Qhubeka Uzuza Kuyi-Nqabayokulinda Ne-Phaphama!
Njengoba manje zivalwa izikhokhelo zeposi ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, kuzodingeka umzamo wokuqinisekisa ukuba, thina kanye nalabo esishumayela kubo, singalahlekelwa ngisho nangowodwa umagazini.
Amakhophi Omuntu Siqu: Lapho isikhokhelo sakho sinqamuka, yandisa i-oda lakho obulithola etafuleni lomagazini. Abazali kufanele ba-ode omagazini abanele ukuze ilungu ngalinye lomkhaya libe nomagazini walo. Ukubhala igama lakho kuyokusiza ukuba ungazitholi usuhambise nekhophi yakho ensimini. Lapho omagazini befika, abazalwane ababasingathayo bayokwenza ukuba umagazini ngamunye utholakale ngokushesha eHholo LoMbuso.
Imizila Kamagazini: Abamemezeli kufanele bazame ukuqala umzila kamagazini kubo bonke abantu abathakazelayo abanesifiso sokuthola umagazini ngamunye ophumayo. Ukubadiliva mathupha labo magazini kuyosinika amathuba okuhlakulela isithakazelo esibonisiwe futhi siqale izifundo zeBhayibheli.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso, ka-October 1998, ikhasi 12.
Labo Abanezidingo Ezikhethekile: Uma umuntu ebonisa isithakazelo esiqotho kodwa ehlala ensimini engabelwe, angase avunyelwe ukuba athole omagazini ngesikhokhelo seposi. Uma umuntu ohlala ensimini yebandla engenakufinyelelwa ngomzila kamagazini kodwa enesithakazelo esiqotho sokuthola omagazini, xoxa ngale ndaba neKomiti Yenkonzo Yebandla. Uma ivuma, singenziwa isicelo sesikhokhelo salowo muntu othakazelayo. Kungasetshenziswa amafomu avamile esikhokhelo (M-1 ne-M-101) ekusenzeni, futhi kufanele athunyelwe kanye nencwadi echaza lezi zimo.
Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoqhubeka ebusisa yonke imizamo yethu yokumemezela uMbuso ngokusebenzisa INqabayokulinda ne-Phaphama!