Qhubeka Uqeqesha Amandla Akho Okuqonda
AKUVE kumnandi ukubukela umvocavoci onekhono enyakazisa umzimba wakhe ngendlela enhle yobuciko! IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba aqeqeshe ikhono lawo lokucabanga ngendlela umvocavoci aziqeqesha ngayo.
Encwadini yakhe ayibhalela amaHebheru, umphostoli uPawulu wathi: “Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda [ngokwezwi nezwi okusho “izinzwa”] bawenza aqeqeshelwa [njengomvocavoci] ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heb. 5:14) Kungani uPawulu anxusa amaKristu angamaHebheru ukuba aqeqeshe ikhono lawo lokucabanga ngendlela umvocavoci aqeqesha ngayo imisipha yakhe? Singawaqeqesha kanjani amandla ethu okuqonda?
“Bekufanele Ngabe Ningabafundisi”
Lapho echaza isikhundla sikaJesu sokuba “umpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki,” uPawulu wabhala: “Sinokuningi kokukusho ngaye [uJesu] futhi okunzima ukuba kuchazwe, njengoba seniye naba buthuntu ekuzweni. Ngoba, impela, nakuba bekufanele ngabe ningabafundisi ngenxa yesikhathi, nisadinga futhi ukuba othile anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu; futhi senibe njengabadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinile.”—Heb. 5:10-12.
Kuyacaca ukuthi amanye amaKristu angamaJuda ekhulu lokuqala ayengakhuli ekuqondeni kwawo futhi engathuthuki ngokomoya. Ngokwesibonelo, kwakunzima ngawo ukwamukela ukukhanya okwengeziwe mayelana noMthetho nokusoka. (IzE. 15:1, 2, 27-29; Gal. 2:11-14; 6:12, 13) Amanye akuthola kunzima ukushiya amasiko ahlangene neSabatha lamasonto onke noSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke. (Kol. 2:16, 17; Heb. 9:1-14) Ngakho, uPawulu wawakhuthaza ukuba aqeqeshe amandla awo okuqonda ukuze akwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, wawatshela nokuba ‘aphokophelele ekuvuthweni.’ (Heb. 6:1, 2) Kumelwe ukuba lesi siyalo sashukumisela amanye ukuba acabange ngendlela asebenzisa ngayo ikhono lawo lokucabanga futhi cishe kwawasiza ukuba athuthuke ngokomoya. Kuthiwani ngathi?
Qeqesha Amandla Akho Okuqonda
Singaliqeqesha kanjani ikhono lethu lokucabanga ukuze sibe abavuthiwe ngokomoya? UPawulu wathi, ‘Ngokuwasebenzisa.’ Njengabantu abazivocavocayo abaqeqesha imisipha nomzimba wabo ukuze kukwazi ukunyakaza ngendlela enhle neyinkimbinkimbi, nathi kufanele siqeqeshe ikhono lethu lokucabanga ukuze sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile.
“Ukuzivivinya kuyinto enhle kakhulu ongayenzela ubuchopho bakho,” kusho uJohn Ratey, ongomunye woprofesa bezifo zengqondo baseHarvard Medical School. NgokukaGene Cohen, umqondisi woPhiko Lomkhakha Ocwaninga Ngokuguga, Impilo, Umlando Namafilosofi Abantu eGeorge Washington University, “lapho sisebenzisa izingqondo zethu ekuxazululeni izinselele, amangqamuzana obuchopho akha ama-dendrite amasha, okwandisa izinhlaka zokuxhumana ebuchosheni noma ama-synapse.”
Ngakho-ke, senza ngokuhlakanipha uma siqeqesha ikhono lethu lokucabanga futhi sandisa ulwazi lwethu ngeZwi likaNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo, siyokuhlomela kangcono ukwenza ‘intando kaNkulunkulu epheleleyo.’—Roma 12:1, 2.
Hlakulela Isifiso ‘Sokudla Okuqinile’
Uma sifisa ‘ukuphokophelela ekuvuthweni,’ kudingeka sizibuze: ‘Ingabe ngiyathuthuka ekuqondeni kwami iqiniso leBhayibheli? Ingabe abanye bangibheka njengomuntu ovuthiwe ngokomoya?’ Umama uyakujabulela ukuncelisa nokufunza usana lwakhe lapho luseluncane. Kodwa cabanga indlela angakhathazeka ngayo uma kungadlula iminyaka ingane yakhe ingakudli ukudla okuqinile. Ngokufanayo, nathi siyajabula lapho sibona umuntu esimfundelayo ethuthuka, azinikezele aze abhapathizwe. Nokho, kuthiwani uma lo muntu engasathuthuki ngemva kwalokho? Ngeke yini kwasiqeda amandla? (1 Kor. 3:1-4) Umfundisi uba nethemba lokuthi ngesikhathi esifanele nomfundi uyoba umfundisi.
Ukusebenzisa amandla ethu okuqonda ukuze sicabange ngezinto kudinga sizindle, futhi lokhu akuzenzakaleli. (IHu. 1:1-3) Akumelwe sivumele iziphazamiso—njengokubukela ithelevishini noma ukwenza imisetshenzana yokuzilibazisa, okuyizinto ezingayisebenzisi kangako ingqondo—zisivimbele ukuba sicabange ngezinto ezibalulekile. Ukuze ikhono lethu lokucabanga lithuthuke, kubalulekile ukuba sakhe futhi sanelise isifiso sokufunda iBhayibheli nezinye izincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Ngaphezu kwesimiso sokufunda iBhayibheli esiqhubekayo, kubalulekile ngathi ukuba sibekele eceleni isikhathi sokuKhulekela Komkhaya futhi sifunde sijule ezihlokweni ezithile zeBhayibheli.
UJerónimo, umbonisi ojikeleza eMexico, uthi uyitadisha yonke INqabayokulinda ngokushesha nje uma ifika. Ubuye abekele eceleni isikhathi sokutadisha nomkakhe. UJerónimo uthi, “Sinomkhuba wokufunda iBhayibheli njengombhangqwana nsuku zonke futhi sisebenzisa izinsiza-kufunda ezinjengencwajana ethi, ‘Bona Izwe Elihle.’” URonald ongumKristu uthi yena uhlale ehambisana nokufundwa kweBhayibheli kwebandla. Uzibekela nomgomo wokufunda incwadi eyodwa noma ezimbili aze aziqede. Uthi: “Ukufunda lezi zincwadi kungenza ngihlale ngilangazelela isikhathi sesifundo sami esilandelayo.”
Kuthiwani ngathi? Ingabe sizinika isikhathi esanele sokutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo? Ingabe siyalisebenzisa ikhono lethu lokucabanga, kanjalo siqeqesheke ekwenzeni izinqumo ezisekelwe ezimisweni ezingokomBhalo? (IzAga 2:1-7) Kwangathi singazibekela umgomo wokuba abantu abavuthiwe ngokomoya, ababusiswe ngolwazi nangokuhlakanipha okutholwa yilabo abaqeqesha amandla abo okuqonda ukuze bahlukanise phakathi kokulungile nokungalungile!
[Isithombe ekhasini 23]
Siqeqesha ikhono lethu lokucabanga ‘ngokulisebenzisa’