Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda June 15
“Ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba sijabule naphezu kwezinkinga esinazo? [Lindela impendulo.] Lo magazini usibonisa umthombo wesiqondiso esingasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nezinselele zokuphila. Uchaza namandla aqinisayo ethemba langempela.” Funda isAmbulo 21:3, 4.
Phaphama! June
“Awuvumi yini ukuthi izinhlekelele zamuva nje ziye zabonisa ukuthi kubalulekile ukulalela izixwayiso? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sichaza izifundo ezafundwa abantu abasinda eSiphephweni uKatrina. Sinikeza nesixwayiso sonke okufanele sisilalele namuhla.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 14.
INqabayokulinda July 1
“Ezweni lanamuhla eligcwele izinkathazo, abantu abaningi bayabuza: ‘Kungani ukuphila kugcwele izinkinga kangaka? Uma uNkulunkulu ekhona, kungani engenzi okuthile ukuze aqede ukuhlupheka?’ Wake wazibuza le mibuzo? [Lindela impendulo.] Lo magazini unikeza izimpendulo zale mibuzo ezivela eBhayibhelini ezisivula amehlo.” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.
Phaphama! July
“Namuhla, imishado eminingi inezinkinga. Ingabe ucabanga ukuthi abantu abashadile bebengazuza uma besebenzisa lesi seluleko esiphefumulelwe? [Funda eyabase-Efesu 4:32, bese ulindela impendulo.] Le Phaphama! ikhuluma ngezimiso zeBhayibheli esezinesikhathi eside ziphumelela ezingasisiza ukuba sakhe umshado ojabulisayo.”