IBhokisi Lemibuzo
◼ Iziphi izimiso zeBhayibheli esingazilandela ekusebenziseni omakhalekhukhwini phakathi nemihlangano yobuKristu nalapho sisenkonzweni?
“Kukhona Isikhathi Esimisiwe Sayo Yonke Into.” (UmSh. 3:1): Omakhalekhukhwini benza abantu bakwazi ukuthumelelana imiyalezo noma bakhulume nabanye cishe noma nini. Kodwa, kunezikhathi lapho amaKristu engafuni ukuphazanyiswa khona izingcingo. Ngokwesibonelo, imihlangano yethu iyizikhathi zokukhulekela uJehova, zokuthola iziqondiso ezingokomoya nezokujabulela izingxoxo ezikhuthazayo. (Dut. 31:12; IHu. 22:22; Roma 1:11, 1) Singabacima yini omakhalekhukhwini bethu uma sifika eHholo LoMbuso futhi sihlole imiyalezo ngemva komhlangano? Uma kunesimo esiphuthumayo esingase sivele esenza kudingeke ukuba ucingo lwethu luhlale luvuliwe, kufanele silucuphe ngendlela yokuba lungabaphazamisi abanye.
‘Yenza Zonke Izinto Ngenxa Yezindaba Ezinhle.’ (1 Kor. 9:23): Ngezinye izikhathi, kuba nesizathu esizwakalayo sokusebenzisa umakhalekhukhwini enkonzweni. Ngokwesibonelo, umzalwane oholayo angase awusebenzise ukuze athintane nabanye abashumayela kwezinye izingxenye zensimu. Ngezinye izikhathi abamemezeli basebenzisa umakhalekhukhwini ukuze bathinte umuntu othakazelayo noma abamfundela iBhayibheli ngaphambi kokuba baye kuye, ikakhulukazi uma lowo muntu ehlala kujana. Uma siphethe ucingo, kufanele siqaphele ukuthi alusiphazamisi lapho sisaxoxa nomninikhaya. (2 Kor. 6:3) Kunokuba sishayele abangane bethu ucingo noma sibathumelele imiyalezo njengoba silinde abanye abamemezeli, bekungeke yini kube ngcono ukugxila enkonzweni nakulabo esisebenza nabo?
Cabangela Abanye. (1 Kor. 10:24; Fil. 2:4): Akufanele neze sikudebeselele ukufika ngesikhathi emihlanganweni yenkonzo yasensimini sinomqondo wokuthi sizothinta abanye ngocingo noma ngokubathumelela umyalezo ukuze sizwe ukuthi iqembu lisebenza kuyiphi insimu. Uma sifika ngemva kwesikhathi, ngokuvamile kudingeka iqembu liphinde labiwe kabusha. Yiqiniso, ngezinye izikhathi izimo esingenakuzilawula zingasenza sifike ngemva kwesikhathi. Kodwa, uma sikwenza umkhuba ukufika ngesikhathi, sibonisa inhlonipho ngelungiselelo likaJehova, nokumcabangela umzalwane oholayo kanye nabanye abamemezeli.