Ingabe Uyifeza Ngokungashwampuluzi Inkonzo Yakho?
1 Encwadini yezEnzo, sitshelwa ukuthi abafundi bakaJesu bafeza inkonzo yabo ngokunikeza ‘ubufakazi obuphelele’ kubantu. (IzE. 2:40; 8:25; 28:23) Empeleni lowo kwakuwumgomo womphostoli uPawulu. (IzE. 20:24) Ingabe lowo akuwona umgomo wakho njengesikhonzi sezindaba ezinhle? Ungakufeza kanjani lokhu?
2 Lungiselela Intshumayelo Yakho: Ukuze uqiniseke ukuthi unikeza ubufakazi obuphumelelayo enkonzweni, ukulungiselela kubalulekile. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi lapho sihambisa omagazini, ngoba izihloko zabo zishintsha njalo. Ukuze isisize sizilungiselele kangcono, le-Nkonzo Yethu YoMbuso inesici esisha—uhlu olukwesobunxele, lunezintshumayelo eziyisibonelo zokuhambisa omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! INkonzo Yethu YoMbuso ngayinye iyoqokomisa isihloko esifike ngesikhathi esiyokhanga abantu abaningi. Ungazithuthukisa kanjani lezi zintshumayelo ezimfushane?
3 Khetha ukusikisela obona ukuthi kuyophumelela kangcono kakhulu ensimini yakini. Sifunde ngokucophelela lesi sihloko, uphawule amaphuzu athile angase avuse isithakazelo. Thola umbhalo okhonjiwe kumagazini ohambisana nengxoxo, ongase uwufundele umninikhaya. Nezela isiphetho esifushane ukuze ukhuthaze isilaleli sakho ukuba siwufunde umagazini kanye namazwi ambalwa, uma kufaneleka, abonisa ukuthi umninikhaya angase anikelele umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova. Manje, prakthiza intshumayelo yakho.
4 Hlela Ukusebenzisa IBhayibheli: Uma uhlele kahle, ungase uhlanganise nombhalo entshumayelweni yakho. Ngokwesibonelo, ezindaweni eziningi abamemezeli abanokuhlangenwe nakho baye baphumelela ngokungena endlini sebeliphethe ngesandla iBhayibheli, babingelele umninikhaya, bese bethi:
4◼ “Sibuza abantu ukuthi bayakukholelwa yini lokhu . . . ” Funda uGenesise 1:1, bese ubuza: “Ingabe uyavumelana nala mazwi?” Uma evuma, khona-ke yithi: “Nami ngiyavumelana nawo. Nokho, uma yonke into yadalwa uNkulunkulu, ingabe ucabanga ukuthi nguyena futhi obangela ububi?” Ngemva kokulalela impendulo yakhe, funda umShumayeli 7:29. Vula incwadi Ulwazi ekhasini 71, ufunde isigaba 2. Mkhuthaze ukuba ayifunde le ncwadi.
5 Landelela Sonke Isithakazelo: Ngeke uyifeze ngokuphelele inkonzo yakho uma ungasilandeleli isithakazelo esitholakele. Uma ube nengxoxo enhle, kungakhathaliseki ukuthi uhambise omagazini noma ezinye izincwadi, bhala igama lomuntu nekheli lakhe. Zama ngenkuthalo ukuhlakulela isithakazelo ngokubuyela kuye ngokushesha. Sikisela isifundo seBhayibheli.
6 Abafundi bekhulu lokuqala babazi ukuthi uJesu wayebayale ukuba ‘banikeze ubufakazi obuphelele.’ (IzE. 10:42) Lowo myalo ofanayo usasebenza nakithi, ngoba uwukuphela kwendlela esiyokwazi ngayo ukwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Masenze konke esingakwenza ukuze sifeze inkonzo yethu ngokungashwampuluzi.—2 Thim. 4:5.