Bazali—Gxilisani Imikhuba Ewusizo Ezinganeni Zenu
1 Imikhuba ewusizo akuyona into umuntu azalwa nayo noma into etholakala ngengozi. Ngaphezu kwalokho, ukugxilisa imikhuba ewusizo ezinganeni kuthatha isikhathi. “Ukugxilisa” kusho “ukudlulisela kancane kancane” noma “ukwenza ukuba kungene kancane kancane.” Kudingeka ukungaguquguquki kubazali ukuze ‘baqhubeke bekhulisa [izingane zabo] ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’—Efe. 6:4.
2 Qala Ziseyizinsana: Ikhono lezingane ezisencane kakhulu lokufunda nokwenza izinto ezintsha liyamangalisa. Nakuba abantu abadala bevame ukukuthola kunzima ukufunda ulimi olusha, izingane ezisesenkulisa zingakwazi ukufunda izilimi ezimbili noma ezintathu ngesikhathi esisodwa. Ungabi nomuzwa wokuthi ingane yakho isencane kakhulu ukuba ifunde imikhuba emihle. Uma kusheshe kuqalwe ukuba ingane ifundiswe ngamaqiniso eBhayibheli futhi le mfundo iqhubeke, lapho isikhulakhulile, ingqondo yayo iyobe isigcwele ulwazi ‘oluyoyihlakaniphisela insindiso.’—2 Thim. 3:15.
3 Yenze Umkhuba Inkonzo Yasensimini: Umkhuba owusizo okufanele ugxiliswe phakathi neminyaka yokukhula kwengane yilowo wokushumayela njalo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Abazali abaningi baqala ngokuhamba nezingane zabo enkonzweni yendlu ngendlu lapho ziseyizinsana. Ukuhileleka kwabazali emsebenzini wokufakaza njalo kusiza izingane zabo ukuba zikhulise ukwazisa nentshiseko ngenkonzo. Abazali bangabonisa izingane indlela ezingahlanganyela ngayo ekunikezeni ubufakazi esicini ngasinye senkonzo yasensimini.
4 Ukubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini nakho kuyazisiza izingane. Kuzifundisa imikhuba emihle yokutadisha nendlela yokufunda ngokuqonda. Zifunda ukuxoxa ngeBhayibheli, ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ukuqeqeshwa okunjalo kungase kuzishukumisele ukuba ziphayone futhi zifinyelele amalungelo enkonzo akhethekile. Izikhonzi eziningi zaseBethel nezithunywa zevangeli zinezinkumbulo ezinhle zeminyaka yazo yokuqala esikoleni senkonzo futhi zisibheka njengelungiselelo elazisiza ukuba zithuthukise imikhuba ewusizo.
5 Sonke sifana nobumba ezandleni zoMbumbi Omkhulu, uJehova. (Isaya 64:8) Lapho ubumba lusathambile kuba lula ukulubumba. Lapho luyekwa luze lome, kuba nzima ukulubumba. Kunjalo nangabantu. Lapho besebancane, balolongeka kalula—futhi uma besebancane, imiphumela iba mihle. Iminyaka yabo yobuncane iyiminyaka yokukhula kwabo, lapho ukulolongeka kwabo kungase kube nemiphumela emihle noma emibi. Njengomzali okhathalelayo, sheshe uqale ukugxilisa imikhuba ewusizo ezinganeni zakho enkonzweni yobuKristu.