IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele siyikhumbule lapho sisebenzisa omakhalekhukhwini nama-pager?
Lezi zinto zingasisiza sikwazi ukuxhumana nabanye kungakhathaliseki ukuthi sikuphi. Nakuba lokhu kungase kube usizo, kumelwe siqaphele ukuba singavumeli ukusebenzisa omakhalekhukhwini nama-pager ngezikhathi ezingafanele kuphazamise enkonzweni yethu noma emihlanganweni yobuKristu. Kungenzeka kanjani lokhu?
Cabanga ukuthi umphumela ubungaba yini uma umakhalekhukhwini noma i-pager yakho ibingakhala usafakaza enkonzweni yasensimini. Yini umninikhaya abengayicabanga? Singamshiya enamuphi umbono uma sinqamula ingxoxo ukuze siphendule ucingo? Ngokuqinisekile singethande ukwenza noma yini engathiya abanye ekulaleleni isigijimi soMbuso. (2 Kor. 6:3) Ngakho, uma siphethe umakhalekhukhwini noma i-pager, kufanele siyivale ukuze ingasiphazamisi thina noma abanye lapho sisenkonzweni yasensimini.
Kuthiwani uma silindile lapho abanye besafakaza? Uma sibekele eceleni isikhathi senkonzo yasensimini, akufanele yini izingqondo zethu zigxile kulowo msebenzi? Sizani nizisingathe ngesinye isikhathi izindaba zomuntu siqu noma zobungane ezingadingekile, nihlonipha inkonzo yethu engcwele. (Roma 12:7) Nokho, lokhu akusho ukuthi akufanele sisebenzise ucingo ukuze siqhubeke sifakaza noma sibeke isikhathi sokufakaza.
Kumelwe siqaphele kakhulu uma sisebenzisa umakhalekhukhwini lapho sishayela, ngoba ucwaningo lubonisa ukuthi ukwenza kanjalo kuwandisa kakhulu amathuba okuhileleka engozini. Umthetho waseNingizimu Afrika uyakwenqabela ukusebenzisa umakhalekhukhwini lapho ushayela, ngaphandle kwalapho unethuluzi lokukhuluma ngawo ungawubambile (hands-free kit). Kufanele siqiniseke ukuthi siyawugcina lo mthetho.
Injongo yokuza emihlanganweni yobuKristu yebandla, emihlanganweni emincane nemikhulu iwukuba sizokhulekela uJehova futhi sifundiswe nguye. Akufanele yini ukwazisa ubungcwele balezi zikhathi busishukumisele ukuba sivale omakhalekhukhwini nama-pager ukuze angasiphazamisi thina nabanye? Uma kunodaba oluphuthumayo oludinga ukunakekelwa ngokushesha, kufanele silusingathele ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ngaphandle kwalokho, kufanele sihlele ukuba sisingathe izindaba zethu nezingahlobene nokukhulekela ngezinye izikhathi, hhayi ngalezo ezibekelwe ukukhulekela.—1 Kor. 10:24.
Kwangathi indlela esibasebenzisa ngayo omakhalekhukhwini nanoma yiziphi ezinye izinto zezokuxhumana ngaso sonke isikhathi ingabonisa ukuthi siyabakhathalela abanye futhi sizazisa ngokujulile izinto ezingokomoya.