Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/00 k. 8
  • Qiniseka Ukuthi Uyaphindela!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qiniseka Ukuthi Uyaphindela!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Qikelela Ukuba Uphindele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Siza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 4/00 k. 8

Qiniseka Ukuthi Uyaphindela!

1 “Sibe nengxoxo enhle kakhulu! Kufanele ngikhumbule ukuphindela khona.” Wake wawasho lawo mazwi, kodwa kamuva wakhohlwa ukuthi uhlalaphi lowo muntu? Uma kunjalo, uyazi ukuthi okuwukuphela kwendlela yokuqiniseka ukuthi uyaphindela iwukubhala phansi.

2 Bhala Konke: Lapho ingxoxo obe nayo nomuntu othakazelayo usayikhumbula, zinike isikhathi sokubhala phansi konke ukwaziswa okudingekayo ngalowo muntu. Bhala igama lalowo muntu nokuthi uyomkhumbula kanjani. Bhala ikheli lakhe, kodwa ungaliqageli—libheke ukuze uqiniseke ukuthi okubhalile kuqondile. Bhala isihloko enixoxe ngaso, nanoma imiphi imibhalo eniyifundile, nokuthi iyiphi incwadi omhambisele yona.

3 Uma umuntu umshiye nombuzo ozowuphendula ekuhambeleni okulandelayo, wubhale phansi. Kukhona yini akutshele kona ngaye, umkhaya wakhe noma inkolo yakhe? Uma kukhona, kubhale phansi. Khona-ke, lapho uphindela ngesikhathi esilandelayo, ukukhuluma ngakho kuyobonisa ukuthi unesithakazelo kuye. Ekugcineni, bhala usuku nesikhathi owamhambela ngaso okokuqala nokuthi uthe uzophindela nini. Uma uyibhale kahle le mininingwane, uyoba nezikhumbuzo ezicacile futhi ngeke ukhohlwe isithembiso sakho sokuphindela.—1 Thim. 1:12.

4 Uma usuqedile ukubhala umbhalo wakho, wugcine nezinye izinto zakho zasensimini—isikhwama, iBhayibheli, incwadi Ukubonisana nezinye izincwadi—ukuze njalo ube seduze. Kungcono kakhulu ukubhala abangekho emakhaya emibhalweni yendlu ngendlu engahlangene naleyo oyisebenzisela ukubhala izimpindelo zakho. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi usebenza kangakanani ukuze ugcine umbhalo oqondile wezimpindelo, into ebalulekile ukuqiniseka ukuthi uyaphindela!

5 Cabanga Ngalowo Muntu: Lapho ulungiselela inkonzo, bukeza imininingwane oyibhalile yezimpindelo. Cabanga ngomuntu ngamunye nokuthi iyiphi indlela engcono kakhulu ongayisebenzisa ekuhambeleni okulandelayo. Cabanga ngokuthi ungasikhulisa kanjani isithakazelo sakhe ukuze siphumele esifundweni seBhayibheli sasekhaya. Ukuhlela okunjalo kungakwandisa ukuphumelela kwakho njengesikhonzi sezindaba ezinhle, futhi lokho kukulethele injabulo.—IzAga 21:5a.

6 Ngakho esikhathini esizayo lapho uthola umuntu olalelayo, ungavele nje ucabange ukuthi uyomkhumbula. Kunalokho, bhala, bukeza okubhalile, uhlale ucabanga njalo ngalowo muntu, bese uqiniseka ukuthi uyaphindela!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela