma ingabe wayezokuya eZweni Lesithembiso noninazala osekhulile, uNawomi? URuthe wakhetha ukuhamba, ngisho nakuba kwakuhilela ukudela ubudlelwane bakhe nabazali bakhe futhi mhlawumbe ngisho namathemba okuphinde ashade. Nokho, uRuthe wayesemazi uJehova, futhi isifiso sokumkhulekela phakathi kwabantu bakhe abakhethiwe samshukumisela ukuba anamathele kuNawomi.
Ingabe uRuthe wavuzwa ngokuzidela okunjalo? Yebo wavuzwa! Ngokuhamba kwesikhathi, umnini-ndawo othile ogama lakhe linguBowazi wamthatha waba umkakhe, futhi uRuthe waba ngunina wendodana ethiwa nguObede, okwamenza waba ngukhokhokazi kaJesu Kristu.—Mathewu 1:5, 16.
Izinceku zikaNkulunkulu ezizidelayo nazo ziye zazijabulela izibusiso ezikhathini zanamuhla. Ngokwesibonelo, ngo-1923, uWilliam R. Brown, owayaziwa kangcono ngelithi “Bible” Brown, washiya umuzi wakhe eWest Indies ukuze aqalise umsebenzi wokushumayela eNtshonalanga Afrika. Wayehamba nomkakhe nendodakazi. Ekugcineni wathuthela eNigeria, lapho umsebenzi wokushumayela wawusaqala nje ukuthela izithelo. Ekanye nomMelika onsundu ogama lakhe linguVincent Samuels nomunye uFakazi waseWest Indies ogama lakhe linguClaude Brown, “uBible” Brown wafeza ingxenye ebalulekile ekuqaliseni komsebenzi eNtshonalanga Afrika.
Namuhla abamemezeli abangaphezu kuka-187 000 bakhonza eSierra Leone, eLiberia, eGhana, naseNigeria, amasimu avulwa “nguBible” Brown nabangane bakhe. Ngaphambi kokufa kwakhe ngo-1967, “uBible” Brown wathi: “Yeka injabulo okuyiyo ukubona amadoda nabesifazane belalela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu!” Yebo, wabusiswa ngokucebile ngenxa yenkambo yakhe yokuzidela.
Izindlela Zokuzidela
Yiziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo umoya ofanayo namuhla? Enye iwukuba sihlanganyele njalo masonto onke enkonzweni yendlu ngendlu. (IzEnzo 20:20) Ukwenza kanjalo kungase kungabi lula, ikakhulukazi ngemva kokuzikhandla isonto lonke emsebenzini wokuziphilisa. Kungase kudinge ukuzithiba nokuhlela okuhle. Kodwa izinjabulo zikwedlula kude ukungaphatheki kahle ongabhekana nakho. Phela, ungaba nelungelo lokusiza othile ukuba abe “yincwadi kaKristu . . . [elotshwe] kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi-sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.”—2 Korinte 3:3.
‘Ngokuthengisisa isikhathi’ ngokucophelela, mhlawumbe emsebenzini wokuziphilisa noma ekuzijabuliseni, abanye baye bayandisa ingxenye yabo emsebenzini wokushumayela. (Efesu 5:16) Abaningi bahlela izimiso zabo ukuze bajabulele inkonzo yamaphayona asizayo okungenani kanye ngonyaka. Abanye bayakwazi ukuba amaphayona asizayo ngokuqhubekayo noma ukukhonza njengamaphayona avamile. Okunye ukuzidela kokucatshangelwa ukuthuthela ezindaweni ezinendingeko yabamemezeli boMbuso abengeziwe. Lokhu ngokuvamile kuhilela ushintsho olukhulu endleleni yokuphila, ukubekezelela ukungaphatheki kahle, nokuzivumelanisa namasiko amasha nemikhuba. Kodwa izibusiso zokuba nengxenye egcwele ngokwengeziwe ekusizeni abanye ukuba bazuze ukuphila zenza ukuzidela okunjalo kube okunomvuzo.
UJohn Cutforth owazalelwa eCanada wazibonela lokhu mathupha. Ngemva kokuthweswa iziqu eWatchtower Bible School of Gilead, wabelwa njengesithunywa sevangeli eAustralia. “Yeka ukuthi kwakukude kangakanani nasekhaya!” kukhumbula uMzalwan’ uCutforth. “Ingabe ngangisayophinde ngibuyele ekhaya eCanada ukuze ngiyobona abazali bami nabangane ngaphambi kweArmagedoni? Okuwukuphela kwendlela engangingathola ngayo kwakuwukuhamba.” UMzalwan’ uCutforth wahamba, futhi akazange azisole ngokuzidela akwenza. Eminyakeni eyalandela waqalisa umsebenzi wokushumayela ePapua New Guinea, lapho asakhonza khona ngentshiseko, njengoba eseqede iminyaka engu-50 esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Wake wathi ngesinye isikhathi: “Ukufuna ukulandela ukuhola kukaJehova ngaso sonke isikhathi, ukwamukela noma isiphi isabelo abona kufanele ukuthi akunikeze sona, kuletha injabulo, intokozo, ukwaneliseka, nabangane abangenakubalwa.”
Yiqiniso, izimo ezinjengempilo, izimali, nezibopho zomkhaya zingase zikulinganisele lokho ongakwenza; akubona bonke abangakhonza njengamaphayona nezithunywa zevangeli. Nokho, zimisele ukuba nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini, ungavumeli ukungaphatheki kahle okuncane, njengesimo sezulu esingesihle, ukuba kukuphazamise. (Heberu 10:24, 25) Ungase futhi ukwazi ukunikela isikhathi esengeziwe esifundweni somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu. Eminye imikhaya yenza kanjalo ngokulinganisela isikhathi esichitha ibukele izinhlelo zeTV, mhlawumbe ize ibe ngisho nobusuku obuthile “bokungayibuki iTV” isonto ngalinye noma ingabibikho kwanhlobo iTV. Ngokuthola isikhathi sesifundo somuntu siqu, “umnikelo wokubonga” owenza ngawo “ukuvuma kwasobala igama lakhe” emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini ngokunokwenzeka kakhulu kuyoba ukuzidela kwezinga eliphakeme.—Heberu 13:15.
Khumbula, umsebenzi wokushumayela manje ususemaphethelweni. Ngokushesha uNkulunkulu uzoletha isahlulelo sakhe phezu kwalelizwe elihahayo neligcwele ukuzitika. (Zefaniya 2:3) Ukuze sithole umusa kaNkulunkulu, asinakuba abazigodlayo. Kumelwe ‘sinikele imizimba yethu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu.’ (Roma 12:1) Umoya onjalo uyoletha injabulo enkulu nokwaneliseka. Uyosisiza ukuba sithole injabulo enkulu ngokwengeziwe enkonzweni yethu. Futhi uyokwenza inhliziyo kaJehova uNkulunkulu ijabule!—IzAga 27:11.
Ngakho londoloza umoya wokuzidela! Ungakungabazi ukuzidela ngenxa yabanye nokusekela izithakazelo zoMbuso. UPawulu uyanxusa: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.”—Heberu 13:16.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.
[Isithombe ekhasini 26]
Ukuthola isikhathi sesifundo somuntu siqu nesenkonzo yasensimini kungase kuhilele ukuzidela, kodwa kunomvuzo
[Izithombe ekhasini 28]
UW. R. Brown noJohn Cutforth babusiswa ngokucebile ngenkambo yabo yokuzidela