Khumbula Asebekhulile Abathembekile
1 Nakuba ayengumfelokazi futhi esekhulile impela, u-Ana oneminyaka engu-84 ubudala ‘wayengakaze aphuthe ethempelini.’ Ukuthembeka kwakhe kwashukumisela uJehova ukuba ambusise ngokukhethekile. (Luka 2:36-38) Namuhla, abafowethu nodadewethu abaningi babonisa umoya onjengoka-Ana naphezu kwezimo ezinzima. Uma abantu abathembekile bebhekana nezinkinga zempilo noma ukulinganiselwa ngenxa yokukhula, ngezinye izikhathi bangase bazizwe bedumazekile. Ake sicabangele ezinye zezindlela ezingokoqobo esingabakhuthaza futhi sibasize ngazo ukuze balondoloze isimiso esihle esingokomoya.
2 Imihlangano Yebandla Nenkonzo: Lapho abanye ngothando bebalungiselela izinto zokuhamba, kungase kube lula ngabaningi asebekhulile abathembekile ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu. Lokhu kuyazakha ngokomoya lezi zinceku ezithembekile ezingomakad’ ebona kulizuzise nebandla. Usuke wahlanganyela yini kulo msebenzi omuhle?—Heb. 13:16.
3 Ukuhlanganyela njalo enkonzweni kulethela amaKristu eqiniso injabulo nokwaneliseka. Kodwa asebekhulile nababuthaka bangase bakuthole kuyinselele ukwenza kanjalo. Ungakwazi yini ukuhlela ukuba omunye walaba abathandekayo ahlanganyele nawe esicini esithile somsebenzi wokufakaza ‘njengesisebenzi esikanye nawe’? (Roma 16:3, 9, 21) Mhlawumbe ungase ummeme ukuba ahlanganyele nawe ekufakazeni ngocingo noma aye nawe empindelweni noma esifundweni seBhayibheli. Uma lowo osekhulile evaleleke endlini, ingabe umuntu ofundelwa iBhayibheli angeza yini emzini walona osekhulile azofundela khona?
4 Isifundo Nobudlelwane: Ngezinye izikhathi, abanye bamemela osekhulile noma osebuthaka esifundweni sabo somkhaya, baze baqhubele leso sifundo emzini walona osekhulile. Umama othile waya nezingane zakhe ezimbili emzini womunye udade osekhulile ukuze ayofunda nazo INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, futhi bonke babujabulela lobo budlelwane. Abantu abanjalo bayakujabulela nokumenyelwa esidlweni noma emicimbini ethile. Uma abagulayo bebuthaka kakhulu ukuba bahlale nezivakashi isikhathi eside, mhlawumbe ungashaya ucingo noma uthi gqi kubo ukuze ubafundele, uthandaze nabo, noma ubalandise okuhlangenwe nakho okwakhayo.—Roma 1:11, 12.
5 UJehova uyabazisa asebekhulile abathembekile. (Heb. 6:10, 11) Singamlingisa ngokuveza indlela esibazisa ngayo nangokubasiza ukuba balondoloze isimiso esihle esingokomoya.