Udla Kahle Kangakanani Ngokomoya?
1 Kunesisho esithi ‘siyilokho esikudlayo.’ Ngempela, amandla ethu nempilo engokomzimba kuthonywa imikhuba yethu yokudla. Njengoba uJesu athi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova,” ngokufanayo imikhuba yethu yokudla ukudla okungokomoya ingaba nemiphumela emihle noma emibi kithi. (Math. 4:4) Ngakho-ke, udla kahle kangakanani ngokomoya? Ingabe ungumuntu okukhethayo ukudla? Ingabe udla uphuthuma? Noma ingabe uyakuthokozela ukuzinika isikhathi sokujabulela ukudla okungokomoya kwasikhathi sonke, okunempilo futhi okwakhayo?
2 Hlaziya Lokho Okudlayo: UJehova usilungiselela “ukudla ngesikhathi esifanele” kanye ‘nedili lokukhulupheleyo,’ ‘ngesigqila esithembekile nesiqondayo.’ (Math. 24:45; Isaya 25:6) Ukuze sizuze ngokugcwele kula malungiselelo othando, kufanele senze umzamo wokudla kahle ngokomoya.
3 Ungase uzibuze: ‘Ingabe ngiyawufunda umbhalo wosuku nokukhulunyelwa kwawo usuku ngalunye? Ingabe ngiyalifunda futhi ngizindle ngeBhayibheli nsuku zonke? Ingabe ngiyayilungiselela imihlangano yebandla ngokutadisha kusengaphambili? Ingabe sengike ngazifunda ngaziqeda izincwadi zethu zakamuva, kuhlanganise yomibili imiqulu yethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu?’
4 UJesu wathembisa: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya . . . Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Math. 5:3, 6) Ngakho-ke, yidla kahle ngokomoya ngokugcwalisa ingqondo nenhliziyo yakho ngolwazi lukaNkulunkulu.