IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe ibandla kufanele libe nebalazwe lensimu eliphelele elichonywe eHholo LoMbuso?
Yebo, ibalazwe lensimu eliphelele kufanele lifakwe efulemini bese lichonywa odongeni eHholo LoMbuso. Leli balazwe akufanele lichonywe ebhodini lezaziso. Kufanele libe nayo yonke imingcele yensimu eyabelwe ibandla kanye nemingcele yawo wonke amasimu nezinombolo zawo. Imingcele yensimu yawo wonke amabandla asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa kufanele iboniswe. Lokhu kuzosiza abamemezeli kanye nabantu abathakazelayo ukuba babone ukuthi bahlala ensimini yaliphi ibandla. Ukubonisa izindawo okuqhutshelwa kuzo iSifundo Sencwadi Sebandla ebalazweni, kuzosiza wonke umuntu ukuba abone isifundo sencwadi abelwe kuso. Leli balazwe kufanele libe elamuva.
Ukuchoma lelo balazwe kusebenza njengesikhumbuzo kubo bonke abamemezeli sokuthi, uma kunokwenzeka, kungaba kuhle ukuba nensimu yomuntu siqu. Ibalazwe liwusizo kulabo abafuna ukukhetha insimu eseduze nalapho behlala khona. Ngezinye izikhathi lingonga isikhathi emhlanganweni wenkonzo yasensimini, lisize umqhubi akwazi ukubonisa iqembu labamemezeli ngokushesha indawo elabelwe ukuyisebenza.
Ibalazwe linikeza nobufakazi bokuthi ibandla lihlelelwe ukushumayela isigijimi soMbuso ngokungashwampuluzi ensimini eliyabelwe.—Luka 9:6.