Ingabe Umatasa Kakhulu?
1 UPawulu wanxusa ukuba ‘ngaso sonke isikhathi sibe nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Sikhuthazwa ukuba sibe nesimiso sansuku zonke sesifundo somuntu siqu, sihlanganyele njalo enkonzweni, sibe khona emihlanganweni ngokwethembeka, futhi sinakekele izabelo zebandla ngenkuthalo. Ngaphezu kwalokho, kufanele sisize abanye abadinga usizo lwethu. Njengoba sinokuningi kangaka kokukwenza, ngezinye izikhathi singazizwa sikhungathekile, sicabanga ukuthi kufanele sifune izindlela zokunciphisa umthwalo wethu.
2 Kunezimo ezingakwenza kube ukuhlakanipha futhi kube nengqondo ukuyeka eminye imisebenzi noma ukunciphisa izinga layo. Abanye abantu banomuzwa wokuthi kulindeleke ukuba benze yonke into abacelwa abanye ukuba bayenze. Ukungalinganiseli kulokhu kungadala ukucindezeleka kamuva okungalimaza.
3 Linganisela: Isihluthulelo sokulinganisela sisekusebenziseni iseluleko sikaPawulu ‘sokuqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Fil. 1:10) Lokho kusho ukuthi sigxila nje ezintweni ezibaluleke ngempela, futhi uma isikhathi nezimo kuvuma, sinakekele ezinye izinto ezingabalulekile kangako. Izibopho zomkhaya ngokuqinisekile ziphezulu ohlwini lwalezo zinto ezibalulekile. Kunemithwalo yemfanelo ethile yomsebenzi wokuziphilisa okufanele isingathwe. Nokho, uJesu wafundisa ukuthi izinto eziza kuqala kithi kufanele zisekelwe esimisweni sokuthi sifune uMbuso kuqala. Kufanele siqale senze izinto ezizosivumela ukuba sifeze ukuzinikela kwethu kuJehova.—Math. 5:3; 6:33.
4 Sinalokhu engqondweni, sizoqikelela ukuthi esimisweni sethu esimatasa sikhipha yonke iminako yomuntu siqu engabalulekile, ukuzijabulisa ngokweqile, nezibopho esinazo kwabanye ezingabalulekile. Lapho sihlela umsebenzi wethu wesonto ngalinye, siyobekela eceleni isikhathi esanele sesifundo somuntu siqu, sokuhlanganyela kahle enkonzweni, sokuba khona emihlanganweni, nesezinye izinto ezihlobene eduze nokukhulekela kwethu. Isikhathi esisele singahlukaniselwa eminye iminako, kuxhomeke ekutheni iwusizo kangakanani ekufinyeleleni umgomo wethu oyinhloko wokuba amaKristu alinganiselayo agcina uMbuso uza kuqala.
5 Naphezu kokuba sesikwenzile lokho, sisengawuzwa usicindezela umthwalo wethu. Uma kunjalo, kudingeka sisabele esimemweni sikaJesu: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Math. 11:28) Bheka nakuJehova, ‘osithwalela umthwalo nsuku zonke,’ futhi omuphayo oyethileyo amandla. Uthembisa ukuthi ngeke avume ukuba olungileyo azanyazanyiswe. (IHu. 55:22; 68:19, NW; Isaya 40:29) Singaqiniseka ukuthi imithandazo yethu iyophendulwa, yenze sikwazi ukuphikelela ekuphileni okumatasa komsebenzi ongokwasezulwini.
6 Nakuba siqiniseka ukuthi siyohlala simatasa ekuphishekeleni izithakazelo zoMbuso ezizuzisayo, singajabula ngokwazi ukuthi umshikashika wethu awulona ize eNkosini.—1 Kor. 15:58.