Yaneliswa Yilokho Onakho
1 ImiBhalo isiyala ukuba sondle imikhaya yethu ngezidingo ezibonakalayo, kodwa lokhu akufanele kube umgomo oyinhloko ekuphileni kwethu. Izinto ezingokomoya kumelwe zize kuqala. (Math. 6:33; 1 Thim. 5:8) Ukulinganisela okuhle kuyinselele kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Yini ezosisiza ukuba silinganisele?
2 Yiba Nombono WeBhayibheli: IZwi likaNkulunkulu lisixwayisa ngokuthi ukuphishekela ingcebo kungonakalisa ingokomoya. (UmSh. 5:10; Math. 13:22; 1 Thim. 6:9, 10) Kulesi sikhathi esibucayi, kungaba yinhlekelele kunoma ubani wethu ukuxineka kakhulu ngomsebenzi wokuziphilisa noma ukukhathazeka kakhulu ngezimali kangangokuthi aze avumele izinto ezingokomoya—imihlangano yebandla, ukutadisha, nenkonzo—zize kamuva ekuphileni kwakhe. (Luka 21:34-36) Kunalokho, iBhayibheli liyeluleka: “Uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.”—1 Thim. 6:7, 8.
3 Lokhu akusho ukuthi amaKristu kufanele aphile ngobumpofu. Kodwa kusisiza ukuba sibone ukuthi ziyini ngempela izidingo zethu zezinto ezibonakalayo—ukudla, izambatho, nendawo yokukhosela ngokuvumelana nesimo sendawo esihlala kuyo. Uma sinezinto esizidingayo ekuphileni, akufanele silokhu siphishekela izinga lokuphila eliphakeme. Lapho sicabangela ukuthenga okuthile noma ukuthola omunye umsebenzi, senza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe kuyadingeka ngempela lokhu?’ Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba silalele iseluleko esiphefumulelwe: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona.”—Heb. 13:5.
4 Uma sithembela kuJehova, uyosibusisa. (IzAga 3:5, 6) Nakuba kudingeka ukuba sizikhandle ukuze sithole izidingo zansuku zonke, akudingekile ukuba sigxilise ukuphila kwethu kuzo. Kungakhathaliseki ukuthi sinokuncane noma okuningi, sithembela kuJehova ukuba anelise izidingo zethu. (Fil. 4:11-13) Ngenxa yalokho, sithola ukwaneliseka okuvela kuNkulunkulu nezinye izibusiso eziningi.
5 Lingisa Ukholo Lwabanye: Umzali othile ongayedwa owayekhulisa indodakazi yakhe endleleni yeqiniso waqhubeka enza ukuphila kwakhe kube lula. Nakuba ayenomuzi othokomele, wathuthela emzini omncane kamuva wathuthela efulethini. Lokhu kwamsiza wanciphisa isikhathi ayesisebenza ukuze anikele isikhathi esithé xaxa enkonzweni. Lapho indodakazi yakhe isikhulile futhi isishadile, unina wathatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi, yize ayezothola umholo omncane nakakhulu. Manje sekuyiminyaka eyisikhombisa lo dadewethu eyiphayona elivamile futhi akazisoli ngokudela kwakhe izinto ezibonakalayo ukuze abeke izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakhe.
6 Umdala othile nomkakhe baphayona iminyaka eminingi lapho besakhulisa izingane ezintathu. Njengomkhaya, bafunda ukwaneliseka ngokuthola izinto abazidingayo hhayi abazifunayo. Umzalwane uthi: “Kwakudingeka siphile ngendlela elula. Nakuba kuye kwaba nezikhathi ezinzima, uJehova ngaso sonke isikhathi wayesinika esikudingayo. . . . Lapho ngibona umkhaya wami ubeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ngale ndlela, ngifikelwa umuzwa wokuthi konke kuhamba ngohlelo, futhi ngibe nomuzwa wokwaneliseka.” Umkakhe uyanezela: “Lapho ngibona [umyeni wami] ematasa ngezinto ezingokomoya, ngiba nomuzwa ojulile wokwaneliseka.” Izingane nazo ziyajabula ngokuthi abazali bazo banquma ukukhonza uJehova isikhathi esigcwele.
7 Bonke labo abakhetha inkambo enjalo yokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu esikhundleni sokuphishekela izinto ezibonakalayo, iBhayibheli libathembisa ukuthi bayothola izibusiso eziningi manje nasekuphileni okuzayo.—1 Thim. 4:8.