Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/00 k. 3
  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlela Kusemanje Ukuba Khona Emhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” Ka-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • IMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ Ka-1999
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 10/00 k. 3

Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?

1 Uma singabuzwa ukuthi siyazazisa yini izinto ezingcwele, cishe singaphendula ngokushesha sithi yebo! Yimaphi amanye amalungiselelo kaNkulunkulu angcwele esiwazisayo?

2 Yeka ukuthi sibubheka njengobuyigugu kangakanani ubuhlobo bomuntu siqu esivunyelwe ukuba nabo noBaba wethu wasezulwini! Uyasiqinisekisa ukuthi uma ‘sisondela kuye, uyosondela kithi.’ (Jak. 4:8) Ngaphandle komhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu, akekho obengazuza ukuphila okumi phakade. (Joh. 3:16) Ngenxa yokwazisa okuqotho, nsuku zonke sizwakalisa ukwazisa kwethu okujulile ngomthandazo ngalesi sipho sikaNkulunkulu esiyigugu.

3 IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli Elingcwele, nalo lingcwele kithina, njengoba kunjalo ngenhlangano kaJehova yasemhlabeni. Sibonisa ukwazisa okufanele ngala malungiselelo avela kuJehova uma siphila ngezimiso zeBhayibheli, siqinisa uthando lobuzalwane, sigcina ukuhleleka kwaphezulu ngokucophelela futhi sibambisana nalabo abaholayo.—1 Pet. 1:22.

4 Ngesigqila esikholekile nesiqondayo, sithola insada yokudla okungokomoya. Kuyoba okufanayo kulo nyaka eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Khona siyothola imfundo ebalulekile futhi sijabulele ubudlelwane obufudumele esibudinga kangaka. Singakubonisa kanjani ukwazisa okusuka enhliziyweni ngaleli lungiselelo elingcwele?

5 Ungayidebeseleli Indlu KaJehova: UNehemiya wayala labo ababesebenze kanzima bevuselela izindonga zaseJerusalema ukuba ‘bangayishiyi indlu kaNkulunkulu wabo.’ (Neh. 10:39) Namuhla, “indlu” kaJehova iyilungiselelo lakhe lokukhulekela. Imihlangano yethu yesigodi iyingxenye yalelo lungiselelo. Ukungalidebeseleli leli lungiselelo, kusho ukuthi kumelwe sibe khona kuyo futhi silalelisise, sibonisa uJehova ukuthi siwazisa kakhulu amalungiselelo akhe. (Heb. 10:24, 25) Yimaphi amalungiselelo okufanele siwenze manje ukuze sibonise ukuthi sisazisa ngokugcwele lesi senzakalo esingcwele?

6 Yiba Khona Ngazo Zontathu Izinsuku: Sonke kufanele sihlele ukuba sibe khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano. Ingabe uhlela ukuba ufike ngaphambi kwesikhathi usuku ngalunye futhi uhlale kuze kube umthandazo wokugcina ngeSonto? Uma kunjalo, uyothola izibusiso ezicebile. Ukuba khona emhlanganweni kungase kungabi lula ngazo zonke izikhathi. Ukwenza ushintsho emsebenzini wakho wokuziphilisa kungase kudinge ukuba uqine. Kungase kungabi lula njalo ukuthola izinto zokuhamba. Kodwa ungazivumeli lezi zinto zikudumaze ungayi emhlanganweni.

7 Cabangela Lesi Sibonelo Esihle: Lisendleleni liya emhlanganweni wesigodi ngonyaka odlule, iqembu labazalwane ezweni lase-Afrika elineziyaluyalu lahlangana namasosha. Abazalwane babuzwa: “Ningobani, futhi niyaphi?” Baphendula: “SingoFakazi BakaJehova, futhi siya emhlanganweni wesigodi.” Elinye lamasosha lathi: “Nina boFakazi BakaJehova anesabi lutho. Hambani, futhi nizokwazi ukuqhuba umhlangano wenu ngaphandle kwenkinga. Nokho, yazini ukuthi nizohlangana namasosha amaningi. Njalo hambani phakathi nomgwaqo! Uma nibona iqulu labantu, qhubekani nihamba phakathi nomgwaqo!” Benza kanjalo futhi bafika belondekile emhlanganweni. Laba bazalwane bavuzwa ngoba babonisa ukwazisa kwabo izinto ezingcwele.

8 Njengalaba bazalwane base-Afrika, nathi sibhekana nezinselele. Kodwa ngokungangabazeki singalulingisa ukholo lwabo futhi sizimisele ukuba khona kuzo zonke izingxenye zesimiso somhlangano wethu wesigodi. Uma kudingeka ukulungisa okuthile, cela isiqondiso kuJehova, wazi ukuthi uyoyibusisa imizamo yethu yokuba khona kuso sonke isimiso.

9 Vuna Izibusiso: Silangazelela iZwi likaNkulunkulu, sazi ukuthi ngalo singakhulela ekusindisweni. (1 Pet. 2:2) Ukuba khona kwethu emhlanganweni wesigodi nokulalela isimiso kuyosiza ngamunye wethu akhe ukholo oluqinile kulelo Zwi, ngaleyo ndlela akwazi ukumelana kangcono nokuhlasela kukaSathane. Ngokwenza kanjalo, siyobonisa uJehova nalabo abasiqaphelayo ukuthi sizazisa ngokugcwele izinto ezingcwele futhi “asilona uhlobo oluhlehlela emuva . . . kodwa siwuhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.”—Heb. 10:39; 12:16; IzAga 27:11.

10 Singalindela ngokulangazelela ukuthi uJehova uNkulunkulu uyovula amasango ezulu futhi asithululele izibusiso eziningi ezingokomoya. (Mal. 3:10) Kwenze umgomo wakho ukuba seMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ kusukela nje ekuqaleni kwesimiso ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube umthandazo wokuphetha no-“Amen!” ngeSonto ntambama. Uyojabula ngokuthi ukwenzile!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela