Amalungiselelo Okusisiza Ukuba Siyeke Igazi
Abamemezeli ababhapathiziwe abágcwalisa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release (md) noma i-Identity Card (ic) esikhathini esidlule, lingenalo usuku elanyatheliswa ngalo noma elalino-3/99 njengosuku elanyatheliswa ngalo, ngeke kudingeke bagcwalise elinye kulo nyaka. EMhlanganweni Wenkonzo wangesonto lika-January 26, unobhala kufanele abe nenani elanele lamakhadi azowanikeza abamemezeli abasanda kubhapathizwa, izingane zabo nalabo abadinga amasha. Uma ibandla lingenawo amakhadi anele, unobhala angakhuluma namabandla aseduze noma a-ode amanye amakhadi e-odeni lebandla lezincwadi elilandelayo.
Amakhadi kufanele agcwaliswe ngokucophelela ekhaya kodwa ANGASAYINWA. ESifundweni Sencwadi Sebandla esilandelayo, amakhadi kufanele asayinwe, kusayine nofakazi abese ebhalwa usuku asayinwe ngalo. Umbonisi wesifundo sencwadi angasiza, uma kudingekile. Ofakazi kufanele bambone ngempela umnikazi wekhadi lapho elisayina.
Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela bona iziqondiso kanye nezingane zabo belandela lokho okubhalwe ekhadini i-Advance Medical Directive/Release nakuyi-Identity Card.