Ingabe Uyakhuthazela?
1 “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezizinto, . . . ukuthi abantwana bami baqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Joh. 4) Ukukhuthazela kwabantwana bakaJohane abangokomoya kwamlethela injabulo enkulu. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kumjabulisa kanjani uBaba wethu wasezulwini ukubona izigidi zabantwana bakhe bakusasa ‘ziqhubeka zihamba eqinisweni’!—IzAga 23:15, 16; 27:11.
2 Nakuba abantu bakaNkulunkulu njengeqembu bephikelela ngentshiseko emsebenzini wobuKristu, abanye baye behlisa izinga kancane kancane. Nakuba kungenzeka ukuthi babeshiseka lapho beqala ukufunda iqiniso, ngokuhamba kwesikhathi, baye baba nomkhuba wokuhlanganyela kancane noma wokungahlanganyeli njalo emsebenzini wokwenza abafundi.
3 Ngokuqondakalayo abanye bangase baphele amandla ngenxa yobuthakathaka benyama nemiphumela yokuguga. Nokho, kufanele banconywe ngokukhuthazela kwabo. Benza konke okusemandleni. Kodwa ngamunye oye wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu kufanele azibuze: ‘Ingabe ngiye ngazivumela ukuba ngigxile kangako eminakweni yami siqu kangangokuba izithakazelo zoMbuso sezinendawo encane nje kuphela ekuphileni kwami? Ingabe ngandlela-thile “ngesivivi,” noma ingabe ngisazikhandla “ngamandla”?’ (IsAm. 3:15, 16; Luka 13:24) Kwangathi sonke singakucabangela esikwenzayo futhi sithuthukise lapho kudingeka khona, sikhumbula ukuthi uJehova usithembisa ukunikeza “inkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu osebenza okuhle.”—Roma 2:10.
4 Indlela Yokukhuthazela: Yini eyasiza uJesu ukuba akhuthazele? UPawulu wachaza: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heb. 12:1-3) Injabulo eyayibekwe phambi kukaJesu yayizedlula kude izilingo zesikhashana okwakufanele abhekane nazo. Ukukhumbula njalo injabulo ebekwe phambi kwethu kungasisiza nathi ukuba sikhuthazele. (IsAm. 21:4, 7; 22:12) Uma sibheka kuJehova ukuba asiphe amandla ngesifundo somuntu siqu, ukuba khona njalo emihlanganweni nokuphikelela emthandazweni, siyokwazi ukuphikelela emsebenzini asinikeze wona ukuba siwenze.
5 UJehova uyajabula ngokukhuthazela kwabantu bakhe abathembekile. Ngakho masimenze ajabule nakakhulu ngokuqhubeka ‘sihamba eqinisweni.’