Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/01 k. 4
  • Ingabe Uyisithiyo Ekushumayeleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyisithiyo Ekushumayeleni?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Uyangithanda Na Ngaphezu Kwalezi?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • ‘Qhubekani Nifuna UMbuso Kuqala’
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ingabe Umatasa Kakhulu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 9/01 k. 4

Ingabe Uyisithiyo Ekushumayeleni?

1 Abantu abaningi baphila ukuphila okumatasa. OFakazi BakaJehova baphakathi kwabamatasa kakhulu—batadisha iZwi likaNkulunkulu, baya emihlanganweni yebandla bahlanganyele nasenkonzweni yasensimini. Ngaphezu kwalokho, simatasa emsebenzini wethu wokuziphilisa, umsebenzi wasekhaya noma wesikole neminye imithwalo yemfanelo eminingi, yonke edla isikhathi. Lokhu kuyinselele ngokukhethekile kulabo abayizinhloko zemikhaya.

2 Ngenxa yezimo zezomnotho ezingezinhle ezindaweni ezihlukahlukene, kungase kudingeke ukuba izinhloko zemikhaya zisebenze kanzima amahora amaningi ukuze kuphilwe ekhaya. Lapho imisebenzi yokuziphilisa ebizelayo ithatha isikhathi sazo esiningi namandla, kusala isikhathi esincane kakhulu sokushumayela. Njengoba zinesibopho sokunakekela imikhaya yazo ngokwezinto ezibonakalayo, ezinye zingase zibe nomuzwa wokuthi silinganiselwe isikhathi ezingahlanganyela ngaso enkonzweni. (1 Thim. 5:8) Kuyavunywa, namuhla kunezingcindezi eziningi ezihlobene nokuthola izidingo zokuphila. Kodwa akudingekile ukuba umsebenzi womuntu wokuziphilisa ube yisithiyo ekushumayeleni izindaba ezinhle. (Marku 13:10) Ngakho-ke, kuhle ukuba sihlole isimo sethu esingokoqobo.

3 Ngenxa yokuthi isimo sezwe sishintsha njalo, inhloko yomkhaya ingase ithambekele ekuchitheni isikhathi eside isemsebenzini, ngombono wokuqongelela imali eningi ukuze ikwazi ukubhekana nezimo ezingalindelekile. (1 Kor. 7:31) Nakuba ukwandisa umsebenzi wokuziphilisa kungase kubonakale kunikeza izinto ezibonakalayo eziningi noma amathuba engeziwe okuzilibazisa nokuzijabulisa, ingabe lokhu kuyokwenza umkhaya ujabule futhi waneliseke ngokwengeziwe uma ukukwenza kusho ukulahlekelwa yisikhathi seminako engokomoya nokuba khona njalo emihlanganweni? Ngokuqinisekile, sifuna ukugwema noma yini engase ibeke ingokomoya lethu engozini. Ukulalela iseluleko sikaJesu ‘sokuzibekelela imicebo ezulwini’ futhi ‘sicebe kuNkulunkulu’ kuyinkambo yokuhlakanipha.—Math. 6:19-21; Luka 12:15-21.

4 Funa Izithakazelo ZoMbuso Kuqala: UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba babeke izinto ezingokomoya ngaphambi kwakho konke okunye. Wabanxusa: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’” Kungani asho njalo? Wachaza: “Ngoba uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.” Uma siqiniseka ngempela ngalokho, asikho isithiyo esiyosivimbela ukuba senze lokho uJesu akusho ngokulandelayo: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ezidingekayo ziyonezelwa kini.” UNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi kuyenzeka! (Math. 6:31-33) Ngempela lesi akusona isikhathi sokuphazanyiswa ukukhathazeka ngokungadingekile ngezokuziphilisa noma isifiso sokuhlala ngokunethezeka esimisweni sezinto esizodlula masinyane.—1 Pet. 5:7; 1 Joh. 2:15-17.

5 Injongo eyinhloko yomsebenzi wokuziphilisa iwukunakekela izidingo zezinto ezibonakalayo. Kodwa sidinga okungakanani? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.” Ingabe sizama ukuthola okungaphezu kwalokho? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi sivuna imiphumela yalokho uPawulu axwayisa ngakho: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni.” (1 Thim. 6:8, 9; Math. 6:24; Luka 14:33) Siyokwazi kanjani ukuthi siphazanyiswa yizifiso ezeqile?

6 Uma ukuphishekela kwethu iminako yaleli zwe kusenza sibe nengxenye encane kakhulu enkonzweni yasensimini noma sehluleke ukubona isidingo sokuzidela ngenxa yezindaba ezinhle, khona-ke kudingeka silungise umbono wethu wezinto eziza kuqala. (Heb. 13:15, 16) Ukuphila ngokulinganisela kakhudlwana kuyosiza kakhulu ekunqobeni lesi sithiyo ekushumayeleni kwethu. Izithakazelo zoMbuso kufanele njalo zize kuqala uma kuziwa ekusebenziseni isikhathi namandla ethu.

7 Umshikashika Ongelona Ize: Amazwi kaPawulu asikhuthaza ukuba njalo sibe ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, sazi ukuthi umshikashika wethu awulona ize eNkosini.’ (1 Kor. 15:58) Ukushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi ‘kuwumsebenzi weNkosi’ oyinhloko. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ukuze sibe nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka, kufanele sihlele isikhathi senkonzo yasensimini masonto onke futhi silwele ukuba leso sikhathi singasisebenziseli eminye iminako. (Efe. 5:15-17) Khona-ke, umsebenzi wokuziphilisa nanoma ikuphi okunye ngeke ube isithiyo enkonzweni yethu.

8 Lapho sizinikela ekuhlanganyeleni amaqiniso eBhayibheli nabanye, sithola injabulo enkulu eza ngokupha. (IzE. 20:35) Ngokuphishekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso, singabheka ikusasa ngethemba, ‘ngoba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wethu nothando esalubonisa kulo igama lakhe.’—Heb. 6:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela