Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/01 k. 3
  • Imihlangano Yesigodi—Isikhathi Sokujabula!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yesigodi—Isikhathi Sokujabula!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UJehova Ubutha Abantu Bakhe Abajabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 10/01 k. 3

Imihlangano Yesigodi—Isikhathi Sokujabula!

1 Imihlangano yoFakazi BakaJehova iyizenzakalo ezijabulisa kakhulu. Sekuphele iminyaka engaphezu kwekhulu le mibuthano inezela ekwandeni obekulokhu kwenzeka enhlanganweni yethu. Kusukela ekuqaleni, siye sabona izibusiso zikaJehova ezicebile emsebenzini wethu womhlaba wonke. Emhlanganweni wethu wesigodi wokuqala wezikhathi zanamuhla, eChicago, e-Illinois, ngo-1893, ingqikithi yabangu-70 kwabangu-360 ababekhona yabhapathizwa ibonakalisa ukuzinikezela kwayo kuJehova. Uchungechunge lweMihlangano Yesigodi ‘Yabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ ngonyaka odlule lwaba nenani elihlangene lababekhona abangu-9 454 055, kwabhapathizwa abangu-129 367. Yeka isizathu esimangalisayo sokujabula!

2 Kusukela ezikhathini zeBhayibheli, imibuthano yabantu bakaNkulunkulu iye yaba yindlela ephawulekayo yokudlulisela imfundo evela kuJehova. Esikhathini sika-Ezra nesikaNehemiya, abantu babelalela ukufundwa koMthetho “kusukela ekuseni kuze kube semini.” (Neh. 8:2, 3) Ngenxa yokuwuqonda kangcono uMthetho kuleso senzakalo, abantu ‘bajabula kakhulu.’ (Neh. 8:8, 12) Nathi siyajabula ngokuthi imihlangano yesigodi isinikeza ithuba elihle lokuthola imfundo enhle nokudla okungokomoya “ngesikhathi esifanele” kuvela kuJehova ‘ngesigqila esithembekile nesiqondayo.’ (Math. 24:45) Njengoba uJesu athi umuntu kumelwe aphile “ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova,” imihlangano ibalulekile ukuze siphile ngokomoya.—Math. 4:4.

3 Kuwufanele Wonke Umzamo Ukuba Khona: Sonke kumelwe sikwenze umgomo wethu siqu ukuba sibe khona kuwo wonke uMhlangano Wesigodi ‘Wabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ kulo nyaka. Kufanele sihlele ukusheshe sifike usuku ngalunye futhi sihlale kuze kube yilapho sihlanganyela “u-Amen!” womthandazo wokuphetha. Kungase kudingeke silungise isimiso sethu ukuze sikwazi ukukufeza lokhu. Ukuthola isikhathi emsebenzini ukuze sibe khona emhlanganweni kungase kube nzima. Kudingeka sime siqine, singathathi izinto kalula. Uma sidinga izindawo zokulala noma izinto zokuhamba, kufanele senze amalungiselelo kusenesikhathi. Noma yini okufanele siyenze iyowufanela umzamo!

4 Abantu bakaJehova badela imali ngenxa yezibusiso zokuba khona emhlanganweni wesigodi. Phawula izibonelo zabathile ababezimisele ukuba khona eMhlanganweni Wezizwe Wentando Yaphezulu WoFakazi BakaJehova Ka-1958 eDolobheni laseNew York. Omunye umzalwane wavala ibhizinisi lakhe lokwakha amasonto amabili ukuze asize njengesisebenzi sokuzithandela futhi abe khona emhlanganweni. Omunye umzalwane eVirgin Islands wadayisa indawo engamahekthare amabili ukuze wonke umkhaya wakhe wabantu abayisithupha ube khona. Umbhangqwana osemusha wadayisa isikebhe sawo ukuze uye emhlanganweni nazo zonke izingane zawo ezintathu, ezisukela ezinyangeni ezimbili kuya eminyakeni eyisikhombisa ubudala. Izelamani ezintathu zaseCalifornia zatshelwa ukuthi uma ziphutha emsebenzini, ziyophelelwa yileyo misebenzi lapho zibuya. Nokho, lokho akuzivimbanga ukuba ziye kulowo mhlangano ongenakulitshalwa.

5 UJehova Uyayivuza Imizamo Yethu Eqotho: UJehova uyayibona futhi ayibusise imizamo yabantu bakhe. (Heb. 6:10) Ngokwesibonelo, eMhlanganweni Wokwanda KoMbuso Wasezulwini Ka-1950, ababekhona bezwa inkulumo eyingqopha-mlando ethi “Isimiso Esisha Sezinto.” Umfoweth’ uFrederick Franz wavusa isithakazelo sabo bonke ngokubuza: “Akubajabulisi yini abalapha kulo mhlangano wezizwe zonke ukwazi ukuthi namuhla kusihlwa, lapha phakathi kwethu, kunabaningi abazoba izikhulu emhlabeni omusha?” Ngemva kweminyaka engu-50, sisajabula ngalokhu kuqondwa okucacisiwe kweHubo 45:16.

6 Ngemva kokuba khona emhlanganweni wesigodi wangonyaka odlule, inhloko yomkhaya enokwazisa yabhala okulandelayo: “Bafowethu, anazi ukuthi lo mhlangano uye wakusindisa kanjani ukuphila. Umkhaya wami wathuthela edolobheni ngenxa yomsebenzi, wazithola usubuthaka kakhulu ngokomoya. . . . Siye sadebeselela izibopho zethu zobuKristu. Sayeka ngisho nokuya emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni. . . . Lo mhlangano usivuselele, sesiphinde sazibekela imigomo engokomoya, futhi manje sihlela ukuyifinyelela.”

7 UJehova usinika ukudla okungokomoya esikudingayo. Usendlalela itafula elicebile emihlanganweni yethu yesigodi. Ukwazisa kwethu ngaleli lungiselelo kufanele kusenze sisho lokho uKorneliyu akusho lapho evakashelwa umphostoli uPetru: “Ngalesisikhathi sonke sikhona phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe zonke izinto oyalwe uJehova ukuba uzisho.” (IzE. 10:33) Masikwenze umgomo wethu ukuba ‘sibe khona phambi kukaNkulunkulu’ kuzo zonke izingxenye zesimiso kulo nyaka eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ futhi sijabule!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela