Ukuphila Kusengozini!
1 IBhayibheli lenza icace intando kaJehova yokuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” Nokho, kuyiqiniso nokuthi amathemba okuphila ezigidigidi zabantu emhlabeni axhomeke esimweni sawo sengqondo ngoJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe ngoJesu Kristu. Isimo sengqondo esifanele singasekelwa kuphela “olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) Nakuba sikhipha isixwayiso sokuthi ngokushesha bonke ububi buzoqedwa emhlabeni ukuze kuvulwe indlela yomhlaba omusha kaNkulunkulu wokulunga, siye sathunywa futhi ukuba senze umsebenzi obalulekile osindisa ukuphila.—Math. 24:14; 28:19, 20; Rom. 10:13-15.
2 Kungani Kuphuthuma Kangaka? UJesu waxwayisa ‘ngosizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe.’ (Math. 24:21) Lolo sizi olukhulu luyofinyelela umvuthwandaba walo e-Armagedoni. (IsAm. 16:16) Uquqaba lwabantu oluzobhujiswa uma luhluleka ukusabela ezindabeni ezinhle luhlanganisa izihlobo zethu ezingakholwa, omakhelwane, esisebenza nabo, esifunda nabo nabantu esibajwayele. Kodwa esikukhathalelayo “ukufinyelela zonke izinhlobo zabantu” silingisa uNkulunkulu, owabonakalisa uthando lwakhe ngaso sonke isintu ngokunikela ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, njengesihlengo sabo bonke. (Joh. 3:16) Kufanele sizame ngentshiseko ukumema bonke ukuba babalekele endaweni kaNkulunkulu yokuphepha. Singakugwema ukuba necala legazi, ngokwenza umsebenzi wokushumayela ngokugcwele.—Hez. 33:1-7; 1 Kor. 9:16.
3 Uyini Umgomo Wethu? Ukubaluleka komsebenzi wokushumayela kugcizelelwa kulo lonke iZwi likaNkulunkulu. Njengoba umphostoli uPawulu asho, “uthando uKristu analo luyasiqhubezela” ukuba siphile ngokuvumelana nezindlela zikaNkulunkulu. (2 Kor. 5:14) Ngaphezu kwalokho, INqabayokulinda ihlale igcizelela isibopho sethu sokushumayela. INkonzo Yethu YoMbuso iyaqhubeka isinikeza iziqondiso zokwenza umsebenzi wokushumayela. Abadala bahlela umsebenzi futhi basikhuthaze ukuba sihlanganyele kuwo. Abamemezeli esikanye nabo bayasimema ukuba sihlanganyele nabo enkonzweni yasensimini. Sikhunjuzwa njalo ngokulungiselela izintshumayelo zethu, ukuhambisa omagazini nezinye izincwadi, ukwenza izimpindelo, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nokusebenzisa wonke amathuba ukuze sinikeze ubufakazi. Konke lokhu kusisiza ukuba sifeze umgomo wokusindisa ukuphila.—1 Kor. 9:22, 23; Efe. 1:13.