Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/02 k. 1
  • Ukuqoqa Abantu Bazo Zonke Izilimi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqoqa Abantu Bazo Zonke Izilimi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu ‘Abavela Kuzo Zonke Izilimi’ Bezwa Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Kumuntu Okhuluma Olunye Ulimi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Ukuhambisa Izincwadi Ensimini Enezilimi Eziningi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Uhlelo Lwemfundo Olubanzi
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 7/02 k. 1

Ukuqoqa Abantu Bazo Zonke Izilimi

1 IZwi likaNkulunkulu liyagcwaliseka! Abantu ‘bazo zonke izilimi zabezizwe’ bamukela ukukhulekela kweqiniso. (Zak. 8:23) OFakazi BakaJehova babasiza kanjani abantu bazo zonke ‘izizwe, nabantu, nezilimi’ ukuba babe nokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova, benethemba lokusinda “osizini olukhulu”?—IsAm. 7:9, 14.

2 Inhlangano KaNkulunkulu Iyasabela: INdikimba Ebusayo iye yahlela ukuba kutholakale izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaba ngu-380 ukuze abantu emhlabeni wonke bakuqonde ngokucacile ukubaluleka kwezindaba ezinhle. Ukulungiselela nokunyathelisa izincwadi ngezilimi eziningi kangaka kuwumsebenzi omkhulu. Kuhilela ukuhlela amaqembu abahumushi abaqeqeshiwe nokubanikeza amathuluzi abawadingayo ukuze bahumushele izincwadi zethu kuzo zonke lezi zilimi, futhi kuhilela nokuzinyathelisa kanye nokuzithumela. Nokho, indima eyinhloko ifezwa abamemezeli boMbuso, okuyibona abayisa kubantu isigijimi seBhayibheli esisindisa ukuphila.

3 Ukuvuma Inselele: Insimu yethu inabantu bezizinda ezihlukahlukene, abakhuluma izilimi eziningi zomdabu nezakwamanye amazwe. Ukuze zifinyelele wonke la maqembu ezilimi ngezindaba ezinhle, izinceku zikaNkulunkulu eziningi ngokwandayo zenza umzamo wokufunda olunye ulimi olukhulunywa endaweni yakubo. Ezinye zifunda uLimi Lwezandla. Ensimini yegatsha laseNingizimu Afrika kunamabandla namaqembu abalelwa ku-1 630 ashumayela ngezilimi ezingu-11 noma ngaphezulu. Abanye abantu abangakaze bezwe ngoJehova noma abangazi lutho ngeBhayibheli bamukela iqiniso leZwi likaNkulunkulu.—Roma 15:21.

4 Singakwazi yini ukuzikhandla ngokwengeziwe ekumemezeleni izindaba ezinhle kubantu abasensimini yethu abangebona abengabadi? (Kol. 1:25) Amanye amabandla ahlela umsebenzi wokushumayela ngolunye lwezilimi eziningi zendawo. Abamemezeli baqale bafunde okuthile ngalolo limi ukuze banikeze intshumayelo emfushane, njengokuthi: “Sawubona. Ngikuphathele izindaba ezinhle. [Yibe usuhambisa ipheshana noma incwajana engangomagazini yalolo limi.] Usale kahle.” UJehova uyayibusisa ngempela imizamo enjalo yokucathula!

5 Isigijimi soMbuso sikhanga abantu bazo zonke izizinda nezilimi. Masibambe wonke amathuba okubazisa sona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela