Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/00 k. 1
  • Ingabe Uyakhuthazela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhuthazela?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyoqhubeka Uhamba Eqinisweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • “Cabangisisani Ngalowo Okhuthazele”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • “Vumelani Ukukhuthazela Kuphelelise Umsebenzi Wako”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 8/00 k. 1

Ingabe Uyakhuthazela?

1 “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezizinto, . . . ukuthi abantwana bami baqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Joh. 4) Ukukhuthazela kwabantwana bakaJohane abangokomoya kwamlethela injabulo enkulu. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kumjabulisa kanjani uBaba wethu wasezulwini ukubona izigidi zabantwana bakhe bakusasa ‘ziqhubeka zihamba eqinisweni’!—IzAga 23:15, 16; 27:11.

2 Nakuba abantu bakaNkulunkulu njengeqembu bephikelela ngentshiseko emsebenzini wobuKristu, abanye baye behlisa izinga kancane kancane. Nakuba kungenzeka ukuthi babeshiseka lapho beqala ukufunda iqiniso, ngokuhamba kwesikhathi, baye baba nomkhuba wokuhlanganyela kancane noma wokungahlanganyeli njalo emsebenzini wokwenza abafundi.

3 Ngokuqondakalayo abanye bangase baphele amandla ngenxa yobuthakathaka benyama nemiphumela yokuguga. Nokho, kufanele banconywe ngokukhuthazela kwabo. Benza konke okusemandleni. Kodwa ngamunye oye wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu kufanele azibuze: ‘Ingabe ngiye ngazivumela ukuba ngigxile kangako eminakweni yami siqu kangangokuba izithakazelo zoMbuso sezinendawo encane nje kuphela ekuphileni kwami? Ingabe ngandlela-thile “ngesivivi,” noma ingabe ngisazikhandla “ngamandla”?’ (IsAm. 3:15, 16; Luka 13:24) Kwangathi sonke singakucabangela esikwenzayo futhi sithuthukise lapho kudingeka khona, sikhumbula ukuthi uJehova usithembisa ukunikeza “inkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu osebenza okuhle.”—Roma 2:10.

4 Indlela Yokukhuthazela: Yini eyasiza uJesu ukuba akhuthazele? UPawulu wachaza: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heb. 12:1-3) Injabulo eyayibekwe phambi kukaJesu yayizedlula kude izilingo zesikhashana okwakufanele abhekane nazo. Ukukhumbula njalo injabulo ebekwe phambi kwethu kungasisiza nathi ukuba sikhuthazele. (IsAm. 21:4, 7; 22:12) Uma sibheka kuJehova ukuba asiphe amandla ngesifundo somuntu siqu, ukuba khona njalo emihlanganweni nokuphikelela emthandazweni, siyokwazi ukuphikelela emsebenzini asinikeze wona ukuba siwenze.

5 UJehova uyajabula ngokukhuthazela kwabantu bakhe abathembekile. Ngakho masimenze ajabule nakakhulu ngokuqhubeka ‘sihamba eqinisweni.’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela