Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 15
“Ucabanga ukuthi kungenzeka yini ukwazi uNkulunkulu? [Mvumele aphendule.] Uzovuma ukuthi akulula ukukholelwa kumuntu esazi okuncane kakhulu ngaye. Empeleni, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sifune uNkulunkulu. [Funda izEnzo 17:27.] Lezi zihloko zisibonisa indlela esingamazi ngayo kangcono uNkulunkulu.”
INqabayokulinda June 1
“Izenzakalo zamuva zenza abaningi bazibuze ukuthi kungani izisulu ezingenacala zifa ngaphambi kwesikhathi. Wake wacabanga yini ukuthi kungani abantu befa? [Lindela impendulo, bese uphendukela eshadini elisekhasini 7.] Ungathanda ukubona ukuthi iBhayibheli lithini ngeyodwa yalezi zinganekwane ezijwayelekile?” Uma kungenzeka, funda umbhalo okhonjiwe.
Phaphama! June 8
“Abaholi bezwe baye balinga amasu amaningi emzamweni wokuxazulula izinkinga zethu. Elinye isu elisha yileli okuthiwa ukuhwebelana kwembulunga yonke. Kulo magazini, ungafunda ngendlela lo mzamo omusha okungenzeka ukuthi kakade usukuthinta ngayo ukuphila kwakho. Ungafunda futhi nangekhambi lembulunga yonke elabikezelwa eBhayibhelini.” Yibe usufunda uMathewu 6:9, 10.
“Abantu abaningi banomuzwa wokuthi inkolo nesayensi kuyangqubuzana. Abanye baze bananomuzwa wokuthi akunakwenzeka ukuba umuntu onengqondo ethambekele kwezesayensi akholelwe kuNkulunkulu. Uzizwa kanjani ngalokhu? [Mvumele aphendule.] I-Phaphama! ixoxa ngalesi sihloko ngendlela efundisa ngempela.”