Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp20 No. 1 kk. 14-15
  • Iqiniso Ngekusasa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Ngekusasa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBUSA OKUHLE
  • IMPILO ENHLE
  • UKUTHULA KWANGEMPELA
  • UMHLABA UZOGCWALISWA NGABANTU ABALUNGILE
  • UMHLABA WONKE UZOBA IPHARADESI
  • Ithemba
    I-Phaphama!—2018
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuvumela KukaNkulunkulu Ukuhlupheka Sekuzophela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UMbuso KaNkulunkulu—Uphakeme Ngazo Zonke Izindlela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
wp20 No. 1 kk. 14-15
Abantu bajabulela ukuphila ePharadesi

Iqiniso Ngekusasa

Wake wazibuza yini ukuthi ikusasa lisiphatheleni? IBhayibheli lisitshela ngezenzakalo ezibalulekile ezizokwenzeka maduze ezizothinta bonke abantu emhlabeni.

UJesu wachaza ukuthi sasizokwazi kanjani ‘ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ususeduzane.’ (Luka 21:31) Waprofetha ngokuthi phakathi kwezinye zezinto ezazizoba khona, kwakuzoba nezimpi ezinkulu, ukuzamazama komhlaba, ukushoda kokudla nezifo ezingalapheki—okuyizinto esizibonayo namuhla.—Luka 21:10-17.

IBhayibheli liqhubeka libonisa ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zokubusa kwabantu zaziyobonakala ngendlela abantu abaziphatha kabi ngayo. Ungafunda ngendlela abachazwe ngayo kweyesi-2 kuThimothewu 3:1-5. Lapho ubona indlela abantu abacabanga nabenza ngayo, ngokungangabazeki uyavuma ukuthi lesi siprofetho seBhayibheli sikubonisa ngokucacile lokho okwenzekayo namuhla.

Kusho ukuthini lokhu? Sekuseduze lapho uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza khona izinguquko ezinkulu emhlabeni, ezizokwenza ukuphila kwabantu kube ngcono. (Luka 21:36) EBhayibhelini, uNkulunkulu uthembisa izinto ezinhle ngomhlaba nangabantu abazophila kuwo. Nazi izibonelo ezimbalwa.

UKUBUSA OKUHLE

“[UJesu] wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze. Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.”—DANIYELI 7:14.

Lokhu kusho ukuthini? Ungakujabulela ukuphila ngaphansi kukahulumeni womhlaba wonke lowo uNkulunkulu abeke kuwo iNdodana yakhe njengeNkosi.

IMPILO ENHLE

Intombazanyana isukuma esihlalweni sayo sabakhubazekile bese iyahamba

“Akekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.””—ISAYA 33:24.

Lokhu kusho ukuthini? Ngeke uphinde ugule noma ukhubazeke; ngeke uphinde ufe.

UKUTHULA KWANGEMPELA

Isibhamu sinqanyulwe saba izicucu

“Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”—IHUBO 46:9.

Lokhu kusho ukuthini?: Ngeke kuphinde kube khona izimpi nokuhlupheka okubangelwa yizo.

UMHLABA UZOGCWALISWA NGABANTU ABALUNGILE

‘Omubi uyobe engasekho kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba.’—IHUBO 37:10, 11.

Lokhu kusho ukuthini? Ngeke kuphinde kube khona abantu ababi, kuzoba khona abantu abalalela uNkulunkulu kuphela.

UMHLABA WONKE UZOBA IPHARADESI

“Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo.”—ISAYA 65:21, 22.

Lokhu kusho ukuthini? Umhlaba wonke uzokwenziwa ube muhle. UNkulunkulu uzowuphendula umthandazo wethu wokuthi intando yakhe yenzeke “nasemhlabeni.”—Mathewu 6:10

Abantu bajabulela ukuphila ePharadesi
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela