Ingabe Uyakusebenzisa Okufunde EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu’?
1 Noma ubani owayekhona emhlanganweni wesigodi ka-2001/2002 wazibonela ukuthi abantu bakaJehova bazimisele ukufeza ukuthunywa kwabo kokuba abafundisi beZwi LikaNkulunkulu. (Math. 28:19, 20) Lapho ubuyela ekhaya, imaphi amaphuzu akhethekile owawafunda owawuzimisele ukuwasebenzisa ekuphileni kwakho nasenkonzweni yasensimini?
2 ImiBhalo Ephefumulelwe Enenzuzo Yokufundisa: Isihloko sosuku lokuqala saqokomisa eyesi-2 Thimothewu 3:16. Inkulumo eyisihluthulelo yabonisa ukuthi ukuze ‘Sihlonyiswe Ngokugcwele Njengabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu,’ kumelwe silazise ngokujulile iZwi likaNkulunkulu, silihloniphe ngaphezu kwanoma imuphi umbono noma isiko labantu, futhi silisebenzise ngokwethembeka. Futhi kumelwe sithandazele umoya ongcwele nsuku zonke ukuba usisize enkonzweni yethu futhi sisebenzele ukuhlakulela isithelo sawo esiyinhloko—uthando. Kumelwe futhi sivumele inhlangano kaJehova yasemhlabeni ukuba isiqeqeshe njengezikhonzi ngayo yonke imihlangano yebandla.
3 Uchungechunge lwangoLwesihlanu olwaluthi, “Ukuzifundisa Thina Sibe Sifundisa Nabanye,” lwachaza ukuthi kumelwe sibe yisibonelo (1) ekunamatheleni emithethweni kaNkulunkulu kuzo zonke izici zokuziphatha kobuKristu, (2) ekulondolozeni imikhuba yokutadisha ngenkuthalo, (3) nasekusiphuleni izimo zengqondo nenhliziyo uDeveli angase azisebenzisele inzuzo yakhe. Ngokulandelayo, safunda ngezindlela ezisebenzisekayo zokuvikela imikhaya yethu obhadaneni lwezwe lwezithombe ezingcolile zobulili. Abazali bánxuswa ukuba babeke isibonelo ekugwemeni ngisho nokusithi nje sházi isigcawu esiphathelene nezenzo zobulili nokuba balawule indlela abantwana babo abasebenzisa ngayo i-Internet nababukela ngayo ithelevishini. Yimaphi amaphuzu asesimisweni sangoLwesihlanu osuqalile ukuwasebenzisa?
4 Inkulumo yokugcina yosuku yasenza sazimisela nakakhulu ukwazisa ukukhanya kukaJehova, ukuba sihlale eduze nesigaba sabagcotshiwe bakaNkulunkulu abathembekile, nokuba sithuthukise ukuthula kwabantu bakaJehova. Usuqalile yini ukufunda incwadi entsha ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II?
5 Ukukufanelekela Ngokwanele Ukufundisa Abanye: Umbhalo wesihloko sosuku lwesibili kwakungeyesi-2 Thimothewu 2:2. Njengoba wawulalele uchungechunge lwangoMgqibelo ekuseni, wakuphawula yini ukusikisela okuphathelene nendlela (1) yokufuna abafanelekayo, (2) ukwakha isithakazelo kubo, (3) nokubafundisa konke uKristu akuyala? Ingabe uyakusebenzisa owakufunda—ukubonisa abaninikhaya okungenani iphuzu elilodwa emiBhalweni nokubeka isisekelo sokuhambela kwesikhathi esizayo?
6 Isimiso santambama sagcizelela ukubaluleka kokulingisa uMfundisi Omkhulu, uJesu. Yiziphi izindlela olwela ukumlingisa ngazo kakhudlwana? Kulokho owakufunda ochungechungeni lwesibili lwangalolo suku, unomuzwa wokuthi ungenza kanjani ukuba ‘Uzuze Ngokugcwele Emfundweni Engokwasezulwini’? Ikuphi ukusikisela oye wakusebenzisa ukuze uthuthukise ubude besikhathi sokugxilisa ingqondo yakho phakathi nesifundo sakho siqu nasemihlanganweni yebandla?
7 Ngokungangabazeki, ilungiselelo elisendleleni lencwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini liyosisiza ukuba sikhule emakhonweni ethu njengezikhulumi nanjengabafundisi beZwi LikaNkulunkulu. Kuyogxilwa kakhudlwana ezimfanelweni zokukhuluma ezazenza izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zangezikhathi zeBhayibheli ziphawuleke. Isifundo ngasinye kule ncwadi entsha sinamabhokisi abonisa ngamafuphi lokho esidinga ukukwenza, isizathu esikwenza kubaluleke, nendlela esingakwenza ngayo. Kufakwé izivivinyo eziwusizo. Odade bayoba nezindlela zokuhlela inkulumo ezingu-29 abayokhetha kuzo lapho benikeza izabelo zabo. Ngokuhamba kwesikhathi, kuyokwenziwa izinguquko ezazisiwe endleleni yokuqhutshwa kwesikole. Ingabe unenkambiso enhle yokutadisha nokulungiselela ukuze uzuze ngokugcwele eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini isonto ngalinye?
8 Yibani Ngabafundisi Ngenxa Yesikhathi: AmaHeberu 5:12 álungiselela izingqondo zethu olwangeSonto. Uchungechunge lwasekuseni, “Isiprofetho SikaMalaki Sisilungiselela Usuku LukaJehova,” lwasinxusa ukuba sinike uNkulunkulu wethu okungcono kakhulu kwethu futhi sizonde zonke izinhlobo zokukhohlisa ukuze sisinde osukwini lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. Idrama eyayithi, “Hlonipha Igunya LikaJehova,” yabonisa ngamandla indlela ukuzidla, isifiso sokuvelela, umhawu, nobuqotho obubekwe endaweni engafanele bukaKora wasendulo nabangane bakhe okwaholela ngayo ezenzweni zokuvukela uJehova ngokwakhe ngokuqondile. Inkulumo eyalandela yagxila esidingweni sosuku lwanamuhla sokuzithoba egunyeni lokuhlonipha kokwesaba uNkulunkulu emkhayeni nasebandleni. Inkulumo yeningi eyayithi, “Obani Abafundisa Zonke Izizwe Iqiniso?,” yanikeza ubufakazi bokuthi ngoFakazi BakaJehova abenza kanjalo, ngokungafani neLobukholwa, elimane nje lizisholo ukuthi lifundisa iqiniso leBhayibheli.
9 Ngokusobala, uJehova usiqeqeshela ukuba sibe ngabafundisi abangcono beZwi lakhe. Masikusebenzise esikufundile, ‘siziqaphele njalo thina nokufundisa kwethu, ukuze sizisindise thina nabasilalele.’—1 Thim. 4:16.